Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 k. 27
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokubhekana Namalimi
    I-Phaphama!—2010
  • Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 k. 27

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Okwangenza Ngashiya Umsebenzi Ophambili (June 2010) Ngiswele amazwi okubonga ngalesi sihloko! Ngineminyaka engu-39 kanti ngikhulisa izingane ezintathu ngingedwa. Endaweni engihlala kuyo eRussia, kunzima kakhulu ukuthola umsebenzi. Kodwa isibonelo sikaMartha Teresa Márquez sangishukumisela ukuba ngenze okuthile. Lesi sihloko sathi ukuze uMartha azisekele enkonzweni yesikhathi esigcwele, wayenza ama-tamale ekhaya abese ewadayisa emgwaqweni. Ngakho nganquma ukulandela isibonelo sakhe futhi ngenza uphayi waseRussia okuthiwa i-piroshki. Kwasebenza! Manje leli sekuyibhizinisi lomkhaya. Ngenxa yalokhu, izingane zami zifunde amakhono awusizo ekuphileni futhi zifunda ukuthwala imithwalo yemfanelo.

G. M., eRussia

Indlela Yokubhekana Namalimi (May 2010) Ngiyabonga ngokusinikeza ukwaziswa okunembile ngenkinga yamalimi. Sisebenza kanzima ukusiza labo abanale nkinga ukuze bazi ukuthi ziningi izinto ezingabasiza.

J. F., umongameli we-Stuttering Foundation, e-United States

Intsha Iyabuza . . . Ngingawuchaza Kanjani Umbono WeBhayibheli Ngobungqingili? (December 2010) Ngineminyaka eyishumi ngishadile futhi nginomntwana oyedwa. Nsuku zonke ngishikashikana ‘neva enyameni.’ Ngikhangwa abobulili obufana nobami. Ukushada akuzange kuyiqede le nkinga. Bese ngiphelelwe yithemba ngokujulile ngoba kubonakala sengathi anginakuyinqoba impi yami yokulwa nalezi zifiso. Nokho, ngemva kokufunda lesi sihloko, angisazizwa neze ngilwa impi kamabuyaze. Ngiye ngakwazi ukufeza umgomo ofinyelelekayo wokungenzi ngokuvumelana nalezo zifiso.—2 Korinte 12:7.

Igama ligodliwe, e-United States

Bengilokhu ngilwa nenkinga yokukhangwa abobulili obufana nobami kusukela ngineminyaka emihlanu. Manje sengineminyaka engu-61 futhi leyo mizwa ayikapheli namanje. Ngalithanda ngokukhethekile iphuzu lokuthi ngisho nalabo abakhangwa abobulili obuhlukile kumelwe badede ebufebeni nokuthi “kukhona inqwaba yabangashadile futhi abanamathuba amancane okuthi bangashada, nabaningi abashade nabantu abakhubazekile abangakwazi ukuya ocansini,” noma kunjalo bayakwazi ukuphila ngenjabulo ngaphandle kokwanelisa izifiso zabo zobulili. Ngakho-ke, labo abakhangwa abantu bobulili obufana nobabo nabo bangakwazi ukuphila ukuphila kokuziphatha okuhlanzekile uma befuna ngempela ukujabulisa uNkulunkulu. Ngakho ngiyanibonga ngokusikhuthaza thina esibhekene nalesi simo.

Igama ligodliwe, e-United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela