Ukubhekana Nentukuthelo—Eyakho Neyabanye
SIPHILA emphakathini othambekele ekuthukutheleni. Ukuminyana kwezimoto emigwaqweni, izindinganiso eziphikisanayo nezishintshashintshayo, ukungezwani, ukungaphathwa kahle, noma ezinye izinto ezikhungathekisayo zokuphila kwansuku zonke zibange la ukukhathazeka okukhulu. Ukukhathazeka kuyanqwabelana, futhi cishe wonke umuntu unezinga lakhe lokuvutha ngentukuthelo. Ngakho, kufanele sifunde ukuzola. Singaqalisa usuku ngalunye sinesimo esiqondile—sibonisa ukubekezela, nesimo esihle sengqondo. Abaningi bethu ban emikhaya ebathandayo. AmaKristu futhi anamaKristu athembekile akanye nawo ebandleni, futhi ngaphezu kwakho konke, anoMalusi onothando, uJehova uNkulunkulu. Ngakho, asikho isidingo sokwesaba imbangela eyodwa evamile yentukuthelo: umuzwa wokuba wedwa, wokushiywa.—IHubo 23:1-6; Heberu 13:5, 6.
Nokho, uma sizwa intukuthelo noma kufanele sibhekane nentukuthelo yomunye umuntu, kufanele sibhekane nayo ngendlela efanele ukuze silondoloze injabulo nenhlala-kahle yethu. Kanjani? IBhayibheli liyasitshela: “Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.” (IzAga 16:32) Esikhundleni sokuba sinqume masinyane ukubonisa intukuthelo, kufanele sicabangele okungase kube umphumela wezenzo zethu. Ukubala size sifike eshumini kungasivimbela ukuba senze into esingazisola ngayo kamuva.—IzAga 14:17.
Uma kwenzeka sithukuthela futhi singazi ukuthi kungani, kufanele sifune usizo ngentobeko nangobuqotho. Ukuvuma kwabanye, ikakhulukazi kulabo abasithandayo, ukwesaba kwethu noma isidingo sosizo akubona ubuthaka; kuyisenzo sokuhlakanipha nesibindi. Khona-ke singafinyelela emnyombweni wenkinga. IBhayibheli lithi: “Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayakuchitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.”—IzAga 15:22.
Ukuzama ukuqonda izizathu zokuthi kungani abanye beziphatha ngendlela abaziphatha ngayo lokhu kuyosisiza ukuba silawule ukusabela kwethu kwemizwelo. Ngaphezu kwalokho, uma siphendula umuntu othukuthele ngokuthi: “Ngiyaqonda ukuthi kungani uthukuthele,” ingase yehle masinyane intukuthelo kuye. IBhayibheli liyeluleka: “Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.”—IzAga 19:11.
Uma kungenzeka silimaze othile singaqondile, kufanele sixolise kuye. Ngokwesibonelo, uma othile ekunyathela ozwaneni, ungase uthukuthele. Kodwa uma exolisa, intukuthelo yakho iyaphela. Kungenzeka uzwane lwakho lusebuhlungu, kodwa isithunzi sakho siyahlonipheka. Ngokufanayo, imikhuba yethu emihle yokuziphatha ehambisana nenhlonipho evamile nesimo esihle sengqondo kungaqeda ukucasuka futhi kulondoloze inhlonipho ebuhlotsheni bethu nomlingane womshado, abantwana, abangane, namalungu ebandla lobuKristu.—IzAga 16:24; Kolose 4:6; 1 Petru 3:8.
Ekusingatheni isimo esisibangela ukuba sizizwe sithukuthele, kuyasiza ukwazi ukuthi singakhuluma kanjani ngentukuthelo yethu ngaphandle kokuhlasela omunye umuntu. Kukhona umehluko ogqamile phakathi kokuhlasela ngamazwi (“Siphukuphuku!” noma, “Ngizokupitshiza!”) nokubika intukuthelo yakho (“Ngiphatheke kabi kakhulu”). Ngokuvamile ukuhlasela ngamazwi akuphumeleli ngoba kubangela omunye umuntu ukuba aphindisele, kanti ukubika indlela ozizwa ngayo akusikho ukuhlasela, futhi omthukuthelele angase ashukunyiselwe ukuba axolise. Njengoba iBhayibheli lisho: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.”—IzAga 15:1, 18.
Intukuthelo Yokulunga
Ngabaningi bethu kungokwemvelo ukuzizwa sithukuthele ngezinye izikhathi. IBhayibheli libika ukuthi ngisho noJehova uyazizwa ethukuthele. (Zefaniya 2:2, 3; 3:8) Ngakho, akumangalisi ukuthi umuntu, owenziwe ngomfanekiso waKhe, uba nemizwa efanayo. (Genesise 1:26) Ngakho, umuzwa wokuthukuthela ngokwawo awusiso isono.
Nokho, lapho uJehova ethukuthele, ngaso sonke isikhathi kungenxa yesizathu esifanele: Kwephulwe izimiso zokulunga. Futhi ngaso sonke isikhathi ukusabela kwakhe kuqondile futhi kulawulwa kahle ngokuphelele. Kuhlukile ngabantu abangaphelele. Ngokuvamile sithukuthela ngenxa yokuthi kulinyazwe idumela lethu noma ngenxa yobunye ubuthakathaka bobuntu. Kungakho kunesidingo sokuqapha endleleni esilawula ngayo intukuthelo yethu. Njengoba umphostoli uPawulu axwayisa: “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.” (Efesu 4:26, 27) Yebo, uSathane angasizakala ngentukuthelo yethu engalawulwa. Eqinisweni, “ukuthukuthela” kusohlwini ‘lwemisebenzi yenyama’ evimbela umuntu ekudleni ifa loMbuso kaNkulunkulu.—Galathiya 5:19-21.
Kungalesosizathu umfundi uJakobe eluleka: “Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowomuntu . . . aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jakobe 1:19, 20) Ngisho noma ulaka lwethu lungenxa yesizathu esifanelekile, uku ngapheleli kungasiholela ukuba senze ngendlela engalawuliwe, nengalungile. Ngakho, ngaso sonke isikhathi kufanele siqondiswe ilesimiso: “Ningaziphindiseli ninabathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” (Roma 12:19) Khumbula futhi, ukuthi njengabantu abangaphele, singalenza iphutha. Ngakho, kuyingozi ukusheshe wahlulele abanye egameni lentukuthelo yokulunga.—Jakobe 2:13; 4:11, 12; 5:9.
NgokwemiBhalo, siphila esikhathini sokuphela. Kulezinsuku zokugcina, ‘izizwe zithukuthelele’ uMbuso kaNkulunkulu, futhi uDeveli “unolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 11:17, 18; 12:10-12) Ngakho-ke, ukuphila kwethu ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu ukuphela kwesivikelo sethu esingokoqobo. (IHubo 119:105) Masinyane uNkulunkulu uzoletha isahlulelo phakathi kwezizwe, futhi umhlaba uzosuswa konke ukungalungi. (Isaya 35:10; 65:23; Mika 4:3, 4) Okwamanje, sidinga ukuqiniseka ukuthi asilingisi izindlela zaleli zwe elithukuthele. Ukulawula intukuthelo yethu ngendlela efanele kuyosiza ekugcineni uthando emshadweni, ubunye bobuKristu, nokuthula komuntu siqu nenjabulo. Futhi okubaluleke nangokungaphezulu, kuyosisiza ukuba siqhubeke sijabulela umusa kaJehova uNkulunkulu futhi asibusise.—IHubo 119:165.