Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 6 kk. 1-15
  • Lokho okushiwo yiBhayibheli ngokugcina isikhathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho okushiwo yiBhayibheli ngokugcina isikhathi
  • I-Phaphama!—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini ongayenza ukuze ukwazi ukugcina isikhathi?
  • Hlakulela Umkhuba Wokugcina Isikhathi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Kungani Kufanele Ugcine Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Wena Nokugcina Isikhathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 6 kk. 1-15
Indoda ibheka iwashi layo njengoba enye indoda ingena

Umbono WeBhayibheli

Ukugcina Isikhathi

Abaningi abakwazisayo ukugcina isikhathi banenkinga yokungasigcini bona ngokwabo. IBhayibheli lisinikeza ukuhlakanipha esingakusebenzisa kule ndaba.

Kubaluleke kangakanani ukugcina isikhathi?

OKWENZA KUBALULEKE

Abanye bathole ukuthi ukufika ngaphambidlana kwesikhathi endaweni empeleni kunciphisa ukukhathazeka. Ukugcina isikhathi kuthuthukisa nedumela lomuntu. Kanjani?

Ukugcina isikhathi kubonisa ukuthi uyakwazi ukwenza izinto ngokuhleleka. Lapho ufika ngesikhathi, kubonisa ukuthi uyazama ukuhlela ukuphila kwakho kunokuvumela izimo zikuvimbe ukuba wenze izinto ofuna ukuzenza.

Ukugcina isikhathi kubonisa ukuthi unokwethenjelwa. Emphakathini lapho ukuphulwa kwezithembiso nokunganakwa kwezibopho kuyinto evamile, abantu bayabazisa labo abawagcinayo amazwi abo. Abantu abanokwethenjelwa bazuza inhlonipho kubangane nasemndenini. Abaqashi bayabazisa labo abafika ngesikhathi emsebenzini futhi abaqeda umsebenzi ngesikhathi esibekiwe. Abasebenzi abanokwethenjelwa bangaklonyeliswa ngisho nangokukhushulelwa iholo nokwethenjwa ngokwengeziwe.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

EBhayibhelini kunamavesi ahlobene nokugcina isikhathi. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Korinte 14:40) Lapho ababili bevumelana ukuhlangana ngesikhathi esithile endaweni ethile, kuyinto elungile nefanele ngabo ukuba bagcine isikhathi. IBhayibheli liphinde lithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into phansi kwamazulu.” (UmShumayeli 3:1) Ivesi elilandelayo lithi kukhona “isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliwe.” (UmShumayeli 3:2) Abalimi batshala izitshalo ngesikhathi esifanele—abashiywa isikhathi—ukuze bathole isivuno esihle kunazo zonke abangasithola. Ngamanye amazwi, ukugcina komlimi isikhathi kuba nemiphumela emihle.

IBhayibheli lisembulela isizathu esihle nakakhulu sokugcina isikhathi: Kubonisa inhlonipho ngabanye nesikhathi sabo esiyigugu. (Filipi 2:3, 4) Ngokuphambene nalokhu, labo abavame ukulindisa abanye empeleni kunjengokungathi basuke besintshontsha isikhathi sabo.

“Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

Yini ongayenza ukuze ukwazi ukugcina isikhathi?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli likhuthaza ukuhlela kusengaphambili. (IzAga 21:5) Uma uthola ukuthi uvame ukufika ngemva kwesikhathi, kungenzeka unokuningi ngokweqile esimisweni sakho. Kungani ungakhiphi izinto ezidla isikhathi ezingabalulekile? Hlela ukuba kube nesikhathi esanele phakathi kwezinto ezisesimisweni sakho, bese uzibekela umgomo wokufika kusenesikhathi. Lokhu kuyokusiza lapho kuvela izimo ezingalindelekile, njengokuminyana emgwaqweni noma isimo sezulu esingesihle.

IBhayibheli likhuthaza nokuba nesizotha. (IzAga 11:2) Lokhu kusho ukwazi ukuthi kungakanani ongakwenza. Nquma ukuthi isikhathi esibekwayo noma esibekiwe sizohambelana yini nesimiso sakho ngaphambi kokuvuma. Ngokuzibophezela ezintweni eziningi ngokweqile, wenezela ukukhathazeka nokukhungatheka—kuwe nakwabanye!

IBhayibheli lisitshela nokuba sisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sethu. (Efesu 5:15, 16) Beka phambili izinto ezibaluleke kakhulu. (Filipi 1:10) Ngokwesibonelo, lapho usentweni yokuhamba yomphakathi noma usalinde abanye, sebenzisa leso sikhathi ukuze ufunde okuthile noma uhlele okusasele osukwini lwakho.

“Ngokuqinisekile amacebo [noma, ukuhlela] okhuthele ayamzuzisa.”​—IzAga 21:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela