AmaHubo
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
109 O Nkulunkulu engimkhonzayo, + ungathuli.
2 Ngoba ababi nabakhohlisayo bavula imilomo yabo ukuze bamelane nami.
Bakhuluma ngami ngolimi olunamanga; +
3 Bangihaqa ngamazwi anenzondo,
Bangihlasela ngaphandle kwesizathu. +
4 Bamelana nami lapho ngibabonisa uthando; +
Kodwa ngiyaqhubeka ngithandaza.
6 Beka umuntu omubi phezu kwesitha sami;
Kwangathi omelene naso* angama ngasesandleni saso sokudla.
7 Lapho sahlulelwa, masitholakale sinecala;*
Kwangathi ngisho nomthandazo waso ungabhekwa njengesono. +
9 Izingane* zaso mazibe yizintandane,
Nomkaso abe ngumfelokazi.
10 Kwangathi izingane* zaso zingaphila ngokucela,
Zifune ukudla emakhaya azo acekeleke phansi.
11 Kwangathi lowo esimkweletayo angathatha zonke izinto zaso,*
Izihambi maziphange impahla yaso.
12 Makungabi namuntu osibonisa umusa,*
Makungabi namuntu obonisa izintandane zaso umusa.
14 Isiphambeko sokhokho baso masikhunjulwe nguJehova, +
Nesono sikanina kwangathi singesulwe.
15 Kwangathi uJehova angahlale ekukhumbula abakwenzile;
Kwangathi angakuqeda ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. +
16 Ngoba lo muntu akazange akhumbule ukubonisa umusa, *+
Kodwa wayelokhu ejaha umuntu ocindezelekile, + ompofu nodangele
Ukuze ambulale. +
17 Wayethanda ukuqalekisa, ngakho yilokho okwamehlela;
Wayengathandi ukubusisa, ngakho akatholanga sibusiso.
18 Wayembethe iziqalekiso njengengubo yakhe.
Zathululelwa emzimbeni wakhe njengamanzi,
Nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Kwangathi iziqalekiso zakhe zingaba njengengubo azisonga ngayo +
Nanjengebhande ahlala ezibophe ngalo.
20 Lena yinkokhelo evela kuJehova yalowo omelana nami +
Neyalabo abakhuluma okubi ngami.
21 Kodwa wena Jehova Nkosi EnguMbusi,
Ngisize ngenxa yegama lakho. +
Ngikhulule, ngoba uthando lwakho oluqotho luhle. +
23 Ngidlula njengethunzi elishabalalayo;
Ngithuntuthwe njengentethe.
24 Amadolo ami ayaxega ngenxa yokuzila ukudla;
Ngizace ngiphelile.*
25 Ngibe yinto yokuklolodelwa. +
Uma bengibona, banikina amakhanda. +
26 O Jehova Nkulunkulu wami, ngisize;
Ngisindise ngothando lwakho oluqotho.
27 Kwangathi bangazi ukuthi lokhu kungenxa yesandla sakho;
Ukuthi wena Jehova, ukwenzile.
28 Bona mabaqalekise, kodwa kwangathi wena ungabusisa.
Lapho besukuma ukuze bamelane nami, kwangathi bangahlazeka,
Kodwa inceku yakho mayijabule.
30 Ngizomdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami;
Ngizomdumisa phambi kwabantu abaningi. +
31 Ngoba uyokuma ngasesandleni sokudla sompofu,
Ukuze amsindise kulabo abamlahla ngecala.