AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi “Leminduze.” Isikhumbuzo. Ihubo lika-Asafa. +
80 O Malusi ka-Israyeli, lalela,
Wena ohola uJosefa njengomhlambi. +
4 Jehova Nkulunkulu wamabutho, kuyoze kube nini uzenza isitha sabantu* bakho futhi wenqaba ukulalela umthandazo wabo? +
5 Ubenza badle izinyembezi njengokungathi isinkwa sabo,
Ubaphuzisa amathantala ezinyembezi.
6 Omakhelwane bethu baxabana ngathi;
Izitha zethu zihlekisa ngathi ngokuthanda kwazo. +
8 Wakhipha isihlahla samagilebhisi + eGibhithe.
Waxosha izizwe, watshala sona. +
9 Wacenta phambi kwaso,
Samila izimpande sagcwala izwe. +
10 Izintaba zambozwa yithunzi laso,
Nemisedari kaNkulunkulu yambozwa ngamagatsha aso.
12 Uzibhidlizeleni izindonga zamatshe zensimu yamagilebhisi, +
Ukuze bonke abadlula ngendlela bakhe izithelo zayo? +
13 Izingulube zehlathi ziyicekela phansi,
Nezilwane zasendle ziklaba kuyo. +
14 O Nkulunkulu wamabutho, sicela ubuye.
Bheka phansi usezulwini, ubone!
16 Sishiswe ngomlilo, + sagawulwa.
Ngokukhuza kwakho* abantu bayashabalala.
17 Isandla sakho masisekele umuntu ongasesandleni sakho sokudla,
Indodana yomuntu ozikhulisele yona. +
18 Khona-ke ngeke sikushiye.
Silonde, ukuze sibize igama lakho.