4 | IBhayibheli Linezeluleko Ezisebenzayo
IBHAYIBHELI LITHI: “Yonke imiBhalo . . . iyasiza.”—2 THIMOTHEWU 3:16.
Lokho Okukushoyo
IBhayibheli aliyona incwadi yezokwelapha, kodwa linezeluleko eziwusizo nezisebenzayo. Lezi zeluleko zingamsiza umuntu onezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo. Cabanga ngala mavesi ambalwa.
Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo
“Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—MATHEWU 9:12.
IBhayibheli liyavuma ukuthi singase sidinge usizo lodokotela. Kubasizile abaningi ukufunda ngesifo sengqondo abanaso emithonjeni ethembekile kanye nokwelashwa.
“Ukuzivocavoca kuyasiza.”—1 THIMOTHEWU 4:8, Contemporary English Version.
Ukwenza izinto ezizokusiza uhlale uwumqemane kungakusiza. Lezi zinto zihlanganisa ukujima njalo, ukudla okunempilo nokulala ngokwanele.
“Inhliziyo ejabulayo ingumuthi owelaphayo, kodwa umoya omunyu uqeda amandla.”—IZAGA 17:22.
Ukufunda amavesi eBhayibheli akhuthazayo nokuzibekela imigomo ozokwazi ukuyifinyelela kungakusiza uhlale ujabule. Uma ugxila ezintweni ezinhle ekuphileni, uthemba nokuthi izinto zizoba ngcono esikhathini esizayo, lokhu kungakusiza ezinkingeni zengqondo onazo.
“Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.”—IZAGA 11:2.
Vuma ukuthi kunezinto ongeke ukwazi ukuzenza uwedwa, ngakho yamukela usizo lwabanye. Amalungu omndeni nabangane bangase bafune ukukusiza kodwa bangazi ukuthi bakusize kanjani. Batshele ukuthi udinga ukusizwa ngani. Ungalindeli ukuthi bakwenzele izinto ezinkulu futhi hlale ubabonga ngosizo abakunikeza lona.
Indlela Iseluleko SeBhayibheli Esibasiza Ngayo Abanesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo
“Ngezwa ukuthi kwakukhona okungahambi kahle, ngakho ngaya kudokotela. Wakwazi ukuthola ukuthi ngiphethwe yini. Lokhu kwangisiza ngayiqonda kahle inkinga enganginayo futhi wangisiza ngathola nezinye izindlela zokunakekela impilo yami.”—UNicole,a onesifo sokuguquguquka kwemizwelo.
“Ngithole ukuthi ukufunda iBhayibheli njalo nomkami kungisiza ngiqale usuku nginomdlandla futhi ngicabange izinto ezakhayo. Njalo lapho ngicindezelekile, kuba khona ivesi leBhayibheli elingithinta inhliziyo.”—UPeter, onesifo sokucindezeleka.
“Kwakunzima ukutshela abanye ukuthi ngiphethwe yini ngoba kwakungibangela amahloni. Umngane wami wangilalelisisa wazama ukuqonda indlela engangizizwa ngayo. Wangisiza kakhulu, ngaba ngcono ngangazizwa ngingedwa.”—UJi-yoo, onesifo sokungadli ngendlela efanele.
“IBhayibheli lingisize ngakwazi ukulinganisela, ukusebenza ngendlela efanele nokuphumula ngokwanele. Ukuhlakanipha okukulo kungisize ngakwazi ukubhekana nezinkinga zomzwelo ezingikhungethe.”—UTimothy onesifo sokufuna yonke into ihambe ngendlela efanele.
a Amanye amagama ashintshiwe.