Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 3 kk. 6-7
  • Indlela Yokunakekela Imizwelo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokunakekela Imizwelo Yakho
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INTUKUTHELO
  • UKUBONGA
  • AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “Ukuqondisisa Komuntu Ngokuqinisekile Kubambezela Intukuthelo Yakhe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukubhekana Nentukuthelo—Eyakho Neyabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 3 kk. 6-7
Abantu abanaso isineke kulayini wokuyokhokha esitolo, kodwa omunye wesifazane nendodakazi yakhe baqhubeka bezolile

Indlela Yokunakekela Imizwelo Yakho

IBhayibheli lixwayisa ngokuba nemizwa engasilimaza bese lisikhuthaza ukuba sibe nemizwa ezosizuzisa.

INTUKUTHELO

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”—IzAga 16:32.

KUSHO UKUTHINI? Siyazuza ngokuzama ukulawula imizwa yethu. Nakuba ngezinye izikhathi singathukuthela ngenxa yezizathu ezizwakalayo, intukuthelo engalawuleki iyalimaza. Abacwaningi banamuhla babonisa ukuthi uma abantu sebethukuthele kakhulu, basho noma benze izinto abazisolayo ngazo kamuva.

ONGAKWENZA: Funda ukulawula intukuthelo yakho ngaphambi kokuba ikulawule. Nakuba abanye abantu becabanga ukuthi intukuthelo engalawuleki isho ukuba namandla, kuwukuhlakanipha ngathi ukuqaphela ukuthi empeleni isho ukuba buthaka. IBhayibheli lithi “umuntu ongawubambi umoya wakhe unjengomuzi ofohliwe, ongenalo udonga.” (IzAga 25:28) Indlela ewusizo yokulawula intukuthelo yakho, iwukuthola ukuthi kwenzekeni kuqala ngaphambi kokuba sisho noma senze okuthile. “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.” (IzAga 19:11) Senza kahle ngokulalela ngokucophelela zombili izinhlangothi zendaba ukuze sikwazi ukulawula imizwa yethu.

UKUBONGA

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ziboniseni ningababongayo.”—Kolose 3:15.

KUSHO UKUTHINI? Kuthiwa ngumuntu obongayo kuphela ongajabula. Ngisho nalabo abake bashonelwa abantu ababathandayo noma balahlekelwa into ethile eyigugu bangakufakazela lokhu. Bathi okubasizile bakwazi ukubhekana nemizwa yabo ukubonga ngalokho abasele nakho kunokucabanga kakhulu ngalokho okubalahlekele.

ONGAKWENZA: Usuku nosuku bala izinto obongayo ngazo. Lezo akufanele kuze kube izinto ezinkulu. Kungaba izinto ezincane ezifana nokuphuma kwelanga, ingxoxo emnandi nabangane nokuthi nje uvukile. Lezo zinto zingakwenza uzizwe ujabule uma ucabanga futhi ubonga ngazo.

Kungakusiza kakhulu ukucabanga ngokuthi kungani kufanele ubonge ngomndeni onawo nabangane. Uma usukubonile okuthandayo ngabanye ungabatshela lapho ubabona, ungababhalela incwadi, i-email noma ungabathumelela umyalezo ngocingo. Lokhu kungaqinisa ubuhlobo bakho nabo futhi kukusize uthole injabulo etholakala ngokupha abanye.—IzEnzo 20:35.

AMANYE AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Umama ulalele ukufundwa kweBhayibheli okurekhodiwe njengoba egoqa isingubo zendodakazi yakhe encane

Ungakudawuniloda ukufundwa kweBhayibheli okulalelwayo ngesiNgisi. Kutholakala ngezilimi ezingaba ngu-40 ku-jw.org

GWEMA IMPIKISWANO.

“Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.”—IZAGA 17:14.

GWEMA UKUKHATHAZEKA NGOKUNGADINGEKILE NGEKUSASA.

“Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.”—MATHEWU 6:34.

CABANGISISA KAHLE KUNOKUBA WENZE OKUTHILE NGENXA NJE YENDLELA OZIZWA NGAYO.

“Ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda.”—IZAGA 2:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela