Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/12 kk. 10-12
  • Yini Engingayilindela Emshadweni?—Ingxenye 1

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engingayilindela Emshadweni?—Ingxenye 1
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Umshado WomKristu Uphumelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Yini Edingekayo Ukuze Umshado Uphumelele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Umshado—Isipho Esivela KuNkulunkulu Onothando
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Thola Injabulo Emshadweni Wakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 9/12 kk. 10-12

Intsha Iyabuza

Yini Engingayilindela Emshadweni?—Ingxenye 1

“Lapho sindawonye, ngijabula kakhulu! Sengiyehluleka ukulinda ukuze ngihlale naye!”

“Akukho lutho esifana ngalo. Kunokuba sibe abantu abashadile, simane nje sihlala ndawonye. Ngizizwa nginesizungu kakhulu.”

NJENGOBA ungase uqagele, amazwi okuqala angenhla ashiwo intombazane engashadile; kanti amazwi angezansi kwawo ashiwo othile oshadile. Okungenzeka awukuqapheli, ukuthi wonke la mazwi ashiwo umuntu oyedwa.

Konakalaphi? Uma ucabanga ukuthi ngolunye usuku uzoshada, ungakuvimbela kanjani ukuphupha ngothando ukuba kuphenduke umshado onezinkinga?

Iqiniso elingenakuphikwa: Injabulo yakho emshadweni ixhomeke kulokho okulindele kuwo.

Lesi sihloko—kanye nesihloko esithi “Intsha Iyabuza” kuyi-Phaphama! elandelayo—zizokusiza ukuba ube nombono oqondile ngalokho ongakulindela.

Yini ngempela ongayilindela emshadweni? Ngamafuphi:

  1. Ungalindela izinzuzo

  2. Ungalindela izinselele

  3. Ungalindela obungakulindele

Ake sibhekisise isici ngasinye kulezi ezingenhla.

LINDELA IZINZUZO

IBhayibheli likhuthaza umbono omuhle ngomshado. (IzAga 18:22) Nazi ezinye izinzuzo ongazilindela.

Ubungane. IBhayibheli lithi ngemva kwesikhathi esithile kudalwe umuntu wokuqala u-Adamu, uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa,” ngemva kwalokho wadala u-Eva owayezoba umngane ka-Adamu. (Genesise 2:18) UNkulunkulu wenza ngamunye wabo waba nezimfanelo eziyingqayizivele ezihluke ngokuphelele kwezomunye, kodwa eziphelelisanayo. Ngakho, indoda nomfazi baba abangane abahle kakhulu.—IzAga 5:18.

Ukubambisana. IBhayibheli lithi: “Kungcono ababili kunoyedwa, ngoba ndawonye bangasebenza ngempumelelo ngokwengeziwe.” (UmShumayeli 4:9, Good News Translation) Ngokuqinisekile, lokhu kuyiqiniso ngomshado. UBrenda,a owesifazane osanda kushada, uthi: “Kusho ukusebenza njengeqembu, ukuzithoba nokuzimisela ukuhoxa ngezikhathi ezithile.”

Ukusondelana. IBhayibheli lithi: “Indoda kufanele yanelise izidingo zomkayo ezingokobulili, futhi umfazi kufanele enze okufanayo kumyeni wakhe.” (1 Korinte 7:3, Common English Bible) Uma ushadile, ungajabulela ubulili ngaphandle kokukhathazeka nokuzisola okuvame ukuba nemiphumela edabukisayo uma uhlanganyela ubulili ungashadile.—IzAga 7:22, 23; 1 Korinte 7:8, 9.

Iphuzu eliyinhloko: Umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:17) Uma uphila ngokuvumelana nezimiso zakhe, ungalindela ukuba umshado ube indlela yokuphila evuza ngokucebile.

Ongacabanga ngakho: Ingabe umbono wakho ngomshado uthonywe izibonelo ezimbi oye wazibona—mhlawumbe emkhayeni wakini? Uma kunjalo, iziphi izibonelo ezinhle ezikufanelekelayo ukulingiswa?

LINDELA IZINSELELE

IBhayibheli linombono oqondile ngomshado. (1 Korinte 7:28) Nazi ezinye zezinselele ongazilindela.

Ingxabano. Abekho abantu ababili abafana nsé—ngaphandle nje kokuthi abaphelele. (Roma 3:23) Ngakho indoda nomfazi bayoba nezingxabano ngezikhathi ezithile, kungakhathaliseki ukuthi babonakala befanelana kanjani. Ngezinye izikhathi bangaze basho ngisho nezinto ezimbi abangazisola ngazo kamuva. IBhayibheli lithi: “Umuntu ongalokothi asho into embi . . . uyobe uphelele.” (Jakobe 3:2, Holy Bible—Easy-to-Read Version) Kunokuba igweme konke ukungaboni ngaso linye, imibhangqwana ephumelelayo ifunda indlela yokuxoxa nokulungisa ukungezwani lapho kuvela.

Ukudumala. Intombazane okuthiwa uKaren yathi: “Kunenqwaba yamabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini ezibonisa intombazane ithola isoka ‘eliyifanele’ futhi baphile kamnandi ukuphila kwabo konke.” Lapho umshado ungabi yilokho okuvezwa kulezi zinto, bobabili abashadile bangase badumale. Yiqiniso, ngemva komshado bobabili abashadile nakanjani bazothola ukungapheleli nezinto ebebengazilindele komunye nomunye. Isihluthulelo siwukukhumbula ukuthi uthando lweqiniso “lukhuthazelela zonke izinto”—ngisho nokudumala.—1 Korinte 13:4, 7.

Ukukhathazeka. IBhayibheli lithi abantu abashadile ‘bakhathazeka ngezinto zezwe.’ (1 Korinte 7:33, 34) Lokho kukhathazeka kuyinto evamile futhi kuyafaneleka. Ngokwesibonelo, ungase ukuthole kuyinselele ukukhokhela izidingo zomkhaya. Bobabili abashadile kungase kudingeke basebenze ukuze nje bathenge ukudla, izingubo zokugqoka bakhokhele nendawo yokuhlala. Kodwa ningaphumelela uma nisebenza ngokubambisana ukuze nondle abendlu yenu.—1 Thimothewu 5:8.

Iphuzu eliyinhloko: Uma ukuqomisana kunjengokundizisa inyoni yephepha, umshado unjengokushayela indiza. Uyodinga ikhono nomzamo owengeziwe ukuze ubhekane ngokuphumelelayo nezinselele ezinkulu—kodwa ungaphumelela.

Ongacabanga ngakho: Uyisingatha kanjani ingxabano manje nabazali bakho noma nezingane zakini? Ingabe uyakwazi ukulondoloza umbono ofanele nakuba udumele? Ubhekana kanjani nokukhathazeka?

ESIHLOKWENI ESILANDELAYO ESITHI “INTSHA IYABUZA” . . . Izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani ukuba ulindele obungakulindele?

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.pr2711.com

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UBrittany—Ngicabanga ukuthi kuwumbono omubi ukushada ngenxa nje yokuthi ukhathele ukubuzwa ukuthi, “Uyoshada nini?” Phela uma sekuphakama izinkinga, kuyoba nguwe okufanele ubhekane nazo—hhayi abantu abebekucindezela.

UCiara—Imizwelo ingenza abantu bangacabangi kahle. Yingakho ngicabanga ukuthi abazali kufanele babe nendima enkulu ekukhetheni umngane womshado. Vele bakwazi kahle, ngakho kufanele bakwazi ukukusiza uthole othile okufanele.

UCABANGANI?

Kwase kuphele unyaka uJosh noMelanie bethandana. Phakathi naleso sikhathi bacishe bahlukana kabili. Okokuqala, uJosh wasongela uMelanie ngokuthi uzomlahla lapho embeka icala lokuthi udlala nabanye abafana ngothando. Okwesibili, uMelanie watshela uJosh ukuthi uzomlahla ngoba akasakwazi ukubekezelela izinsolo zakhe. Kuzo zombili lezi zikhathi, uJosh noMelanie bakwazi ukuxazulula ukungaboni ngaso linye kwabo.

Ucabangani? Ingabe uyazibona izimpawu eziyingozi kulobu buhlobo obuchazwe ngenhla? Iqiniso lokuthi uJosh noMelanie bacishe bahlukana izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, libonisani? Ngakolunye uhlangothi, likutshelani iqiniso lokuthi bazixazulula izinkinga zabo? Ucabanga ukuthi yini uJosh noMelanie abangayilindela emshadweni?

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Xoxa nabazali bakho ngebhokisi elithi “Ucabangani?” Bona ukuthi umbono wabo ngoJosh noMelanie uhlukile yini kowakho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela