Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 4 k. 4
  • 1. Bhekana Namaqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1. Bhekana Namaqiniso
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zuza Emandleni Esejwayezi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2016
  • Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?
    I-Phaphama!—2004
  • 2. Lawula Indawo Ekuzungezile
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 4 k. 4
Owesifazane wenza uhlu

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKULAWULA IZEJWAYEZI ZAKHO

1 Bhekana Namaqiniso

Ungase ufise ukuvele ushintshe yonke into ekuphileni kwakho. Uzitshela ukuthi, ‘Kuleli sonto, ngizoyeka ukubhema, ngiyeke ukuthuka, ngiyeke ukulala ebusuku kakhulu, ngiqale ukujima, ngiqale ukudla kahle, ngiqale nokufonela ugogo nomkhulu.’ Kodwa ukuzama ukufinyelela yonke imigomo yakho kanyekanye nakanjani kuyokwenza ungafinyeleli nowodwa!

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.”—IzAga 11:2.

Umuntu onesizotha ubhekana namaqiniso. Uyazi ukuthi isikhathi sakhe, amandla nezinto anazo kubuye kuphele. Ngakho, kunokuba azame ukushintsha yonke into kanyekanye, ulungisa izinto kancane kancane.

Ukuzama ukufinyelela yonke imigomo yakho kanyekanye nakanjani kuyokwenza ungafinyeleli nowodwa!

ONGAKWENZA

Zithathe kancane kancane izejwayezi zakho. Izinyathelo ezilandelayo zingase zikusize:

  1. Bhala phansi uhlu lwezejwayezi ezinhle ofuna ukuba nazo nohlu lwezejwayezi ezimbi ofuna ukuziyeka. Ungazibambi; bhala konke ongakucabanga ohlwini ngalunye.

  2. Landelanisa izejwayezi ezisohlwini lwakho ngezinombolo kuye ngokubaluleka kwazo kuwe.

  3. Ohlwini ngalunye, khetha izejwayezi ezimbalwa—ngisho nesisodwa noma ezimbili—bese ugxila kuzo. Yibe usuthatha esisodwa noma ezimbili ezilandelayo ohlwini ngalunye.

Zama ukwenza lokhu kusheshe ngokuqala isejwayezi esihle esikhundleni sesibi. Ngokwesibonelo, uma ohlwini lwakho lwezejwayezi ezimbi kukhona nokubuka i-TV ngokweqile futhi ohlwini lwezinhle kukhona ukuthintana nabantu obathandayo, ungase uzinqumele lokhu: ‘Kunokuba ngivele ngivule i-TV lapho ngifika ekhaya ngivela emsebenzini, ngizothinta umngane noma isihlobo sixoxe.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIHLOBENE NALOKHU

“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

“Kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo.”—UmShumayeli 7:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela