Phakathi nezikhathi zeziyaluyalu, vikela imali yakho nezinto onazo ngokwenza lezi zinto
NCIPHISA IZINDLEKO
Nciphisa izindleko
Ungathengi ngokungenasidingo izinto zasendlini nezingubo zokugqoka. Zibuze: ‘Ngingakwazi yini ukuphila ngaphandle kokuba nemoto? Ngingayitshala yini imifino?’
Ngaphambi kokuthenga okuthile, zibuze: ‘Ngiyakudinga yini ngempela? Nginayo yini imali yokukuthenga?’
Bhalisela usizo oluvela kuhulumeni uma lukhona.
“Sahlala phansi njengomndeni ukuze sibheke indlela esiphila ngayo. Sanciphisa imali esiyichitha kwezokuzijabulisa. Sazama ukuthenga ukudla okungabizi kakhulu.”—UGift.
HLELA UKUTHI UZOYISEBENZISA KANJANI IMALI
Hlela ukuthi uzoyisebenzisa kanjani imali
IBhayibheli lithi: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni.” (IzAga 21:5) Ukuhlela ukuthi uzoyisebenzisa kanjani imali kungakusiza ungasebenzisi imali engaphezu komholo wakho.
Okokuqala, bhala phansi ukuthi uzoba namalini uma kuphela inyanga.
Okwesibili, bhala phansi izindleko zenyanga ngayinye bese uhlola ngokucophelela ukuthi kukhona yini ongakulungisa.
Yibe usuqhathanisa imali oyitholayo nezindleko zakho. Uma uqaphela ukuthi awunayo imali eyanele, nciphisa izindleko ngokungazithengi izinto ongazidingi ngempela.
“Inyanga ngayinye, sibhala phansi imali engenayo kanye nezindleko esinazo. Sizama ukuba nemali yezimo eziphuthumayo neyezinto esingase sizidinge esikhathini esizayo. Lokhu kusisiza ukuba singakhathazeki kakhulu ngoba sisuke sesihlelile ukuthi sizoyisebenzisa kanjani imali esiyitholayo.”—UCarlos.
GWEMA IZIKWELETU / YONGA IMALI
Gwema izikweletu / yonga imali
Zama ukunciphisa izikweletu. Uma kungenzeka, kugweme ngokuphelele ukuba nesikweletu. Zama ukubeka imali ukuze uthenge okudingayo.
Beka imali nyanga-zonke yezinto ohlela ukuzenza neyezinto ezingase zenzeke kungalindelekile.
SEBENZA KANZIMA / ZAMA UKUNGALAHLEKELWA UMSEBENZI
IBhayibheli lithi: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.”—IzAga 14:23.
Sebenza kanzima / zama ukungalahlekelwa umsebenzi
Yiba nombono ofanele ngomsebenzi owenzayo. Kungenzeka umsebenzi owenzayo akuwona lowo owawuwufisa kodwa uyakunika imali.
Zimisele ukuba isisebenzi esikhuthele nesethenjwayo. Lokhu kungakusiza ungalahlekelwa umsebenzi noma uwuthole kalula omunye umsebenzi esikhathini esizayo.
“Ngenza noma yimuphi umsebenzi engiwutholayo ngisho noma ngingawuthandi noma ungiholela imali encane kunaleyo ebengingalindela ukuyihola. Ngithembekile futhi ngiwenza kahle umsebenzi njengokungathi ngiwenzela mina, ngenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.”—UDmitriy.
Ongakwenza uma ufuna umsebenzi . . .
Thatha isinyathelo kuqala. Fesa ezinkampanini ngisho noma zingashongo ukuthi ziyaqasha. Tshela abangani namalungu omndeni ukuthi ufuna umsebenzi.
Zivumelanise nezimo. Mancane amathuba okuthola umsebenzi oyikho konke okufunayo.