Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/11 kk. 14-17
  • Isizotha Nobuhle Obumangalisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizotha Nobuhle Obumangalisayo
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Abathandi Balo Abalibheka Ngayo
  • Lisuka E-Arabhiya Liya EPoland
  • Ukunakekelwa Kwawo Nsuku Zonke
  • Ikusasa Lehhashi
  • Amahhashi Ayewukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1993
  • Basalima Ngamahhashi
    I-Phaphama!—1996
  • I-October Fair—“Umbukiso Wamahhashi Wezizwe Omdala Kakhulu EYurophu”
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuphela Kwabo Bonke Ububi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 4/11 kk. 14-17

Isizotha Nobuhle Obumangalisayo

“Ngavele ngawathanda amahhashi. Mahle futhi azothe ngendlela engavamile.”—UTOMASZ, UCHWEPHESHE WOKUZALANISA AMAHHASHI.

ABANINGI babheka amahhashi njengesilwane esihle kunazo zonke, ngenxa yesizotha namandla awo lapho eqala ukugabavula ngezinselo zawo, ethimulela phezulu futhi egijima ngesikhulu isibindi. Awumbukwane omuhle ngempela.

Phakathi namakhulu eminyaka, ezindaweni ezihlukahlukene nezinezimo zezulu ezingafani, kuye kwazalaniswa izinhlobo ezihlukahlukene zamahhashi. Ihhashi lemvelo lase-Arabhiya, libhekwa njengelihle kunazo zonke izinhlobo zamahhashi. Kuthiwa liyashesha ukucasuka, linamandla, linejubane, alisheshi ukukhathala futhi lihlakaniphe ngendlela eyenza ukuba lisebenziseke kahle kwezemidlalo.

Ngokuthakazelisayo, iPoland, izwe eliseNkabeni yeYurophu, inomlando omude wokuzalanisa lolu hlobo lwamahhashi. Abazalanisi nochwepheshe bawo, bathi amahhashi ase-Arabhiya ohlobo oluyigugu kakhulu futhi olungaxubile, ahlobene nePoland. Kungani kunjalo? Lo mbuzo kanye neminye siyibuze abazalanisi nabaphathi balo mkhakha.

Indlela Abathandi Balo Abalibheka Ngayo

Zisuka nje, ake sithole okwengeziwe ngaleli hhashi lemvelo lase-Arabhiya. Lolu hlobo lwehhashi, njalo luhlotshaniswa neMpumalanga Ephakathi. UTomasz, umthandi wamahhashi, uyachaza: “Sekungamakhulu eminyaka izizwe zamaBedouin zihlakulela futhi zilondoloza ubumsulwa baleli hhashi lase-Arabhiya. Ngenxa yokukhetha nokunaka kwabazalanisi bamahhashi, laba khona leli hhashi eliyingqayizivele. Ngokuvamile, la mahhashi aba nombala ompunga, ompofu, onsundu ngokubomvu; kanti kuyenzeka uthole elimnyama.”

UŻaneta, ongumzalanisi wala mahhashi, uthi: “Mahle ngendlela engavamile futhi kuthiwa awuhlobo oludala nolumsulwa kunawo wonke amahhashi.” Awaziwa nje ngokuba nolaka kuphela kodwa ananesibindi futhi awasheshi ukukhathala. Amaphaphu anamandla aleli hhashi—avaleleke esifubeni salo esibanzi—alenza likufanelekele kahle ukuhamba ngalo amabanga amade.

Lisuka E-Arabhiya Liya EPoland

Sabuza uTomasz, ofuye amahhashi ukuthi, ‘Afika kanjani ePoland amahhashi ase-Arabhiya?’ Uyachaza, “Kungenzeka afika nesinye sezithunywa zenkosi zangekhulu le-16 esasivela esigodlweni saseStambul. Kodwa into engangabazeki ukuthi, uhlelo lokuzalanisa lwasePoland luhlehlela emuva ekhulwini le-18.” U-Izabela Pawelec-Zawadzka, onguchwephesha wokuzalanisa amahhashi ohlobo lwase-Arabhiya, uphawula indima yothile okuthiwa uCount Waclaw Rzewuski. Njengesazi samasiko aseMpumalanga, “waba umsunguli nomhleli wokuthengwa kwamahhashi ase-Arabhiya,” waletha angu-137 eYurophu.

Ukuphikelela nentshiseko kaRzewuski kwaholela ekusungulweni kwendawo yokuqala yokuzalanisa amahhashi ase-Arabhiya eJanów Podlaski, eMpumalanga yePoland, ngo-1817. “Kwakuthembisa impela ekuqaleni. Abazalanisi abasemthethweni babenakekela amahhashi,” kuchaza uTomasz. “Kodwa izimpi zomhlaba ezimbili, ezazisabalele kulo lonke elaseYurophu, zadala umonakalo omkhulu ezindaweni zokuzalanisa amahhashi ePoland. Iningi lamahhashi lafa, amanye abaleka kwathi amanye antshontshwa.” Kodwa, ngemva kwesikhathi esithile kuphele impi yezwe yesibili, uhlelo lokuzalanisa la mahhashi lwavuselelwa ngempumelelo.

Amahhashi ase-Arabhiya cishe asefuywa ezindaweni zokuwazalanisa ezingaba ngu-30 ePoland. Iminyaka engamakhulu amabili yokwenza lokhu iyimbangela yokukhuliswa kwamahhashi asezingeni eliphezulu kakhulu. Ngakho iPoland isiye yaba esinye sezikhungo ezaziwayo zokuzalanisa amahhashi ase-Arabhiya, idonsela izinkumbi zochwepheshe nabathandi bawo abavela kuwo wonke umhlaba emibukisweni yaminyaka yonke esezingeni eliphezulu nasezindaweni adayiswa kuzo la mahhashi.

Ukunakekelwa Kwawo Nsuku Zonke

Ukuze kukhuliswe lolu hlobo lwamahhashi olusezingeni eliphezulu kudingeka abazalanisi bazinakekele kahle izidingo zalezi zilwane. UMałgorzata, umfuyi wamahhashi, uyachaza: “Ukunakekela la mahhashi kuyinto eyinkimbinkimbi. Kufanele sithole uhlelo olufanele noluzinzile lokuwondla la mahhashi asheshayo ukucasuka ukuze ahlale ephilile futhi emahle. Amahhashi ayizinsikazi asezozala adinga ukunakekelwa okukhethekile.”a Ukudla okunjani okungcono kakhulu kulolu hlobo lwamahhashi?

UMałgorzata uyaqhubeka: “Usuku siluqala ngokuphakela amahhashi utshani obomisiwe, obuwanika wonke umsoco awudingayo, kuhlanganise namavithamini namaminerali. Kanti ifolishi elixushwe nokudla okusanhlamvu liwukudla okunezakhi eziyinhloko; kuhlanganise nezinhlobo zebhali. Kodwa empeleni la mahhashi athanda ukudla uhlaza—utshani noma uhlaza okuthiwa i-alfalfa kanye namazambane, izaqathi nobhitrudi. Ebusika, abazalanisi bavame ukuthenga ifolishi elixutshwe namaprotheni. Phakathi kokudla akudlayo, la mahhashi akhotha nosawoti—izigaxa zikasawothi zinamaminerali noma izakhi eziwenza azole. Kuthiwa futhi, ngisho notshani obomisiwe obusezingeni eliphezulu noma ifolishi akugcono kunamadlelo aluhlaza. Okokugcina, la mahhashi kufanele athole amanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi—awawaphuzi nhlobo amanzi angcolile.”

Ukuwanakekela kahle amahhashi ase-Arabhiya kuhlanganisa nokunakisisa isikhumba sawo noboya. Lokho kusho ukuthi ukuwageza ngokucophelela, ukuwabhulasha kahle ngamabhulashi akhethekile ngisho nangesandla nje. Kodwa, kunokwengeziwe, uTomasz uyachaza: “Kubalulekile ukuba izinselo zihlanzwe njalo, ngoba lokho kuvimbela izinhlobo ezihlukahlukene zezifo, kuhlanganise nomdlavuza. Kufanele siwaqaphe ngokukhethekile amehlo, izimbobo zamakhala, izindebe zomlomo nezindlebe.” UŻaneta uyanezela: “Ukuze ihhashi libe umqemane futhi libukeke kahle, lidinga indawo yokugijima nesihlabathi, udaka noma utshani elingazigingqa kubo. Uma selijulukile ngemva kokugijima, kufanele lembozwe ngengubo bese ligezwa ngemva kwalokho.”

Ochwepheshe bagcizelela ukubaluleka kokuziqaphela ngokukhethekile izidingo ezithile zehhashi ngalinye. UMałgorzata ukubeka ngale ndlela lokhu: “Kuthiwa amahhashi ase-Arabhiya anenzwa yesithupha—ayabazisa ubuhlobo nabantu, ukuthintwa nokwangiwa. Imizwelo enjalo yenza ihhashi limethembe umgibeli walo kangangokuba lizinikela ngokuphelele kulowo muntu. Kuthiwa abanga umsindo wokujabula lapho umuntu emomotheka, ewanga noma ewapha okuthile—njengesaqathi noma ushukela. Abathandi bamahhashi bakujabulela kakhulu ukuwanakekela.” UTomasz uchaza uthando lwakhe ngawo: “Ngavele ngawathanda amahhashi. Mahle futhi azole ngendlela eyingqayizivele. Kodwa akuyona into elula ukuwenza akwethembe. Kwangithatha iminyaka eminingi.”

Ikusasa Lehhashi

Kusukela esikhathini eside esidlule, abantu bebelokhu bebujabulela ubuhle, ijubane, ubungqabavu, amandla nokuhlakanipha kwamahhashi, ikakhulu lawa ase-Arabhiya, futhi baye bakha ubuhlobo obuyingqayizivele nawo. Ngokudabukisayo, lobo buhlobo buye basetshenziswa kabi ezimpini, eziye zabangela ukuba kufe amakhulu amahhashi. Kodwa, ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, abantu bayowasebenzisela injongo yawo enhle amahhashi—kube uduma kuMdali wawo, uJehova uNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

a Umzalanisi wawo anganquma ukuthi ufuna elensikazi lizale nini. Ngokuvamile, lingazala minyaka yonke, kodwa ngezinye izikhathi lingase lingazali. Eminyakeni yalo yokuphila evamile ephakathi kwengu-25 kuya kwengu-30, lingazala amahhashi angaba ngu-15 kuya kwangu-18.

[Isithombe ekhasini 15]

Elensikazi nenkonyane

[Izithombe ekhasini 16]

Ukuwanekekela kwansuku zonke kuhlanganisa

1. Ukuwabhulasha kahle isikhumba noboya

1. Ukuwahlanza izinselo

3. Ukuwabonisa uthando

[Isithombe ekhasini 17]

Izinkunzi zidlala eqhweni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela