Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/09 kk. 8-9
  • Abazali Bangasiza Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abazali Bangasiza Kanjani?
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
  • Bazali—Melelani Izingane Zenu
    I-Phaphama!—1994
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    I-Phaphama!—2008
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 4/09 kk. 8-9

Abazali Bangasiza Kanjani?

INHLANGANO ethile yezemfundo e-United States ibekela abafundi besikole esiphakeme le nselele: “Bonisa ukuthi uzimisele ukuzikhandla kuze kube sekugcineni.” Njengoba bekhuthazwa ukuba bafinyelele imigomo yabo, abasha abathile bazikhandla ngaphezu kwamandla abo. UMadeline Levine, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wabhala: “Phakathi kwezifundo zasesikoleni ezisheshayo, imisebenzi eminingi eyenziwa ngemva kwesikole, ukuhlonyiselwa isikole esiphakeme noma ikolishi kusengaphambili, ukusebenza nabaqeqeshi nothisha abakhethekile abaqashelwe ukuzikhuthaza ukuba zizikhandle, izingane eziningi zizithola zisengcupheni yokufaka impilo yazo engozini.” Izingane ezikuleso simo zingalimala ngokomzimba nangokomzwelo.

Uma ukhathazekile ngokucindezeleka ingane yakho ebhekana nakho esikoleni, iya esikoleni wena mathupha. Xoxa nothisha, abeluleki nabaphathi besikole. Batshele lokho okuphawulayo. Unelungelo lokwenza kanjalo.

IBhayibheli likhuthaza abazali ukuba banakisise indlela izingane zabo ezikhula ngayo. UMose watshela abazali besizwe sakwa-Israyeli: ‘Kumelwe uyigxilise [imithetho kaNkulunkulu] kubantwana bakho futhi ukhulume ngayo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.’—Duteronomi 6:7.

Ukuba nesithakazelo esiqotho emfundweni yengane yakho akukhona ukugxambukela. Kubonisa ukuthi uyisekela ngothando. Futhi lokho kungafeza lukhulu ekunciphiseni ukucindezeleka kwayo esikoleni.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Khuluma ngokucindezeleka kwengane yakho nothisha kanye nabeluleki bayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela