Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 10/1 k. 4
  • Saba Khona Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Saba Khona Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • IPharadesi Liyalahleka
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Okwenza Ububi Buqhubeke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Kungani Kukhona Ububi Nokuhlupheka?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 10/1 k. 4

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

Saba Khona Kanjani?

UGenesise incwadi yokuqala yeBhayibheli, uchaza kalula nje ukuthi indawo yonke yaba khona kanjani: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Ngemva kokuba uNkulunkulu edale izitshalo nezilwane, wadala abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva. Babehlukile ezilwaneni ngoba abantu banezimfanelo zikaNkulunkulu ngezinga elithile, ezihlanganisa inkululeko yokuzikhethela. Ngakho babeyolandisa ngezenzo zabo. Ukube balalela imiyalo kaNkulunkulu, babeyohlanganyela enjongweni kaNkulunkulu njengabazali bokuqala babo bonke abantu emhlabeni ababeyojabulela ukuphila okuphelele nokunokuthula emhlabeni phakade.

Nokho, ingelosi ethile noma isidalwa somoya, yasebenzisa abantu ukuze ifeze izinjongo zayo zobugovu. Ngaleyo ndlela yaba uSathane, okusho “uMphikisi.” Esebenzisa inyoka, uSathane wakhohlisa u-Eva wathi kuyomhambela kahle uma engasilaleli isiqondiso sikaNkulunkulu. U-Adamu no-Eva balalela uSathane, banqamula ubuhlobo babo noMenzi wabo. Ngenxa yokukhetha kwabo okubi, abazali bethu bokuqala balahlekelwa ukuphila okuphakade futhi badlulisela isono kithi sonke, ukungapheleli nokufa esingenakukubalekela.

Ngokushesha nje, uNkulunkulu wamemezela inhloso yakhe yokulungisa lesi simo esidabukisayo futhi acabele inzalo ka-Adamu indlela yokuthola ukuphila okungapheli. UNkulunkulu wabikezela ukuthi ‘inzalo’—umuntu othile okhethekile—yayiyogcina ibhubhise uSathane futhi iqede konke ukuhlupheka okubangelwe uSathane, u-Adamu no-Eva. (Genesise 3:15) Yayiyoba ubani leyo “nzalo”? Kwakuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi.

Kungakenzeki lokho, uSathane wayelokhu ezama ukubhuntshisa injongo enhle kaNkulunkulu. Isono nobubi kwanda ngokushesha. UNkulunkulu wanquma ukubhubhisa ababi ngozamcolo. Wayala uNowa olungile ukuba akhe umkhumbi—ibhokisi elikhulu elintantayo—ukuze azisindise yena nomndeni wakhe, kanye nezilwane ayeyalwe ukuba azifake emkhunjini.

Ngemva konyaka uZamcolo uqalile, uNowa nomndeni wakhe baphuma emkhunjini baphumela emhlabeni ohlanziwe. Kodwa ‘inzalo’ yayingakaveli.

—Isekelwe kuGenesise izahluko 1-11; uJude 6, 14, 15; IsAmbulo 12:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela