Ingabe Usengozini Yamaqola Akuyi-Internet?
UWilliam, uthisha osethathe umhlalaphansi waseFlorida, e-U.S.A., wathola i-e-mail ayecabanga ukuthi yayivela enkampanini eyayimxhuma kuyi-Internet. Le e-mail yathi imininingwane yakhe yokukhokhela izindleko ilahlekile. UWilliam wagcwalisa ifomu elalifike nale e-mail wabe eselibuyisela emuva. Engazi, imininingwane yakhe yaya kuShiva, isigebengu saseQueens, eNew York. Ngosuku olulandelayo, uShiva wasebenzisa izinombolo zekhadi likaWilliam lokuthenga ngesikweleti wathenga umshini wokunyathelisa izithombe zikamazisi kuyi-Internet. I-e-mail eyatholwa uWilliam yayingenye yangu-100 000 ayethunyelwe nguShiva. Abaseshi bathi kwakusabele abantu abangaba yikhulu futhi baphanjwa.
Owesifazane oneminyaka engu-56 ohlala eQueensland, e-Astralia, waqala ukuthandana nomlisa othile kuyi-Internet ayecabanga ukuthi ungunjiniyela waseBrithani. Waze wathola ngemva kokuba esekhokhe amaRandi angu-300 000, ukuthi lona kwakungumlisa oyiqola waseNigeria oneminyaka engu-27.a
NGOKUDABUKISAYO, ubuqola be-Internet buvame kakhulu. Esihlokweni sango-2010 sombiko wonyaka mayelana nokwenzeka kuyi-Internet, i-Consumer Reports yathi: “Izingozi ze-Internet ziqhubeka ngezinga elikhulu ngokwesabisayo, zidla izigidigidi zemali yabantu abasebenzisa i-Internet. Isibalo sokuhlaselwa ngamagciwane e-computer senyuke ngokuphawulekayo kusukela nyakenye futhi kwathinteka amaphesenti angu-40 ezakhamuzi ezisebenzisa i-Internet e-U.S. Ezinye izakhamuzi zabika izinkinga eziningi.” Ngaphambi kokuba ucabange ukuthi ungazivikela kanjani ekuhlaselweni okunjengalokhu, ake siqale siveze ezinye zezindlela eziningi lobu bugebengu obenziwa ngazo.
Bakwenza Kanjani Lokhu?
Ubuqola obuningi kuyi-Internet benziwa ngama-e-mail. I-e-mail eyatholwa nguWilliam ibizwa ngokuthi i-phishing e-mail. Njengokudla kokuyenga inhlanzi, le e-mail inxenxa oyithunyelelwe ukuba anikeze le ngosi yomgunyathi kodwa ebukeka ithembekile i-password yakhe, izinombolo zekhadi lokuthenga ngesikweleti noma imininingwane yasebhange. La maqola angathola i-e-mail yakho ngokusebenzisa uhlelo lwe-computer okuthiwa i-e-mail extractor.
Amanye kulama-phishing e-mail angakufeza lokho ahloselwe khona ngisho noma ungazange uyifake imininingwane yakho. Ukuyivula nje i-e-mail kungafaka igciwane elibizwa ngokuthi i-spy software. Lezi zinhlelo zikwazi ukuqopha lokho okwenzayo kuyi-computer yakho. Ezinye ziqopha izinkinobho ozichofozayo ukuze zintshontshe ama-password akho kanye nemininingwane eyimfihlo. Ezinye zikuthumela engosini yomgunyathi. Ingabe kukhona ongakwenza ukuze izivikele?
Lokho Ongakwenza
Waqaphele ama-e-mail anama-link asolisayo. Ngezinye izikhathi igciwane okuthiwa i-Trojan horse noma i-Trojan, lingenza ukuba imigulukudu ikwazi ukungena kuyi-computer yakho ungazi futhi ithathe imininingwane eyimfihlo. Ama-forum, izingosi zezithombe ezingcolile, izingosi eziphana ngezinhlelo zama-computer ezingaziwa ukuthi zivela kubani kanye nezingosi zokuxhumana nabantu nazo ziyizindawo ezisetshenziswa amaqola ukuze athole ukwaziswa okuyigugu futhi atshale i-spy software. Okunye okungamelwe neze ukwenze, ukuphendula ama-e-mail akuthembisa inzuzo enkulu ngokungakholeki.
Kungenzeka wake wathola umyalezo kuyi-Internet othi: “I-computer yakho isengozini! Chofoza lapha ukuze uyivikele!” Noma, “Ukuze uthole Screensaver samahhala, chofoza lapha.” Uma uchofoza kulezi zindawo, lokho kungafaka igciwane le-spy software.
