1 UNkulunkulu Uyimfihlakalo—Ingabe Lokho Kuyiqiniso?
Okungenzeka ukuthi wake wakuzwa: “UNkulunkulu usebenza ngezindlela eziyimfihlakalo.”
“UBaba Ongenakuqondakala, iNdodana Engenakuqondakala, noMoya Ongcwele Ongenakuqondakala.”—ISivumo Sokholo sika-Athanasius esichaza uZiqu-zintathu ofundiswa amasonto amaningi eLobukholwa.
Okufundiswa iBhayibheli: UJesu wathi labo ‘abangenisa ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso’ bayothola izibusiso. (Johane 17:3) Kodwa singalungenisa kanjani ulwazi ngoNkulunkulu uma eyimfihlakalo? UNkulunkulu akazifihli, kunalokho ufuna wonke umuntu amazi.—Jeremiya 31:34.
Yiqiniso, asisoze sazi konke ngoNkulunkulu. Lokhu kulindelekile ngoba imicabango nezindlela zakhe kuphakeme kakhulu kunokwethu.—UmShumayeli 3:11; Isaya 55:8, 9.
Indlela ukwazi iqiniso okukusiza ngayo: Uma uNkulunkulu eyimfihlakalo engaqondakali, kungani sizihlupha ngokumazi? UNkulunkulu akagcini nje ngokusenza simqonde, kodwa usisiza nokuba sibe abangane bakhe. Wachaza indoda ethembekile u-Abrahama ngokuthi ‘umngane wami,’ futhi iNkosi uDavide yakwa-Israyeli yaloba: “Ukusondelana noJehova kungokwabamesabayo.”—Isaya 41:8; IHubo 25:14.
Ingabe umcabango wokuba umngane kaNkulunkulu uzwakala uyihaba? Kungenzeka, kodwa phawula lokho okushiwo izEnzo 17:27: ‘UNkulunkulu akakude kulowo nalowo kithi.’ Ngayiphi indlela? NgeBhayibheli, uNkulunkulu usinikeza esikudingayo ukuze simazi kahle.a
Usitshela igama lakhe elithi Jehova. (Isaya 42:8) Uye wasigcinela umlando wendlela asebenzelana ngayo nabantu ukuze simazi ukuthi unguMuntu onjani. Ngaphezu kwalokho, usambulela izimfanelo zakhe. ‘Unesihe nomusa, wephuza ukuthukuthela uchichima umusa wothando neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Esikwenzayo kungamthinta. Ngokwesibonelo, isizwe sakwa-Israyeli wasendulo ‘samzwisa ubuhlungu’ lapho sidlubulunda, kodwa labo ababonisa ukuhlakanipha ngokumlalela bamlethela injabulo.—IHubo 78:40; IzAga 27:11.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuthi lithini iBhayibheli ngoNkulunkulu, bheka isahluko 1 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Uma uNkulunkulu enguZiqu-zintathu oyimfihlakalo, singamazi kanjani ngempela?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
The Trinity c.1500, Flemish School, (16th century)/H. Shickman Gallery, New York, USA/The Bridgeman Art Library International