Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/12 kk. 21-23
  • Kungani Ngikhulume Kanje?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngikhulume Kanje?
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIZATHU SOKUBA KWENZEKE
  • OKUMELWE UKWENZE LAPHO UPHAHLUKILE
  • INDLELA YOKULAWULA ULIMI LWAKHO
  • Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJesu Uphulukisa Abantu Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukuphika KukaPetru UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJesu Umelana Nokulingwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 1/12 kk. 21-23

Intsha Iyabuza

Kungani Ngikhulume Kanje?

Lesi sihloko sizokusiza ukuba uthole

Okwenza usho into engafanele ngezinye izikhathi

Ongakwenza uma ulimi lushelele

Indlela ongalawula ngayo ulimi lwakho

“Ngokuvamile ngiyakwazi ukulawula indlela engisebenzisa ngayo ulimi lwami, kodwa ngezinye izikhathi ngiyaphahluka bese ngifisa sengathi umhlaba ungangigwinya!”—UChase

“Ngezinye izikhathi ngisho izinto okungenzeka nabanye basuke bezicabanga kodwa okungafanele zishiwo . . . Amahloni!”—UAllie

ISIZATHU SOKUBA KWENZEKE

UmBhalo oyisihluthulelo: “Uma umuntu engalokothi enze iphutha kulokho akushoyo, usuke ephelele.” (Jakobe 3:2, Good News Translation) Kusho ukuthini lokhu? Akekho okwazi ukululawula ngokuphelele ulimi lwakhe. Abaningi bangavumelana no-Annette,a njengoba eveza ukuthi kunezikhathi lapho azi kahle ukuthi akufanele akhulume indaba ethile kodwa azithole esesho konke washiya akulibele.

Okwenzeka ngempela: “Umngane wami wake wathi uyazithanda izingubo engase ngithi ngizozilahla. Ngaphandle kokucabanga ngathi, ‘Angiboni ukuthi zizokulingana.’ Waphendula, ‘Ini? Ush’ ukuthi ngikhuluphele?’”—UCorrine.

Ukuze uqonde ukuthi kungani ngezinye izikhathi ungase uhluleke ukulawula okushoyo, zama lokhu okulandelayo.

● Thola ukuthi buyini ubuthakathaka bakho.

․․․․․ Ngivame ukukhulunyiswa ukucasuka

․․․․․ Ngivame ukukhuluma ngingacabanganga

․․․․․ Ngivame ukuphendula ngingezwanga kahle

․․․․․ Okunye ․․․․․

Isibonelo: “Inkinga yami ukuthi ngithanda amancoko kakhulu futhi ngezinye izikhathi abantu bayakhubeka ngalokho engikushoyo.”—U-Alexis.

● Thola ukuthi ubani okungaba lula ukuba ulimi lwakho lushelele uma unaye.

․․․․․ Umzali

․․․․․ Ingane yakini

․․․․․ Umngane

․․․․․ Omunye ․․․․․

Isibonelo: UChristine oneminyaka engu-20 uthi: “Kuyadabukisa ukuthi abantu engibathanda kakhulu yibo engivame ukubaphula umoya. Ngicabanga ukuthi kungenxa yokuthi ngikhululeka kakhulu uma nginabo kangangokuba angibe ngisakunaka engikushoyo.”

OKUMELWE UKWENZE LAPHO UPHAHLUKILE

UmBhalo oyisihluthulelo: “Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula.” (Roma 14:19) Enye indlela yokulandela leso seluleko ukuxolisa.

Okwenzeka ngempela: “Umama washona nginezinyanga eziyishumi kanti ubaba akakaze abe ingxenye yokuphila kwami, ngakho ngakhuliswa umamekazi nomyeni wakhe. Ngolunye usuku sengineminyaka eyishumi noma engu-11, ngafikelwa umzwangedwa futhi ngathukuthela ngokuthi umama washona, ngafuna ukusola othile ngalokho. Ngakho lapho umamekazi engicela ukuba ngimsize ngokuthile, ngavele ngaklabalasa; futhi ngagcina sengikhiphe namagama athi ‘Ngiyakuzonda’ nathi ‘Awuyena umama wami wangempela.’ Umamekazi wavele washaqeka. Wabe esehamba eya ekamelweni lakhe lokulala wazivalela, futhi ngamuzwa ekhala. Ngezwa ubuhlungu obukhulu. Wayenginakekela futhi engenzela yonke into, kodwa mina ngangimzwise ubuhlungu. Umyeni wakhe wakhuluma nami ngaleyo ndaba futhi wangibonisa imiBhalo ephathelene nokulawula ulimi. Ngemva kwalokho, ngaxolisa ngobuqotho kumamekazi. Ngabona ukuthi ngangenze iphutha.”—UKaren.

Ngezansi, bhala isizathu esisodwa esingenza kube nzima ukuba uxolise.

․․․․․

Kungani ukuxolisa kungakwenza uzizwe kangcono?

․․․․․

Umkhondo: Cabangela izimiso ezitholakala encwadini yezAga 11:2 noMathewu 5:23, 24.

Yiqiniso ukuthi kungcono ukusigwema isimo singakenzeki ukuze kungadingeki ukuba uxolise. Ungakwenza kanjani lokho?

INDLELA YOKULAWULA ULIMI LWAKHO

UmBhalo oyisihluthulelo: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Nanka amanye amacebiso angakusiza usebenzise lesi seluleko.

Funda le miBhalo elandelayo bese uphawula ukuthi ngamunye uhambisana naliphi icebiso.

IzAga 12:16 □

IzAga 17:14 □

IzAga 26:20 □

UmShumayeli 7:9 □

Filipi 2:3 □

1 “Zama ukungabi umuntu ozwela ngokweqile; ngaleyo ndlela ngeke ucasuke kalula.” —UDanette.

2 “Ngiyaye ngithi ukwelula izinyawo. Kunginika ithuba lokuba ngedwa okwesikhashana futhi ngithole ithuba lokwehlisa umoya.”—UBrielle.

3 “Lapho ngisemncane, ngangicabanga ukuthi kufanele ngiveze umuzwa wami ngayo yonke into engingahambisani nayo. Kodwa ngiye ngafunda ukuthi kungcono ukuziyeka ezinye izinto zidlule.”—UCelia.

4 “Uma umuntu ekukhakhabisa kodwa wena ungamphenduli, ngokuhamba kwesikhathi uyokhathala ngenxa yokuthi awumphenduli. Mane nje ubekezele. Ungawukhwezeli umlilo.”—UKerrin.

5 “Kuba nezikhathi lapho ngicasulwe khona othile. Ngiyaye ngicabange ngalokho engingathanda ukukusho kulowo muntu. Kodwa ngokulinda, ngiyaye ngibone ukuthi bekuyoba yize kanjani lokho ebengizokusho. Engiye ngakufunda ukuthi, ungathathi ngamawala.”—UCharles.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22]

U-Allie—Ngaphambi kokuba ngisho okuthile, ngizibuza imibuzo enjengale: ‘Ingabe lokhu kuzosithuthukisa isimo sami? Engikushoyo kuzomthinta kanjani umuntu engikhuluma naye?’ Uma ungaqiniseki ngalokho ofuna ukukusho, cishe akumelwe ukusho.

UChase—Uma ngifuna ukusho okuthile, ngizama ukucabanga ukuthi kuzobathinta kanjani labo engikanye nabo. Ngicabanga ukuthi njengoba ngikhula, ngiyathuthuka endleleni engilawula ngayo ulimi. Ngokuqinisekile uyafunda emaphutheni akho.

[Ibhokisi ekhasini 23]

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Njengoba engekho umuntu ophelele—njengoba uJakobe abhala, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi”—khuluma nabazali bakho mayelana nomzamo abawenza ukuze balawule ulimi lwabo.—Jakobe 3:2.

[Isithombe ekhasini 22]

“Uma uke waputshuza umuthi wokuxubha wawukhipha eshubhini lawo, awunakukwazi ukuwubuyisela. Kunjalo nangamazwi. Uma sike sakhuluma amazwi ahlabayo, asikwazi ukuwabuyisela emuva.”—UJames.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela