Sakuthola Esasikufuna
Njengoba ilandiswa nguBert Tallman
Ngiyajabula lapho ngikhumbula ukuphila kwami ngisengumfanyana eBlood Reserve, umphakathi waboMdabu oyingxenye yeSizwe samaBlackfoot e-Alberta, eCanada. Sasihlala budebuduze nokhahlamba iRocky eCanada neChibi elihle iLouise.
NGIZALWA emkhayeni onabafana abangu-7 namantombazane amabili. Mina nabafowethu nodadewethu sasivame ukuhlala kwagogo. Wayezikhandla futhi wasifundisa indlela yokuphila engokwesiko ezaziphila ngayo izizukulwane eziningi zamaBlackfoot ngaphambi kwethu. Safunda indlela yokukha amajikijolo asendle, ukupheka ukudla komdabu nokulima. Umkhulu nobaba babevame ukuhamba nami lapho beyozingela noma beyodoba. Sasizingela izinyamazane ukuze sithole ukudla nesikhumba sazo. Abazali bethu babezikhandla futhi benza konke okusemandleni ukuze basakhele ikhaya elithokomele. Ngangikujabulela ukuhlala kule ndawo.
Kodwa konke kwashintsha lapho ugogo eshona ngo-1963. Ngenxa yokuthi ngangiseneminyaka emihlanu ubudala, lesi senzakalo sangidida kakhulu. Akukho engakuzwa okwangiduduza. Ngisho nangesikhathi ngisemncane, ngangizibuza, ‘Uma ekhona uMdali, ukuphi? Kungani abantu befa?’ Ngezinye izikhathi ngangibubula ngenxa yokukhungatheka. Lapho abazali bami bengibuza ukuthi kwenzenjani, ngangimane ngithi ngizwa ihlaba.
Ukuhlangana Nabelungu
Ngaphambi kokushona kukagogo, sasingavamile ukuhlangana nabelungu. Uma kwenzeka sibabona, ngangivame ukuzwa abantu bethi: “Nasi esinye isikhohlakali, umlungu oyigovu, ongenaluzwela. Akubona abantu laba.” Ngaxwayiswa ngokuthi bambalwa kakhulu abelungu abaqotho nokuthi akufanele ngibethembe. Nakuba ngangifisa ukuhlangana nabo, ngangihlala ngiqaphile ngoba abelungu endaweni yakithi babevame ukuhlekisa ngathi futhi besiklolodela.
Ngemva nje kokushona kukagogo, abazali bami baqala ukuphuza ngokweqile, okwenza leyo minyaka yaba buhlungu ekuphileni kwami. Lapho sengineminyaka engu-8 ubudala, saqala ukuvakashelwa amaMormon amabili. Ayebonakala elungile. Abazali bami bavumelana nokusikisela kwawo kokuba ngisiswe. Ngatshelwa ukuthi kwakuzothathwa izingane zaboMdabu ziyohlala nabelungu. Ngokusobala, ngenxa yezimo zabo, abazali bami bacabanga ukuthi kungcono ukuba ngiyohlala nomunye umkhaya. Ngashaqeka futhi ngadumala, ngoba ngangizwe abazali bami bethi awunakubethemba abelungu. Ngangingafuni ukuhamba, futhi ngazama ukukugwema. Ekugcineni, ngavuma lapho abazali bengiqinisekisa ukuthi umfowethu omdala uzohamba nami.
Kodwa lapho sifika eVancouver, eBritish Columbia, mina nomfowethu sahlukaniswa, mina ngayiswa endaweni eqhele ngamakhilomitha ayikhulu! Ngakhungatheka. Nakuba umkhaya engahlala nawo wawulungile, kwakubuhlungu futhi ngangesaba. Ngabuyela ekhaya cishe ezinyangeni eziyishumi kamuva.
Ukuba Sekhaya Nabazali Bami
Nakuba isimo sasekhaya sasingakashintshi kangako, ngangijabule ngokubuyela khona. Lapho ngineminyaka engaba ngu-12, abazali bami babuyeka utshwala. Lokho kwaletha impumuzo, kodwa nami ukuphila kwami kwase kushintshile, ngoba ngase ngiqale ukusebenzisa izidakamizwa notshwala. Abazali bami bangikhuthaza ukuba ngizame ezinye izinto, kuhlanganise nomdlalo wokugibela izilwane (rodeo), engangiwujabulela kakhulu. Lo mdlalo wawudinga isibindi. Ngafunda ukugibela izinkunzi ezitshakadulayo imizuzwana engu-8 ngaphandle kokuwa, kuyilapho ngibambelele endophini eboshelwe esiswini senkunzi ngesandla esisodwa.
