Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 4 k. 5
  • 2. Lawula Indawo Ekuzungezile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2. Lawula Indawo Ekuzungezile
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1. Bhekana Namaqiniso
    I-Phaphama!—2016
  • Zuza Emandleni Esejwayezi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2016
  • Ingabe Ikhona Indlela Yokunqoba Imikhuba Emibi?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 4 k. 5
Izingubo zokujima, izicathulo, isigubhu samanzi kanye nento yokulalela umculo kuhlelwe ngayizolo

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKULAWULA IZEJWAYEZI ZAKHO

2 Lawula Indawo Ekuzungezile

  • Unqume ukudla ngendlela enempilo kakhudlwana, kodwa amehlo akho awavumi ukusuka esitsheni sika-ice cream.

  • Unqume ukuyeka ukubhema, kodwa umngane wakho—owaziyo ukuthi uzama ukuyeka ukubhema—ukunika ugwayi.

  • Ubuhlele ukujima namuhla, kodwa ukubheka izicathulo zakho zokugijima kukodwa nje kubukeka kuwumsebenzi omkhulu!

Zifana ngani lezi zimo? Kuye kwatholakala ukuthi indawo esizungezile—izimo esizifaka kuzo nabantu esizihlanganisa nabo—inegalelo ekuphumeleleni kwethu ekubeni nezejwayezi ezinhle nasekulahleni ezimbi.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”—IzAga 22:3.

IBhayibheli lisicebisa ukuba sihlele kusengaphambili. Ngokwenza kanjalo, singazigwema ngokucophelela izimo ezingasiphazamisa emigomweni yethu futhi sikwazi ukuzibeka ezimweni eziyosisiza kuyo. (2 Thimothewu 2:22) Ngamafuphi, kuwukuhlakanipha ukulawula indawo esizungezile.

Kwenze kube nzima ukwenza lokho ongakufuni, kube lula ukwenza lokho okufunayo

ONGAKWENZA

  • Kwenze kube nzima ukwenza lokho ongakufuni. Ngokwesibonelo, uma uzama ukuyeka ukudla okungenamsoco, gwema ukuba nokudla okunjalo endlini. Ngaleyo ndlela, lapho kufika isilingo, ukusivumela kuyodinga umzamo owengeziwe kunokusigwema.

  • Kwenze kube lula ukwenza lokho okufunayo. Ngokwesibonelo, uma uhlele ukujima ekuseni, beka izingubo zakho zokujima eduze kombhede ngayizolo ebusuku. Uma kuba lula ukuqala, cishe uyokwazi ukuqhubeka.

  • Khetha abangane bakho ngokucophelela. Sithambekele ekulingiseni abantu esizihlanganisa nabo. (1 Korinte 15:33) Ngakho nciphisa isikhathi osichitha nabantu abakhuthaza izejwayezi ozama ukuziyeka, uthole abazokukhuthaza kwezinhle.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIHLOBENE NALOKHU

“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

“Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela