Isinyathelo 3
Sebenzisani Igunya Lenu
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Umagazini i-Parents uthi ucwaningo lubonisa ukuthi “izingane ezikhuliswa abazali abanothando kodwa abasebenzisa igunya labo—abazisekelayo izingane zabo kodwa ababeka imingcele eqinile—ziqhuba kahle esikoleni, ziba namakhono angcono okusebenzelana nabanye, ziyazethemba futhi zijabule uma ziqhathaniswa nezingane ezinabazali abazitotosayo noma abanokhahlo ngokweqile.”
Inselele: Kusukela ziseyizinsana zize zeve eminyakeni eyishumi nambili, izingane ziyolibekela inselele njalo igunya lenu phezu kwazo. UJohn Rosemond, umlobi wencwadi ethi Parent Power!, uyabhala: “Izingane ziyashesha ukubona uma abazali besaba ukusebenzisa igunya futhi bengase bayekelele. Endabeni yokuthi ‘Ubani oshaya umthetho?,’ uma abazali bengawushayi umthetho, uzoshaywa yizingane.”
Ikhambi: Ungakhathazeki ngokuthi uyokwenza izingane zakho zizizwe zilahliwe noma uziphule inhliziyo uma usebenzisa igunya lakho. UJehova uNkulunkulu, uMsunguli wokuphila komkhaya, akahlosile ukuba izingane zibe nezwi elilingana nelabazali ekutheni umkhaya kufanele uphathwe kanjani. Kunalokho, unike abazali igunya futhi uyala izingane: “Lalelani abazali benu.”—Efesu 3:14, 15; 6:1-4.
Ningalisebenzisa igunya lenu ngaphandle kokuba omashiqela. Kanjani? Ngokulandela isibonelo sikaJehova. Unamandla okuphoqa izingane zakhe ezingabantu ukuba zenze intando yakhe, kodwa usinxusa ukuba sibonise izimfanelo ezinhle. IZwi lakhe lithi: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula.” (Isaya 48:18) UJehova ufuna ukuba simlalele, hhayi ngoba simesaba ngendlela ekhwantabalisayo, kodwa ngoba simthanda. (1 Johane 5:3) Uyalinganisela kulokho akufuna kithi futhi uyazi ukuthi siyozuza uma siphila ngezindinganiso zakhe zokuziphatha.—IHubo 19:7-11.
Ungasitholaphi isibindi sokusebenzisa igunya lakho lobuzali ngendlela elinganiselayo? Okokuqala, kudingeka uqiniseke ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba ukwenze lokhu. Okwesibili, kumelwe uqiniseke ukuthi ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha kukulungele wena nezingane zakho.—Roma 12:2.
Yini okumelwe uyenze ngokukhethekile ukuze usebenzise igunya lakho?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Yala izingane zakho, futhi . . . ziyokwenza inhliziyo yakho ithokoze.”—IzAga 29:17, New Revised Standard Version