Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 k. 20
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AbaPristi Bobu-Orthodox BaseRussia Bangalungenela Ukhetho
  • Izinkinga Ezintsha Kwezomthetho
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2011
  • Isonto LamaGreki Lobu-Orthodox—Inkolo Ehlukene
    I-Phaphama!—1996
  • Liyini Ikusasa Lenkolo?
    I-Phaphama!—2001
  • AbaseRussia Bayayazisa Inkululeko Yokukhulekela
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 k. 20

Ukubuka Okwezwe

Amaphesenti angu-76,3 abantu abadala okwenziwa ucwaningo ngabo eJalimane, athi ukudlala ngothando “akuyona neze ingozi” futhi “abahileleke kukho isuke ingekho into abazibophezele ngayo.” Cishe ingxenye yalabo okwenziwa ucwaningo kubo bathi kulungile ngomuntu oshadile ukuba adlale ngothando nomuntu angamazi.—I-APOTHEKEN UMSCHAU, EJALIMANE.

Ucwaningo lukazwelonke lubonisa ukuthi amaphesenti angu-48 abantu baseRussia akholelwa ukuthi ukuhlasela kwamaphekula sekuyinto “elindelekile” futhi “yinto evamile eyingxenye yokuphila.”—I-KOMMERSAN, ERUSSIA.

“Benza umzamo odinga isibindi ngendlela ethi ayifane neyokuhlasela yangenkathi ephakathi,” abashushumbisi bezidakamizwa baseMexico basanda kuzama indlela entsha yokubalekela amaphoyisa asemngceleni—“umshini omkhulu oyindwayimane” oboshelwe enqoleni, “ukuze bashwibele izidakamizwa enyakatho” ngaphesheya kocingo lomngcele wase-U.S.—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.

“Abesifazane ababili kwabahlanu abakhulelwe” eNew York City bayasikhipha isisu. Leli nani “alishintshanga kangako nakuba sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi.”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.

Ababulali bezinambuzane bamangala lapho bebizwa kuthiwa abazobamba impungushe eyayiphezulu esitezi esingunombolo 72 ebhilidini elalisakhiwa maphakathi neLondon. Lesi silwane, esasiphila “ngokudla izinsalela zokudla okwakudliwa abantu abakhayo,” sabanjwa sase sidedelwa kude buduze nale ndawo. —I-TELEGRAPH, ELONDON.

AbaPristi Bobu-Orthodox BaseRussia Bangalungenela Ukhetho

“UMkhandlu WabaBhishobhi WaseRussia WeSonto Lobu-Orthodox ugunyaze abefundisi bawo ukuba bangenele ukhetho ngaphansi kwezimo ezikhethekile ukuze bavikele isonto oqhekekweni nakwezinye izingozi,” ngokombiko womthombo wezindaba i-RIA Novosti. Ngokwesitatimende esakhishwa ababhishobhi, izimo ezinjalo ziba khona uma kunesidingo “sokubhekana nabathile, okuhlanganisa labo abadala uqhekeko nabezinye izinkolo, abafuna ukusebenzisa amandla ezombusazwe ukuze balwe neSonto Lobu-Orthodox.”

Izinkinga Ezintsha Kwezomthetho

Izindlela ezintsha eziphathelene nemithi yenzalo, ezazibhekwa njengensumansumane ngokwesayensi sezibangela izinkinga kwezomthetho. I-Wall Street Journal iyachaza, “Unyaka ngamunye, ziningi izingane ezizalwa ngokusebenzisa isidoda noma imibungu osekuphele izinyanga noma iminyaka ibekiwe. Kwezinye izimo, omunye umzali usuke eseshonile, ngokuvamile okuba ngubaba.” E-United States, ezinye izintandane zithola imali nyanga zonke evela ohlelweni olubizwa ngokuthi i-Social Security. Kodwa imithetho yezifunda ezihlukahlukene ayifani ngokuphathelene nokuthi leyo mali kufanele yini itholakale uma ingane izalwe ngemva kokufa komunye wabazali bayo. “Ubuchwepheshe sebuhambe baze beqela ngale komthetho kunanoma kwakucatshangwa,” kusho ummeli waseMinnesota uSonny Miller.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela