Uyamenywa EMhlanganweni Wesigodi Ka-1990 “Wolimi Oluhlanzekile”!
1 Eminyakeni eyikhulu edlule, imihlangano emikhulu ibilokhu iyisici esivelele sokukhulekela kwethu. Ikakhulukazi kusukela ekuvuselelweni komsebenzi wethu wokushumayela ngo-1919, lemibuthano ibilokhu iyizikhathi eziphawulekayo zokuqabuleka ngokomoya njengoba ukukhanya okwembuliwe okuvela eZwini likaNkulunkulu bekwenziwa kwaziwe.
2 Ngokwesibonelo, khumbula injabulo engenakulinganiswa eyaba khona eColumbus, Ohio, ngo-1931 lapho abantu bakaNkulunkulu bethola igama elisha, elithi oFakazi BakaJehova. Futhi, kwaba khona injabulo enkulu ngenxa yeqiniso elambulwa eWashington, D.C., ngo-1935, lapho kuboniswa ukuthi “isixuku esikhulu” sasizosindela emhlabeni omusha kaJehova.—IsAm. 7:9.
3 Imihlangano yesigodi ka-1990 iyoba nesihloko esithi “Ulimi Oluhlanzekile,” futhi uyamenywa ukuba ube khona. ENingizimu Afrika, kuhlelwe imihlangano engu-19. Izwi likaJehova lesiprofetho elikuZefaniya 3:9 lithi: “Lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.” Umhlangano kulonyaka ngeke nje kuphela ubonise ukuthi “ulimi oluhlanzekile” luyini kodwa futhi uyosisiza ukuba siqaphele ukuthi kungani ukulufunda nokulukhuluma ngokushelelayo kubaluleke kangaka nokuthi kungani ikhono lethu lokulusebenzisa liqinisa ubunye bobuzalwane bomhlaba wonke.
4 FIKA NGAPHAMBI KWESIKHATHI: Inhlangano kaJehova isimema ukuba sizokudla etafuleni lakhe elingokomoya. Kuwuphawu lwenhlonipho nokwazisa ukufika ngesikhathi. Empeleni, lokhu kusho ukuthi kufanele sifike ngaphambi kwesikhathi usuku ngalunye futhi sibe sesihleli ngaphambi kokuba isimiso siqale. Lokhu kudinga ukuba nesikhathi esanele sokunakekela izinto ezidinga ukunakekelwa, njengokupaka izimoto zethu kanye nokuthola izihlalo ezifanele zemikhaya yethu.—1 Kor. 14:40.
5 Izihambeli ezazisemihlanganweni yasePoland ngonyaka odlule zazihlabeke umxhwele ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando, kanye nobunye babazalwane bazo. Ukuwazisa ngokujulile amalungiselelo angokomoya ayezonikezwa umhlangano kwakusobala. Usuku ngalunye ekuseni, abazalwane babeba sezindaweni zomhlangano ngaphambi kwesikhathi, bahlale futhi balindele ingoma yokuvula nomthandazo. Babehlala kuze kuhlatshelelwe ingoma yokuphetha nomthandazo, futhi babengasheshi bahambe ngemva kwesimiso ukuze bajabulele ubudlelwane nabafowabo.
6 Ukuhleleka kwabazalwane kwakuyisibonelo. Babezele ukuzolalela nokufunda. Ngisho nokuna kwemvula ezinkundleni zemidlalo ezingenampheme ePoznan naseChorzów akuzange kukuphazamise ukulalelisisa kwabo isimiso. Abasha ababekhona, kuhlanganise nezingane, babeqeqesheke kahle, bethulile, futhi belalelisise isimiso. Imikhaya yayihleli ndawonye. Yayiyisibonelo ekuboniseni kwayo inhlonipho ejulile ngetafula likaJehova. Singazuza kanjani esibonelweni sabo?
7 KungokomBhalo ukulingisa isibonelo esihle sabanye. (2 Thes. 3:7) Nakuba izimo zethu ngabanye zingase zehluke, nathi sifuna ukuzuza ngangokunokwenzeka emihlanganweni yethu emikhulu. Ukuze ivimbele ukukhathazeka nokukhungatheka ngenxa yokufika sekwephuzile endaweni yomhlangano, eminye imikhaya ikuthola kuzuzisa ukumisa isikhathi esikahle sokulala. Ngokunamathela ngokuqinile kulesimiso, iyakwazi ukulala ngokwanele futhi ikulungele ukusheshe ivuke ngosuku olulandelayo. Lokhu kuvimbela ukufika isimiso sesiqhubeka, okuphazamisayo nokungabacasula labo asebehleli kakade. Ukucabangela kwethu kulokhu kubonisa inhlonipho yethu ngoJehova nothando lwethu kanye nokucabangela abafowethu.
8 UMHLANGANO WEZINSUKU EZINE: Umhlangano Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” uyothatha izinsuku ezine. Uyoqala ngoLwesine ngo-1:30 ntambama futhi uyophela cishe ngo-5:10 ntambama ngoLwesine, ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo, futhi uphele ngo-4:00 ntambama ngeSonto. NgoLwesihlanu kuze kube iSonto isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni. (Sizani niphawule: Umhlangano wasePitoli uyoqala ngoLwesihlanu uphele ngoMsombuluko.) Usuku ngalunye luyobe lugcwele ukwaziswa okubalulekile okumayelana nokukhuluma ulimi oluhlanzekile. Kuyoba nezinkulumo, imiboniso, okuhlangenwe nakho, izinkulumo eziwuchungechunge, kanye namadrama amabili eBhayibheli.
9 Zimisele ukungaphuthelwa ngisho nayingxenye eyodwa yesimiso. Lokhu kungase kudinge ukuzidela kwakho nokwenza ushintsho esimisweni sakho. Abanye bangase bakuthole kudingekile ukwenza amalungiselelo akhethekile nabaqashi babo. Abaningi baze badele ngisho nezinzuzo ezingokwezimali ukuze babe khona kuzo zonke izingxenye zesimiso. Nokho, cabanga ngalokho abazalwane bethu abaningi abakudela nokwadingeka ukuba badlule kukho ukuze babe khona emihlanganweni yasePoland ngonyaka odlule. Ingabe lokhu akukwenzi ukuba ukushisekele nangokwengeziwe ukuba ube khona emhlanganweni wenu kuzo zonke izingxenye zesimiso? Ngokuqinisekile uJehova uyobabusisa labo abenza lokhu kube indaba yomthandazo oqotho futhi benze umzamo oqotho wokuba babe khona.—Heb. 10:24, 25.
10 LALELA NGOKUCOPHELELA: KumaHubo 50:7 uJehova uthi: “Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma.” Khona-ke, phakathi nesimiso somhlangano, ungaphazanyiswa yizinto ozibonayo nemisindo engahlobene nokwaziswa okunikezwa endaweni yesikhulumi. Isifiso sethu sokukhuluma ulimi oluhlanzekile ngokushelela kumelwe sisishukumisele ukuba sivumelane ngokugcwele nesicelo sikaJehova esikuIsaya 55:2: “Ngilaleleni nokungilalela.”
11 Konke ukwaziswa okuzonikezwa kulomhlangano kungokwenhlalakahle yethu engokomoya futhi kuzoqinisa ukuzimisela kwethu ukuba sihlale siqinile enkonzweni yethu kuJehova nokuba sihlale sisebunyeni nabazalwane bethu. Lomhlangano uyosazisa ngezidingo zamanje futhi usisize ukuba sihambisane nenhlangano kaJehova. Ukungalalelisisi kuyosenza ukuba sisalele ngemuva. Kumelwe sizigcine sithathekile yisimiso ukuze sizuze ngokugcwele kuso futhi kamuva sisebenzise lokho esikufundayo.—Jak. 1:25.
12 Ingabe kukhona esingakwenza ukuze sisilalelisise kangcono isimiso futhi sikukhumbule ukwaziswa okunikeziwe? Yebo, kukhona. Izihambeli eziningi zomhlangano ziye zahlakulela umkhuba ozuzisayo wokubhala amaphuzu phakathi nesimiso. Izinto ezifanele zokubhala amaphuzu kufanele ziphathwe kanye namaBhayibheli namaculo njengezinto zokuqala lapho kuyiwa emhlanganweni. Uma ukubhala amaphuzu uye wakubheka ngokungaqiniseki, kungani ungakuzami phakathi noMhlangano “Wolimi Oluhlanzekile”? Ungase uthole ukuthi kuyindlela enhle yokugcina ukunakekela kwakho kugxile kulokho okushiwoyo nokuthi kukuvikela ekuvumeleni ingqondo yakho ukuba izule.
13 Amaphuzu owabhalayo akudingekile ukuba abe made noma aningilize. Ngokuvamile umushwana owodwa noma emibili iyokwanela ukuba ihlanganise iphuzu eliyinhloko. Abadala bakuthola kuwusizo ukuba namaphuzu abhalwe ngobunono ukuze babukeze isimiso somhlangano ngokunenzuzo eMhlanganweni Wenkonzo. Futhi, bangase bathande ukusebenzisa amaphuzu amaningi kwanikezwe emhlanganweni ekufundiseni kwabo nasemsebenzini wabo wokwalusa.
14 INGOMA NOMTHANDAZO: UJehova siyamdumisa ngokuhlabelela izindumiso zakhe. Kuyingxenye yokukhulekela kwethu. UJehova futhi uyajabula lapho abantu bakhe besondela kuye ngomthandazo oqotho. (IzAga 15:8b) Imihlangano yesigodi isinikeza ithuba eliyingqayizivele lokuba sihlangane nezinkulungwane zabafowethu nodadewethu ekudumiseni uJehova kokubili ngengoma nangomthandazo. Nokho, abanye baye babonisa ukuntula inhlonipho ngalezingxenye ezibalulekile zokukhulekela kwethu. Kanjani? Ngokufika emhlanganweni ngokungadingekile phakathi noma ngemva kwengoma nomthandazo wokuvula. Noma ekupheleni kwesimiso, abanye bashiya izindawo zabo zokuhlala phakathi nengoma nangaphambi komthandazo. Kungani benza kanjalo? Ngezikhathi ezingavamile kungase kube khona izizathu ezinhle zalokhu. Nokho, ingabe kubonisa inhlonipho efanelekile nokwazisa ngetafula likaJehova lapho abanye beyeka ilungelo lokuhlabelela nokuhlanganyela emthandazweni ukuze nje bahambe kuqala baye ezimotweni zabo noma badle?—Math. 6:33.
15 Kumelwe kuqashelwe ukuthi lapho sifuna lokho okuyozuzisa thina siqu, asivumeli isimo sengqondo sezwe sokuba ngowokuqala noma izimfanelo zokungamesabi uNkulunkulu njengokuhaha nobugovu ukuba zivimbele intuthuko yethu engokomoya. Kwangathi singabonisa umoya wokwazisa izinto ezingcwele onjengalowo owaboniswa abafowethu emihlanganweni yasePoland ngonyaka odlule, futhi kwangathi singaba nhliziyonye nabo ngokubonisa inhlonipho efanelekile ngezici zokukhulekela kwethu ezibaluleke kangaka, okungukuthi, umthandazo nokuhlabelela izindumiso eziya kuJehova.—IHu. 69:30.
16 IMIKHUBA YETHU YOBUKRISTU: Imikhuba yethu nokubonakala kwethu kobuKristu emihlanganweni kuye kwasizuzela idumela elihle njengoFakazi BakaJehova. Lokhu kungenxa yokuthi siqotho ekukhulekeleni kwethu uJehova futhi kungenxa yokuthi ukuya emhlanganweni asikubheki njengohambo lokuzijabulisa. Lapho sihlangana ngenxa yezenzakalo ezinjalo ezikhethekile, kufanele silondoloze ukuhlonipheka kobuKristu kanye nesimo sengqondo esingokomoya, siziphathe njengezikhonzi ngazo zonke izikhathi.—1 Kor. 10:31-33.
17 Nokho, kuyadabukisa ukubona ukuthi abambalwa ababa khona emihlanganweni baye baba abanganaki ngokungadingekile esimweni sabo sengqondo, ekugqokeni, enkulumweni, nasekuziphatheni. Yini engenziwa lapho kubonakala izinto ezinjalo ebandleni noma emhlanganweni? Labo abanezimfanelo ezingokomoya kufanele banikeze iseluleko sothando ngenjongo yokulungisa. (Gal. 6:1; Efe. 4:11, 12) Ukukhuluma ulimi oluhlanzekile kufanele kusishukumisele ukuba sisekele idumela lethu elihle kanye nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha.
18 Omunye umuntu owayeze komunye wemihlangano washiya incwadi elandelayo ebhokisini lomnikelo eyayithi: “Ngisijabulele kakhulu isimiso senu. Manje ngizotadisha iBhayibheli nomunye wabazalwane. Lokhu bekuwukuhambela kwami kokuqala kunoma imuphi wemihlangano yenu. Bengihlele ukuza ngoMgqibelo kuphela, ngenxa yokuthi iSonto usuku lwami lokuya esontweni. Kodwa ngihlabeke umxhwele kangangokuba namuhla ngize nomkhaya wami wonke. Kodwa ngidunyazwe abantu abadala abebekhulumela phezulu lapho isikhulumi sikhuluma.”
19 Kuye kwaphawulwa futhi ukuthi kweminye imihlangano intsha embalwa ihlala ezingxenyeni eziphezulu noma ezithe qekelelé ezinkundleni, ibhalelane izincwadi, ihlebeze, futhi ngokuvamile ayisilaleli isimiso. Ukuziphatha ngalendlela kubonisa ukuthi isadinga ukuqondisa kwabazali futhi kufanele ihlale nemikhaya. Abazali abaqotho bayonakekela lokhu futhi banikeze isiqondiso esidingwa izingane zabo. (Efe. 6:4) Abazalwane, nodade, nezingane kufanele baqaphele ukuthi lapho isimiso siqhubeka, leso isikhathi sokulalela, hhayi esokukhuluma.—Dut. 31:12.
20 KUBAZALI: Izingane ezincane kanye nentsha eyeve eshumini nambili baphakathi kwalabo abamenyelwa ukuza eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile”. Nabo futhi kufanele bakhulume ulimi oluhlanzekile ngokushelela. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukubona intsha eye yafunda ukulalelisisa kuyo yonke imihlangano yobuKristu futhi enesithakazelo esijulile esimisweni somhlangano! (IHu. 148:12, 13) Kodwa okuningi kuxhomeke esibonelweni nasekuqondiseni kwabazali. Intsha eningi iqeqeshwe kahle ukuba ibhale amaphuzu. Uma njengomzali ungakabaqeqeshi abantwana bakho ukuthi bangawabhala kanjani amaphuzu, kungani ungasebenzisi isikhathi esisasele ngaphambi komhlangano ukuba wenze kanjalo? Ngisho nabasebancane kakhulu bangakhuthazwa ukuba babhale phansi imiBhalo kanye namazwi ayinhloko ahlobene nayo abawezwa eshiwo izikhulumi. Abanye abazali bahlela ukuba kubukezwe amaphuzu ayinhloko esimiso sosuku ngemva kokuba bephindele endaweni abalala kuyo noma lapho besendleleni beya ekhaya.
21 Njengoba kulindelekile, abazali abaningi bayaqaphela ukuthi ukuthambekela okungokwemvelo kwabantwana kuwukudlala. Bantula okuhlangenwe nakho ekuphileni, futhi abavuthiwe. Ngakho, kumelwe bafundiswe izikhathi okumelwe balalele ngazo nendlela yokuziphatha emihlanganweni. Lokhu kudinga ukuqondisa okuhle kwabazali babo. Abanye abazali baye bayekelela kulokhu. Ngezinye izikhathi, nakuba abazali bengase babonise ukumhlonipha okufanele uJehova ngesikhathi kuthandazwa, abantwana babo bayadlala futhi baphazamise abanye. Abazali kufanele bazi ukuthi abantwana babo benzani ngisho nangesikhathi kuthandazwa. Futhi yini abayenzayo lapho besuka ezindaweni zabo zokuhlala phakathi nesimiso? Ingabe abantwana bashiywa bengabhekiwe phakathi noma ngemva kwesimiso somhlangano? (IzAga 29:15) Bonke abazali abangamaKristu kufanele babaqondise ngokuseduze abantwana babo njengoba bebakhulisa “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efe. 6:4.
22 UKUBAMBISANA KWENU OKUGCWELE KUYAZISWA: Kuye kwenziwa ukuhlela okukhulu nomsebenzi omningi ukuze kuqikelelwe ukuthi wonke umuntu oze emhlanganweni uthola indawo yokuhlala, izincwadi, ukudla, namanye amalungiselelo ngokwanele. Ukuze kuqinisekiswe ukuphumelela kwalamalungiselelo, ibandla ngalinye labelwe ngokuqondile emhlanganweni othile. Ukubambisana kwenu okugcwele kubalulekile ukuze kuvinjelwe ukuminyana. Yiqiniso, zingaba khona izimo ezenza kudingeke ngabambalwa ukuba baye emhlanganweni okwenye indawo. Nokho, abaningi kumelwe bakwazi ukuya emhlanganweni osendaweni yabo abayabelwe.—1 Kor. 13:5; Fil. 2:4.
23 Kucelwa ukubambisana kwenu okugcwele endabeni yokugcina izindawo. Sizani nikhumbule ukuthi IZINDAWO ZINGAGCINELWA AMALUNGU ASEDUZE OMKHAYA WAKHO KUPHELA NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Sizani ningababekeli abanye izindawo. Ngezinye izikhathi, izindawo ezengeziwe azibekelwa muntu ngokukhethekile. Lokhu akubonisi uthando futhi kuyabakhohlisa abalindi nabanye abafuna izindawo. Ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli, kufanele silwele ukubonisa uthando lobuzalwane futhi sibambisane ngokugcwele nelungiselelo eligunyaziwe lokugcina izindawo.—2 Pet. 1:5-8.
24 Kusikiselwa ukuba kwenziwe ukwahlulela okuhle ekuletheni izimpahla zomuntu siqu endaweni yomhlangano. Esikhathini esidlule, abanye baye baletha iziqandisi (coolers) ezinkulu noma ezinye izinto ezinkulu ababengenakukwazi ukuzibeka ngaphansi kwezihlalo zabo. Lezi zabekwa emaphasishini noma ezihlalweni. Umphumela walokhu waba ukuncisha abanye indawo, futhi ngezinye izikhathi kwephula imithetho yezomlilo neyokuphepha. Sidinga ukubonisa ukucabangela ezindabeni ezinjalo.
25 Ukusetshenziswa kwamakhamera evideo nezinto zokuqopha amazwi kuvunyelwe endaweni yomhlangano. Nokho, labo abasebenzisa imishini enjalo kumelwe banakekele ukuze bagweme ukuphazamisa abanye. Izinto ezinjalo akumelwe zimiswe emaphasishini noma ezindaweni zokuphuma. Izinto ezinjalo akufanele zixhunywe esimisweni sokusakaza seningi noma emapulakini kagesi. Amalambu amakhulu kagesi ngeke avunyelwe. Labo ababangela ukuphazamiseka noma abangazinaki noma yiziphi iziqondiso ezingenhla kufanele balungise isimo ngaphandle kokulibala lapho silethwa ekunakekeleni kwabo. Abalindi nabanye abaphethe bayoqapha ukuze balungise noma ikuphi ukwephulwa kwaleziqondiso, futhi labo abasebenzisa izinto ezinjalo kufanele babambisane nabo ngokugcwele.
26 INKONZO YEZOKUDLA: U-1990 uhlelelwe ilungiselelo elilula lenkonzo yezokudla elifana nelangonyaka odlule. Lokhu kuwunciphisa kakhulu umsebenzi futhi kuvumela ukuba kunakwe ngokwengeziwe izici ezingokomoya zomhlangano, njengoba izisebenzi zikwazi ukujabulela ingxenye enkulu yesimiso. (Eks. 12:16b; Dut. 31:12; it Umq. 1 kk. 503-4, 821; qhathanisa noLuka 10:38-42.) Ukudla okulungiselelwe kuzanele izikhathi zasekuseni nezasemini. (Qhathanisa noMathewu 14:14-20.) Noma ubani ukhululekile ukuba azenzele amalungiselelo akhe siqu okudla kwakusihlwa, nakuba ukudla okuthile kuyotholakala emhlanganweni.
27 INhlangano iyakwazisa kakhulu bafowethu nodadewethu ukusekela kwenu okuhle amalungiselelo enkonzo yezokudla emihlanganweni yesigodi eminyakeni edlule. Lokhu kuye kwakwenza kwaba nokwenzeka ukuba kuqashwe izindawo ezikahle futhi kunakekelwe izindleko zomhlangano. Izindleko zokuqasha ezinye izindawo ziye zakhuphuka kakhulu eminyakeni embalwa edlule. Ngakho, noma imiphi iminikelo yokuhlangabezana nezindleko ezinjalo yaziswa kakhulu. Noma imiphi iminikelo yokukhokhela izindleko zangaphambi komhlangano ingathunyelwa eKomitini Yomhlangano Wesigodi endaweni yakini.
28 WOZA EMHLANGANWENI WESIGODI “WOLIMI OLUHLANZEKILE”: Ngokuba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” nangokulalelisisa isimiso, uyokuqaphela ngisho nangokugcwele ngokwengeziwe ukuthi kungani uJehova eye wasinikeza ulimi oluhlanzekile nokuthi kungani kufanele njalo sigweme noma ikuphi ukuthambekela kobugovu okungaphazamisa ukuba kwethu sebunyeni nabafowethu. Lungiselela manje ukuba ube usukhona lapho kuhlatshelelwa ingoma yokuvula nokuthi ube khona kuzo zonke izingxenye zesimiso kuze kube yilapho kuphethwa ngomthandazo ngeSonto ntambama.
[Ibhokisi ekhasini ]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi
IZINDAWO ZOKULALA: Abamemezeli abaningi bayozenzela amalungiselelo abo siqu ezindawo zokulala. Nokho, uma ufuna ukuba abazalwane abahlela umhlangano bakulungiselele indawo yokulala futhi ungakasifaki isicelo, siza uthumele iFomu Lesicelo Sendawo Yokulala ngokushesha.
UBHAPATHIZO: Abazobhapathizwa kufanele balwele ukuba babe sebesezihlalweni zabo engxenyeni egcinelwe bona ngaphambi kokuba isimiso siqale ngoMgqibelo ekuseni. Umuntu ngamunye olungiselela ukubhapathizwa kufanele aphathe izingubo zokubhukuda ezinesizotha kanye nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo kanye nomthandazo okuyokwenziwa isikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kulabo abazobhapathizwa bese esho ingoma ezohlatshelelwa. Lapho kuqala ukuhlatshelelwa kwevesi lokugcina, abalindi bayoqondisa abazobhapathizwa endaweni yokucwiliswa noma ezimotweni ezizobayisa khona, kuyilapho zonke ezinye izilaleli ziqedela ukuhlabelela ingoma. Njengoba ukubhapathizwa kokubonakalisa ukuzinikezela kuyindaba yomuntu siqu phakathi kukaJehova nalowomuntu, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ukubhapathizwa nomngane lapho abazobhapathizwa ababili noma ngaphezulu begaxana noma babambane ngezandla lapho bebhapathizwa.
INKONZO YOKUZITHANDELA: Usizo lokuzithandela luyadingeka ukuze umhlangano wesigodi uqhubeke ngokushelela. Ngisho noma ungase ukwazi ukusebenza ingxenye yomhlangano kuphela, inkonzo yakho iyokwaziswa. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza uthintane noMnyango Wenkonzo Yokuzithandela lapho ufika emhlanganweni. Abantwana abangaphansi kweminyaka engu-16 nabo bangaba nengxenye ekuphumeleleni komhlangano, kodwa kudingeka ukuba basebenze nomzali noma omunye umuntu omdala ofanelekayo.
IZINGOMA: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu, sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize izingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 148, 78, 217, 160, 191, 211, 69, 164, 111, 91, 144, 202, 33, 200, 79, 155, 61, 31, 42, 161, 45. Lapho niprakthiza lezingoma, sisikisela ukuba nisebenzise amakhasethi eNhlangano.
IZIKHATHI ZESIMISO: Kuwukuhlakanipha futhi kubonisa ukwazisa ukuba sibe sesisezindaweni zethu zokuhlala lapho isimiso siqala. Lokho kuyoba ngo-1:30 ntambama ngosuku lokuqala. Hlela ukuba uhlale isimiso size siphele. Ingoma nomthandazo wokuphetha kuyoba ngo-4:00 ntambama ngosuku lokugcina.
UMHLANGANO WABAFUNA UKUNGENELA INKONZO YASEBETHEL: Ngosuku lwesibili kuyoba nomhlangano wanoma yibaphi abamemezeli abazinikezele abaphakathi kweminyaka engu-19 nengu-35 ubudala abangathanda ukungenela inkonzo yaseBethel. Kuyokwenziwa izaziso emhlanganweni ngokuqondene nesikhathi esiqondile nendawo yalomhlangano.
ISIBONAKALISO SAMAPHAYONA: Wonke amaphayona avamile nakhethekile, ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli, nalabo abasenkonzweni yaseBethel kuyodingeka ukuba beze namakhadi abo athi Isibonakaliso Senkonzo Yobuphayona (S-202) emhlanganweni. Labo abayobe sebenezinyanga eziyisithupha besohlwini ngesikhathi somhlangano wesigodi abayokuya kuwo bangathola amathikithi omhlangano ka-R22 lapho beveza amakhadi abo. Liphathe ngokunakekela lelikhadi njengemali. Awunakunikwa elinye emhlanganweni. Noma yiziphi izincwadi ezikhululiwe zamahhala noma ezinye ezitholakala ngenani lamaphayona, amaphayona ayozithola endaweni yezincwadi kuphela.
AMABHEJI: Emhlanganweni siza ufake ibheji elilungiselelwe ngokukhethekile, nalapho uya noma ubuya endaweni yomhlangano. Ngokuvamile lokhu kwenza kwenzeke ngathi ukuba sinikeze ubufakazi obuhle lapho sihamba. Amabheji kufanele atholwe ngebandla lakini, njengoba engeke atholakale emihlanganweni. Amabheji angu-5c lilinye futhi isembozo sepulasitiki singu-50c sisinye.
ISIXWAYISO: Kungakhathaliseki ukuthi upaka kuphi, kufanele ukhiye imoto yakho ngazo zonke izikhathi futhi ungalokothi ushiye noma yini ibonakala ngaphakathi. Uma kunokwenzeka, gcina izinto zakho zikhiyelwe ebhuthini. Futhi, qaphela amasela nabakhuthuzi abahehwa imibuthano emikhulu. Lokhu kuhlanganisa ukungashiyi lutho olubalulekile ezihlalweni lungabhekwe muntu emihlanganweni. Sizani niqaphele.