Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 2/1 k. 6
  • Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igama LikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2017
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGASONDELA KUNKULUNKULU
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • IGama Elikhulu Kunawo Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 2/1 k. 6

Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

Izimpendulo ezivamile:

▪ “Igama lakhe iNkosi.”

▪ “Akanalo igama.”

Wathini uJesu?

▪ “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.’” (Mathewu 6:9) UJesu wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu unegama.

▪ “Ngibazisile igama lakho futhi ngizolazisa, ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.” (Johane 17:26) UJesu walenza laziwa igama likaNkulunkulu.

▪ “Anisoze nangibona nize nithi, ‘Ubusisiwe oza egameni likaJehova.’” (Luka 13:35; IHubo 118:26) UJesu walisebenzisa igama likaNkulunkulu.

UNKULUNKULU ngokwakhe usitshela igama lakhe. Ucashunwa embhalweni ethi: “NginguJehova, yilelo igama lami.”a (Isaya 42:8, American Standard Version) Igama elithi Jehova yigama lesiZulu elaziwa kakhulu eliyigama lesiHebheru uNkulunkulu azinika lona. Kungase kukumangaze ukwazi ukuthi leli gama lesiHebheru eliyingqayizivele livela izikhathi eziyizinkulungwane emibhalweni yeBhayibheli yasendulo. Empeleni, livela kaningi kunanoma yiliphi elinye igama eBhayibhelini.

Lapho bephendula umbuzo othi “Lingubani igama likaNkulunkulu?” abanye bangase bathi, “INkosi.” Empeleni lokhu kuyafana nje nokuphendula umbuzo othi “Ubani ophumelele okhethweni?” ngokuthi, “obengenele ukhetho.” Lokho akuyona impendulo ecacile ngoba elithi “Nkosi” nokuthi “obengenele ukhetho” akuwona amagama.

Kungani uNkulunkulu asembulela igama lakhe? Wayefuna ukuba simazi kangcono. Ngokwesibonelo, umuntu angase abizwe ngokuthi Mhlonishwa, S’khulu, Baba, noma Mkhulu, kuye ngezimo. Lezi ziqu zembula okuthile ngaye. Kodwa igama lomuntu lisikhumbuza konke esikwaziyo ngaye. Ngokufanayo, iziqu ezithi Nkosi, Mninimandla onke, Baba, nesithi Mdali zisenza sicabange ngemisebenzi ehlukahlukene kaNkulunkulu. Kodwa yigama lakhe kuphela, elithi Jehova, elisikhumbuza yonke into esiyaziyo ngaye. Ungamazi kanjani uNkulunkulu ngempela ngaphandle kokwazi igama lakhe?

Akubalulekile nje kuphela ukulazi kodwa nokulisebenzisa lelo gama. Ngani? Ngenxa yokuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13; Joweli 2:32.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole incazelo yokuthi lisho ukuthini igama likaNkulunkulu, nokuthi kungani izinguqulo ezithile zeBhayibheli zingenalo, ungase uthande ukubheka amakhasi 195-197 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Umuntu angase abizwe ngokuthi Mhlonishwa, S’khulu, Baba, noma Mkhulu, kuye ngezimo. Kodwa igama lakhe siqu lisikhumbuza konke esikwaziyo ngaye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela