Ukuthola Ingcebo Efihliweyo
WAKE wayithola yini ingcebo efihliwe endaweni obungayicabangi? Yilokho okwenzeka ngo-March 27, 2005, ku-Ivo Laud, ongomunye woFakazi BakaJehova e-Estonia. Wayesiza udade osekhulile u-Alma Vardja ekudilizeni ishede lakhe elidala. Njengoba bewisa udonga olungaphandle babona ibhodi elalimboze uhlangothi olulodwa lwensika. Lapho belisusa ibhodi, bathola isikhoxe esingaba amasentimitha ayishumi ububanzi, amamitha angu-1,2 ubude namasentimitha ayishumi ukujula. (1) Kwakuyikhosombana elalinengcebo efihliwe! Hlobo luni lwengcebo? Ubani owayeyifihlile?
Kuleso sikhoxe kwatholwa izishuqulwana ezisongwe ngephepha eliwugqinsi. (2) Lezi zishuqulwana zazinezincwadi zoFakazi BakaJehova, ikakhulukazi izihloko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda, ezinye okwakungezika-1947. (3) Zazibhalwe ngesandla ngobunono ngolimi lwase-Estonia. Ezinye zalezi zishuqulwana zazinezinkomba zokuthi ubani owayezifihle lapho. Lezo zazingamarekhodi okuphekwa ngemibuzo komyeni ka-Alma, uVillem Vardja. Kwatholakala nokwaziswa okuphathelene neminyaka ayichitha ejele. Kungani ayeboshiwe?
UVillem Vardja wayeyinceku eyayiphathiswe okuningi eBandleni LaseTartu futhi kamuva naseBandleni Lase-Otepää e-Estonia, eyake yaba yingxenye ye-Union of Soviet Socialist Republics. Kubonakala sengathi wathola iqiniso ngaphambi kweMpi Yezwe II. Eminyakeni embalwa kamuva, ngo-December 24, 1948, uMfoweth’ uVardja waboshwa umbuso wamaKhomanisi ngenxa yemisebenzi yakhe ehilela inkolo. Waphekwa ngemibuzo futhi wahlukunyezwa amaphoyisa omshoshaphansi ayezama ukumphoqa ukuba awatshele amagama abanye oFakazi. Ngemva kokwenqatshelwa ithuba lokuba azivikele enkantolo, wagwetshwa iminyaka eyishumi emakamu aseRussia.
UVillem Vardja wahlala ethembekile kuJehova kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-March 6, 1990. Umkakhe wayengazi lutho ngalezi zincwadi. Kumelwe ukuba umyeni wakhe wayefuna ukumvikela uma kwenzeka ephonswa ngemibuzo. Kungani kwakudingeka azifihle izincwadi? Kungenxa yokuthi abeKomiti Yezokuphepha YoMbuso WeSoviet, ama-KGB, babevame ukufika ngokuzumayo bezosesha izincwadi zenkolo emakhaya oFakazi BakaJehova. Cishe uMfoweth’ uVardja wafihla lezi zincwadi ukuze abafowabo bakwazi ukuthola ukudla okungokomoya uma kwenzeka ama-KGB eshaqa izincwadi. Ezinye izincwadi zazitholakale ehlobo lika-1990, kwathi ezinye zatholakala eTartu, eningizimu ye-Estonia. Nazo zazifihlwe uVillem Vardja.
Kungani sibiza lezi zincwadi ngengcebo? Kungenxa yokuthi lezi zincwadi ezibhalwe ngesandla ngobunono zabe sezifihlwa ngokucophelela zisitshela lukhulu ngokwazisa oFakazi ababenakho ngokudla okungokomoya okwakutholakala ngaleso sikhathi. (Math. 24:45) Ingabe uyawazisa amalungiselelo angokomoya owatholayo manje endaweni yakini? Elinye lawo INqabayokulinda ngolimi lwase-Estonia nangezinye izilimi ezingaphezu kuka-170.