Lapho sengiyibhungwana, abadala besizwe sakithi bangifaka enkolweni yaboMdabu. Ngayithanda kakhulu, ngoba ngangingazihloniphi izinkolo okuthiwa ezabelungu. Ngacabanga ukuthi amasiko amaBlackfoot ayebonakala ekhuthaza umusa nobulungisa obabungekho ezinkolweni eziningi “zobuKristu.” Ngangikhululekile phakathi kwaboMdabu, ngijabulela amancoko nobungane obabukhona phakathi kwemikhaya nabangane.
Cishe ngalesi sikhathi ngafunda nangokuphathwa ngendlela engenabulungisa okwase kungamakhulu eminyaka aboMdabu bebhekene nakho. Ngatshelwa ukuthi abelungu babesakaze izifo kubantu bakithi futhi basiphuca indlela yethu yokuziphilisa ngokuqothula izinyathi. Empeleni, kubikwa ukuthi uSigaxamabhande uR. I. Dodge weButho Lempi Lase-United States, wathi: “Bulalani zonke izinyathi. Ukufa kwenyathi eyodwa ukufa kweNdiya elilodwa.” Ngezwa ukuthi lesi simo sengqondo sawadikibalisa amaBlackfoot futhi azizwa engelutho.
Ngaphezu kwalokho, abanye abaholi bakahulumeni, kanye nozakwabo bezenkolo, ngokuzimisela okukhulu babenze imizamo yokuhlanganisa aboMdabu nezinye izizwe futhi babaguqule, ngoba babebabheka njengamaqaba. Babekholelwa ukuthi yonke into yaboMdabu kufanele ishintshwe—kuhlanganise nesiko labo, izinkolelo, ukuziphatha nolimi lwabo—ukuze bavumelane nendlela yokuphila yabelungu. ECanada, izingane ezithile zaboMdabu zazihlukunyezwa ezikoleni zendawo eziphethwe inkolo. Ezinye zagcina sezidla izidakamizwa, ziphila ngobudlova futhi zizibulala—izinkinga ezisaqhubeka nanamuhla ezindaweni zaboMdabu.
Ukuze babalekele lezi zinkinga, abanye boMdabu banquma ukushiya isiko lamaBlackfoot. Bakhetha ukukhuluma isiNgisi nezingane zabo kunokukhuluma isiBlackfoot, futhi bazama ukwamukela ezinye zezindlela zabelungu. Nokho, esikhundleni sokwamukeleka, abaningi babehlekwa usulu, hhayi nje abelungu kuphela kodwa nangabantu boMdabu, ababebabiza ngokuthi “amaNdiya angama-apula”—babomvu ngaphandle kodwa bamhlophe ngaphakathi.
Kwakudabukisa ukubona aboMdabu behlupheka kangaka. Ngangifisa ukubona izimo ezingcono kubantu bakithi nakwabanye kulo lonke elaseCanada nase-United States.
Ngangilangazelela Izimpendulo
Njengebhungu, ngangicabanga ukuthi ngeke ngamukeleke kwabanye. Ngokuvamile ukuzinyeza kwami kwakungenza ngibe nenzondo. Ngaze ngaqala nokubazonda abelungu. Kodwa abazali bami nobabekazi bangixwayisa ngokufukamela inzondo nempindiselo; kunalokho, bangikhuthaza ukuba ngithethelele ngibonise nothando futhi ngingabanaki abantu abanobandlululo. Kamuva ngathola ukuthi lesi seluleko sasivumelana nezimiso zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, ngangisafuna izimpendulo zemibuzo eyayingihlupha ngisemncane. Ngaqala nokuzibuza ukuthi kungani silapha emhlabeni nokuthi kungani ukungabi nabulungisa kuqhubeka. Ukuphila isikhashana bese siyafa kwakungenangqondo kimi. Ngangididekile.
Ngangithunywa ukuba ngivule umnyango njalo lapho kufika oFakazi BakaJehova ekhaya. Ngangibahlonipha ngoba babebonakala bengenalo ubandlululo. Nakuba ngangingenamazwi okubeka imibuzo yami, sasiba nezingxoxo ezithakazelisayo njalo. Ngikhumbula ngesinye isikhathi ngivakashelwe uJohn Brewster noHarry Callihoo, oFakazi abangamaBlackfoot. Saxoxa isikhathi eside njengoba sasinqamula enkangala. Ngathatha incwadi futhi ngafunda cishe ingxenye yayo ngaphambi kokuba iduke.