Qaphela uma ufuna umsebenzi kuyi-Internet. Amaqola asebenzisa izingosi eziwumgunyathi ukuze aqoqe “imali yokubhalisa” ngisho nemininingwane yomuntu eyimfihlo.
Izigebengu sezihlakaniphile kangangokuba seziyakwazi ukungena kuma-computer zikude zebe imininingwane yezinkampani noma yezikhungo zezimali. Ngo-2007, izigebengu zangena kuma-computer esitolo esidayisa impahla e-United States futhi zakwazi ukuthola izigidi zamarekhodi amakhasimende, kuhlanganise nemininingwane esemakhadini okuthenga ngesikweletu. ENigeria, izigebengu zangena kuma-computer asemabhange ambalwa zeba izinombolo zomazisi abayizigidi ezingu-1,5 ukuze zikhiphe imali emishinini yokukhipha imali. Manje sekunokuhwebelana komshoshaphansi kuyi-Internet lapho izisebenzi ezikhohlakele namaqola bedayiselana khona imininingwane eyebiwe yamakhadi okuthenga ngesikweletu ngisho nemininingwane ephelele yabantu.
[Umbhalo waphansi]
a I-Phaphama! iye yaxwayisa ngezingozi zokuthandana nomuntu kuyi-Internet. Bheka i-Phaphama! ka-April 22, 2005, amakhasi 16-18, neka-May 22, 2005, amakhasi 12-14.
[Ibhokisi ekhasini 11]
I-phishing e-mail: I-e-mail enxenxa oyithunyelelwe ukuba afake i-password yakhe, izinombolo zekhadi lokuthenga ngesikweleti noma imininingwane yasebhange kule ngosi yomgunyathi kodwa ebukeka ithembekile
I-spy software: Uhlelo lwe-computer olukwazi ukuqopha izinto ozenza kuyi-computer
I-Trojan horse: Uhlelo oluklanyelwe ukugqekeza isimiso sokuvikela imininingwane yakho kuyi-computer kodwa kungabonakali
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 12, 13]
Ungabi Yisisulu
UKUZE UGWEME UKUBA YISISULU SALOBU BUQOLA, YENZA LOKHU OKULANDELAYO:
1 1Qiniseka ukuthi i-firewall ihlale isebenza kuyi-computer yakho, nokuthi uhlelo olulawula i-computer yakho, olokuvimbela amagciwane kanye nanoma iziphi ezinye izinhlelo ukuvuselela njalo.
2 Hlale wenza amakhophi amafayela akho, bese uwagcina endaweni ephephile.
3 Hlakanipha. Ungasheshe wethembe noma yikuphi ukwaziswa okukuyi-Internet. IzAga 14:15 zithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”
4 Ungahahi. (Luka 12:15) Ziqaphe izinto okuthiwa zitholakala “mahhala” noma izingosi ezidayisa izinto ngamanani aphansi ngendlela engavamile. Kungenzeka ukuthi udobo lolo.
5 Waqaphele ama-e-mail noma imiyalezo evela kubantu ongabazi, ikakhulukazi uma inama-link noma kufunwa imininingwane yakho, njengokuthi qinisekisa ukuthi lena i-password yakho.—IzAga 11:15.
6 Khetha ama-password okungaba nzima ngabanye ukuba bawaqagele. Washintshe njalo ama-password akho e-Internet, futhi ungasebenzisi efanayo ezindaweni ezihlukahlukene.
7 Faka imininingwane yekhadi lakho lokuthenga ngesikweleti noma elinemininingwane yasebhange ezingosini eziphephile nezinedumela elihle kuphela.
8 Qiniseka ukuthi uwabhala ngokunembile amakheli ezingosi, ikakhulukazi ezezindawo zemali. Iphutha lohlamvu olulodwa nje lingase likuthumele engosini yamaqola.
9 Sebenzisa umzila ophephile wokungena kuyi-Internet ukuze udlulise ukwaziswa okubucayi, njengemininingwane yekhadi lokuthenga ngesikweleti futhi uphume ngokuphelele kuleyo ngosi uma usuqedile.
10 Zihlole njalo nangokucophelela izitatimende zekhadi lokuthenga ngesikweleti noma isitatimende sasebhange. Ngokushesha nje lapho ubona kunemali ekhokhele into ongayazi, xhumana naleyo nkampani ngokushesha.
11 Qaphela lapho usebenzisa umzila ongaphephile wokungena kuyi-Internet (Wi-Fi), ngoba amasela ayakwazi ukweba imininingwane abese eyithumela ezingosini zamaqola.
12 Phendula ngo-cha embuzweni othi, “Remember this password?” Izinhlelo ze-trojan zingakwazi ukuthatha ama-password akho agciniwe.