Ingabe Laklanywa?
Ikhanda Lesiqophamithi Elikwazi Ukumelana Nokudledlezela
● Amandla adonsela phansi alinganiselwa ku-80 kuya ekhulwini anele ukuba abangele ukulimala ebuchosheni. Kodwa isiqophamithi sikwazi ukubekezelela amandla adonsela phansi angaba ngu-1 200 lapho siqopha umuthi ngoqhwaku lwaso. Iwenza kanjani le nyoni lo msebenzi, ngaphandle nje kokuba iphathwe ngisho nayikhanda, ingasaphathwa-ke eyokuxukuzeka kobuchopho?
Cabanga ngalokhu: Abacwaningi bathole izinto ezine ezakha izingxenye zekhanda lesiqophamithi ezenza sikwazi ukubekezelela ukudledlezela kwekhanda:
1. Uqhwaku olutebezelayo kodwa oluqinile
2. I-hyoid—iyinhlanganisela yethambo nomsipha okubamba ugebhezi
3. Indawo enethambo elisasiponji ogebhezini
4. Isikhala esincane soketshezi oluphakathi kogebhezi nobuchopho
Ngayinye kulezi zingxenye ibamba ukudledlezela, okuvumela isiqophamithi ukuba siqophe isihlahla ngamagalelo angu-22 ngomzuzwana ngaphandle kokulimala ubuchopho.
Behlatshwe umxhwele ikhanda lesiqophamithi, abacwaningi sebakhe into yokuphatha izinto ekwazi ukumelana namandla adonsela phansi afinyelela ku-60 000. Phakathi kokunye, impumelelo yabo ingaholela ekwakhiweni kwezinto ezivikela imishini egcina ukwaziswa kokuhamba kwezindiza, njengamanje ekwazi ukumelana namandla adonsela phansi angaba ngu-1 000 kuphela. UKim Blackburn, unjiniyela waseYunivesithi yaseCranfield, e-United Kingdom, uthi lokho okutholakele mayelana nekhanda lesiqophamithi kunikeza “isibonelo esithakazelisayo sendlela imvelo ezakhela ngayo izinto eziwukuhlakanipha ukuze ibhekane nezinselele ezibonakala zingenakunqobeka.”
Ucabangani? Ingabe ikhanda lesiqophamithi elikwazi ukumelana nokudledlezela laba khona ngengozi, noma ingabe laklanywa?
[Umdwebo ekhasini 19]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
1
2
3
4
[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]
Redheaded woodpecker: © 2011 photolibrary.com