Ngaba Umgibeli Wezilwane
Ngacela iseluleko kwabadala endaweni yakithi. Nakuba ngangisazisa iseluleko sabo esicatshangelwe kahle, angizitholanga izimpendulo ezanelisayo zemibuzo enganginayo ngokuphila. Lapho sengineminyaka engu-16, ngahamba ekhaya futhi ngahileleka emincintiswaneni yokugibela izilwane. Emicimbini engangiya kuyo ngemva kwemincintiswano ngokuvamile kwakuphuzwa kakhulu futhi kusetshenziswa kabi izidakamizwa. Unembeza wami wawungihlupha ngoba ngangazi ukuthi ukuziphatha okunjalo akulungile futhi nginomuzwa wokuthi uNkulunkulu akajabuli ngendlela engiphila ngayo. Ngangivame ukuthandaza kuMdali ngicela usizo lokwenza okulungile nokuthola izimpendulo zemibuzo eyayisangikhathaza.
Ngo-1978, lapho ngiseCalgary, ngahlangana nentombi yoMdabu okuthiwa uRose. Yayizalwa umBlackfoot nomCree. Sasithanda izinto ezifanayo, futhi sasithululelana izifuba. Sathandana futhi sashada ngo-1979. Umkhaya wethu wanda ngokuzalwa kwendodakazi yethu uCarma nendodana, uJared. URose uye wazibonakalisa eyinkosikazi eqotho, engisekayo nomama omuhle. Ngolunye usuku lapho mina nomkhaya wami sivakashele umfowethu omdala, ngathola incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a Engakufunda kwangithakazelisa futhi kwakubonakala kunengqondo ngempela. Kodwa lapho ngiqala ukuba nomuzwa wokuthi ngiyasiqonda isigijimi seBhayibheli, ngafika engxenyeni yale ncwadi eyayinamakhasi adatshuliwe. Mina noRose senza umzamo wokuthola lawo makhasi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Noma kunjalo, ngaqhubeka ngithandazela usizo.
Ukuvakashela Umpristi
Entwasahlobo ka-1984, uRose wabeletha ingane yethu yesithathu, indodakazi yethu enhle uKayla. Kodwa ngemva nje kwezinyanga ezimbili, uKayla washona ngenxa yesifo senhliziyo azalwa naso. Sakhungatheka, ngaswela nendlela yokududuza uRose. Wangicela ukuba ngiye naye kumpristi ongumKatolika endaweni yakithi siyothola induduzo nezimpendulo zemibuzo yethu.
Sambuza ukuthi kungani indodakazi yethu ishonile nokuthi yayikuphi. Wasitshela ukuthi uNkulunkulu uthathe uKayla ngoba edinga enye ingelosi. Ngacabanga, ‘Kungani uNkulunkulu ebengathatha indodakazi yethu ukuze ibe ingelosi uma enguMdali onguMninimandla onke? Usana olungenakuzisiza lwaluzomsiza ngani?’ Lo mpristi akazange alivule iBhayibheli. Saphuma lapho singenathemba.
Umthandazo Wawungamandla Ethu
Ngomunye uMsombuluko ekuseni ekupheleni kuka-November 1984, ngathandaza isikhathi eside, nginxusa uNkulunkulu ukuba angisize ngibe umuntu ongcono, ngiqonde ukuthi kwenzekani nokuthi iyini injongo yokuphila. Ngalo lolo suku, kwafika uDiana Bellemy noKaren Scott, oFakazi BakaJehova ababili. Babeqotho ngempela futhi benomusa, bezimisele ukubeka isigijimi sabo. Ngalalela, ngathatha iBhayibheli nencwadi enesihloko esithi Ukusindela Emhlabeni Omusha,b futhi ngavuma ukuba uDiana aphinde abuye nomyeni wakhe, uDarryl, kamuva kulelo sonto.
Ngabona sebehambile ukuthi kumelwe ukuba lena kwakuyimpendulo yomthandazo wami. Ngangijabule kangangokuthi ngangehla ngenyuka endlini, ngilinde uRose ukuba abuye emsebenzini ukuze ngimtshele okwakwenzekile. Ngamangala lapho uRose engitshela ukuthi naye wayethandazile ngayizolo, ecela uNkulunkulu ukuba amsize athole inkolo efanele. Ngalolo Lwesihlanu, saba nesifundo sethu sokuqala seBhayibheli. Kamuva sezwa ukuthi ngosuku uKaren noDiana abasivakashela ngalo, babengayitholanga imizi ababehlose ukushumayela kuyo. Nokho, lapho bebona umuzi wethu, bazizwa beshukumiseleka ukuba basivakashele.
Ngiyazithola Izimpendulo Zemibuzo Yami—Ekugcineni!
Umkhaya wakithi nabangane bamangala, futhi ekuqaleni abazange basithandisise lapho siqala ukufunda iBhayibheli. Babe sebesicindezela ngokuthi sidlala ngokuphila kwethu futhi asiwasebenzisi amakhono ethu ngokugcwele. Nokho, sanquma ukuthi ngeke simfulathele uMngane wethu omusha, uMdali wethu, uJehova. Phela, sase sithole okuthile okuyigugu—amaqiniso amangalisayo nezimfihlo ezingcwele eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Mathewu 13:52) Mina noRose sabhapathizwa njengoFakazi BakaJehova ngo-December 1985. Manje izihlobo zethu ziyabahlonipha kakhulu oFakazi BakaJehova, ngoba sezibone izinguquko ezintsha ekuphileni kwethu selokhu sabhapathizwa.
Yebo, ngakuthola engangikufuna! IBhayibheli liphendula imibuzo ebalulekile ngendlela elula nenengqondo. Nganeliseka lapho ngifunda ngenjongo yokuphila, ukuthi kungani sifa nangesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi singabuye sihlangane nendodakazi yethu uKayla futhi siyibone ikhula ngaphansi kwezimo eziphelele. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:4) Ngokuhamba kwesikhathi, ngafunda nokuthi akufanele sixhaphaze imizimba yethu, singayibonisi inhlonipho ngokuphila, noma sibhebhezele ukuncintisana. (Galathiya 5:26) Kwakuyisinqumo esinzima, kodwa ngakhetha ukuyeka ukugibela izinkunzi nezilwane ukuze ngithokozise uNkulunkulu.
Ulwazi olunembile oluseBhayibhelini luye lwasikhulula ekukholelweni ezeni okuhlupha abantu abaningi boMdabu, njengenkolelo yokuthi ukuvakasha kwesikhova noma ukushaya kwenja umkhulungwane kungaholela ekufeni kwelungu lomkhaya. Asisenalo uvalo lokuthi imimoya engabonakali yezidalwa noma izinto ezingaphili ingasilimaza. (IHubo 56:4; Johane 8:32) Manje siyayazisa indalo kaJehova emangalisayo. Nginabangane bezinhlanga eziningi engibabiza ngabafowethu nodadewethu, abangasibukeli phansi futhi abasibheka njengezinceku zikaNkulunkulu ezikanye nabo. (IzEnzo 10:34, 35) Abaningi babo benza umzamo wokufunda ngesiko nezinkolelo zethu zoMdabu nokukhuluma isiBlackfoot ukuze bakwazi ukuhlanganyela nabanye isigijimi seBhayibheli ngendlela ephumelelayo.
Umkhaya wethu uhlala eBlood Reserve, eningizimu ye-Alberta, futhi sinepulazi elincane lezilwane khona. Sisalijabulela isiko laboMdabu—kuhlanganise nokudla, umculo nomdanso ongokwesiko. Asihlanganyeli njalo emidansweni yokuzijabulisa engokwesiko, ngezinye izikhathi okuthiwa ama-powwow, kodwa siyakujabulela ukuyibukela uma kufaneleka. Ngiye ngazama nokufundisa izingane zethu isiko lazo lomdabu nesiBlackfoot. AboMdabu abaningi baziwa ngezimfanelo ezinhle njengomusa, ukuthobeka nokuwukhathalela ngothando umkhaya nabangane. Baziwa nangokungenisa izihambi nokuhlonipha abanye abantu, kuhlanganise nabezizinda ezihlukahlukene. Ngisazikhonzile lezo zinto.
Okusijabulisa kakhulu ukusebenzisa isikhathi sethu nengcebo ekusizeni abanye bafunde ngoJehova futhi bamthande. Indodana yethu, uJared, iyivolontiya ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eduze naseToronto. Nginelungelo lokukhonza njengomdala eBandleni LaseMacleod esihlanganyela kulo, futhi mina, uRose noCarma singamaphayona avamile, noma abashumayeli besikhathi esigcwele. Kuyinjabulo ukushumayela ngesiBlackfoot sakithi. Kuyajabulisa ukubona abanye bamukela iqiniso ngoMdali nezinjongo zakhe.
IBhayibheli lithi ngoJehova: “Uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe.” (1 IziKronike 28:9) Ngiyabonga ngokuthi uye wasifeza isithembiso sakhe ngokungisiza mina nomkhaya wami ukuba sithole esasikufuna.
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova, kodwa manje ayisanyatheliswa.
b Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova, kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
‘Uma ekhona uMdali, ukuphi? Kungani abantu befa?’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 16]
‘AboMdabu abaningi baziwa ngezimfanelo ezinhle njengomusa nokuthobeka’
[Isithombe ekhasini 12]
Ugogo wangifundisa isiko labomdabu lamaBlackfoot
[Isithombe ekhasini 15]
Ngahileleka ngokugcwele emdlalweni wokugibela izilwane
[Isithombe ekhasini 15]
Ipheshana elikhethekile elithi “You Can Trust the Creator” liyatholakala ngesiBlackfoot nangezinye izilimi
[Isithombe ekhasini 15]
Manje ngijabulela ukuhlanganyela ulwazi lweBhayibheli nabanye
[Isithombe ekhasini 15]
Nginomkhaya wami namuhla