Isimiso Esizithungathela Indlela
KUNGENZEKA uyazi ukuthi kungaba nzima kangakanani ukuthola indlela edolobheni ongalijwayele. Khona-ke itilosi lingayithola kanjani indlela olwandle olungenazo izimpawu zendlela? Ukuba nekhampasi nje kukodwa akwanele ngaphandle kokuba itilosi lazi ukuthi likuphi uma liqhathanisa nendawo eliya kuyo. Kwaze kwaba yilapho kusungulwa i-sextant newashi okuthiwa i-marine chronometer ngawo-1730, lapho amatilosi akwazi khona ukuthola ukuthi akuphi nendawo abese ebhala umzila azohamba ngawo ebalazweni—kodwa isikhathi ngasinye kwakudingeka achithe amahora amaningi ebala.
Emazweni amaningi namuhla abashayeli bathola indlela ngokusebenzisa umshini ongabizi kangako osebenza nge-Global Positioning System (GPS). Umane ufake ikheli lalapho uya khona. Lo mshini ungakubonisa ukuthi ukuphi. Ube usukuqondisa lapho ufuna ukuya khona. Usebenza kanjani lo mshini?
Imishini yokuthungatha indlela esebenza ngesiphuphutheki incike eziphuphuthekini ezingaba ngu-30, ngasinye esiveza izimpawu ezisho ngokunembile ukuthi ukuphi. Uma lo mshini usuyitholile imiyalezo evela kwezinye iziphuphutheki, uyakwazi ukukala ngokunembile ukuthi lowo myalezo uthatha isikhathi esingakanani ukusuka esiphuphuthekini uza kuwo. Njengoba usunalokhu kwaziswa, lo mshini ube usukwazi ukusho ukuthi ukuphi. Yeka ukuthi kuhilela izibalo eziyinkimbinkimbi kangakanani lokhu! Ngemizuzwana embalwa, ubalisisa ibanga eliya eziphuphuthekini ezintathu, ngasinye esiqhele ngamakhilomitha amaningi futhi esiya endaweni engafani neyesinye ngejubane elingamakhilomitha amaningi ngomzuzwana.
Oprofesa uBradford Parkinson no-Ivan Getting basungula i-GPS emuva ngawo-1960. Nakuba ekuqaleni yayenzelwe ukusetshenziswa abezempi, kamuva nomphakathi wakwazi ukuyithola, yasetshenziswa ngokugcwele ngo-1996. Ukutholakala kwe-GPS kuwumsebenzi omangalisayo wobuchwepheshe bama-computer, kodwa ingabe yayiyithuluzi lokuqala lesimiso esizithungathela indlela?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]
Globe: Based on NASA photo