Numeri
26 Ngemva kwaleso sishayo, + uJehova wathi kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi: 2 “Balani yonke inhlangano yama-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engu-20 ubudala kuya phezulu, ngokwezindlu zoyise, nibale bonke abangaya empini kwa-Israyeli.” + 3 Ngakho uMose no-Eleyazare + umpristi bakhuluma nayo emathafeni awugwadule akwaMowabi + ngaseJordani eJeriko, + bathi: 4 “Babaleni kusukela kwabaneminyaka engu-20 ubudala kuya phezulu, njengoba nje uJehova emyalile uMose.” +
Abantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibhithe kwakuyilaba: 5 URubeni, + izibulo lika-Israyeli; amadodana kaRubeni + kwakuyilawa: kuHanoki, umndeni wakwaHanoki; kuPhalu, umndeni wakwaPhalu; 6 kuHezironi, umndeni wakwaHezironi; kuKarmi, umndeni wakwaKarmi. 7 Lena kwakuyimindeni yabakwaRubeni, ababhaliswa kuyo baba ngu-43 730. +
8 Indodana kaPhalu kwakungu-Eliyabe. 9 Amadodana ka-Eliyabe kwakunguNemuweli, uDathani no-Abhiramu. Lo Dathani no-Abhiramu babengabakhethiwe benhlangano, abalwa noMose + no-Aroni bekanye neqembu likaKhora, + ngesikhathi belwa noJehova. +
10 Umhlaba wavuleka wabagwinya. UKhora yena wafa nababemsekela ngesikhathi umlilo uqothula amadoda angu-250. + Baba yisixwayiso kwabanye. + 11 Nokho, amadodana kaKhora awazange afe. +
12 Amadodana kaSimeyoni + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuNemuweli, umndeni wakwaNemuweli; kuJamini, umndeni wakwaJamini; kuJakini, umndeni wakwaJakini; 13 kuZera, umndeni wakwaZera; kuShawule, umndeni wakwaShawule. 14 Lena kwakuyimindeni yabakwaSimeyoni: babengu-22 200. +
15 Amadodana kaGadi + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuZefoni, umndeni wakwaZefoni; kuHagi, umndeni wakwaHagi; kuShuni, umndeni wakwaShuni; 16 ku-Ozini, umndeni wakwa-Ozini; ku-Erayi, umndeni wakwa-Erayi; 17 ku-Arodi, umndeni wakwa-Arodi; ku-Areli, umndeni wakwa-Areli. 18 Lena kwakuyimindeni yamadodana kaGadi, ababebhalisiwe kuyo babengu-40 500. +
19 Amadodana kaJuda + kwakungu-Eri no-Onani. + Nokho, u-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. + 20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuShela, + umndeni wakwaShela; kuPherezi, + umndeni wakwaPherezi; kuZera, + umndeni wakwaZera. 21 Amadodana kaPherezi kwakuyilawa: kuHezironi, + umndeni wakwaHezironi; kuHamule, + umndeni wakwaHamule. 22 Lena kwakuyimindeni yakwaJuda, ababhaliswa kuyo babengu-76 500. +
23 Amadodana ka-Isakare + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuThola, + umndeni wakwaThola; kuPhuva, umndeni wakwaPhuni; 24 kuJashubi, umndeni wakwaJashubi; kuShimroni, umndeni wakwaShimroni. 25 Lena kwakuyimindeni yakwa-Isakare, ababhaliswa kuyo babengu-64 300. +
26 Amadodana kaZebhuloni + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuSeredi, umndeni wakwaSeredi; ku-Eloni, umndeni wakwa-Eloni; kuJahaliyeli, umndeni wakwaJahaliyeli. 27 Lena kwakuyimindeni yabakwaZebhuloni, ababhaliswa kuyo babengu-60 500. +
28 Amadodana kaJosefa + ngemindeni yawo kwakunguManase no-Efrayimi. + 29 Amadodana kaManase + kwakuyilawa: kuMakiri, + umndeni wakwaMakiri; uMakiri waba uyise kaGileyadi; + kuGileyadi, umndeni wakwaGileyadi. 30 Yilawa amadodana kaGileyadi: ku-Iyezeri, umndeni wakwa-Iyezeri; kuHeleki, umndeni wakwaHeleki; 31 ku-Asiriyeli, umndeni wakwa-Asiriyeli; kuShekemi, umndeni wakwaShekemi; 32 kuShemida, umndeni wakwaShemida; kuHeferi, umndeni wakwaHeferi. 33 UZelofehadi indodana kaHeferi wayengenawo amadodana, enamadodakazi kuphela, + amagama amadodakazi kaZelofehadi + kwakunguMahila, uNowa, uHogila, uMilka noTiriza. 34 Lena kwakuyimindeni yakwaManase, ababhaliswa kuyo babengu-52 700. +
35 Lawa kwakungamadodana ka-Efrayimi + ngemindeni yawo: kuShuthela, + umndeni wakwaShuthela; kuBekeri, umndeni wakwaBekeri; kuThahani, umndeni wakwaThahani. 36 Lawa kwakungamadodana kaShuthela: ku-Eranu, umndeni wakwa-Eranu. 37 Lena kwakuyimindeni yamadodana ka-Efrayimi, ababhaliswa kuyo babengu-32 500. + Lawa kwakungamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38 Amadodana kaBhenjamini + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuBhela, + umndeni wakwaBhela; ku-Ashibheli, umndeni wakwa-Ashibheli; ku-Ahiramu, umndeni wakwa-Ahiramu; 39 kuShefufamu, umndeni wakwaShufamu; kuHufamu, umndeni wakwaHufamu. 40 Amadodana kaBhela kwakungu-Arida noNahamani: + ku-Arida, umndeni wakwa-Arida; kuNahamani, umndeni wakwaNahamani. 41 Lawa kwakungamadodana kaBhenjamini ngemindeni yawo, ababhaliswa kuwo babengu-45 600. +
42 Lawa kwakungamadodana kaDani + ngemindeni yawo: kuShuhamu, umndeni wakwaShuhamu. Lena kwakuyimindeni yakwaDani ngemindeni yawo. 43 Ababhaliswa kuyo yonke imindeni yamaShuhamu babengu-64 400. +
44 Amadodana ka-Asheri + ngemindeni yawo kwakuyilawa: ku-Imna, umndeni wakwa-Imna; ku-Ishivi, umndeni wakwa-Ishivi; kuBheriya, umndeni wakwaBheriya; 45 emadodaneni kaBheriya: kuHebhere, umndeni wakwaHebhere; kuMalikhiyeli, umndeni wakwaMalikhiyeli. 46 Igama lendodakazi ka-Asheri kwakunguSera. 47 Lena kwakuyimindeni yamadodana ka-Asheri, ababhaliswa kuyo babengu-53 400. +
48 Amadodana kaNafetali + ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuJahaziyeli, umndeni wakwaJahaziyeli; kuGuni, umndeni wakwaGuni; 49 kuJezeri, umndeni wakwaJezeri; kuShilemi, umndeni wakwaShilemi. 50 Lena kwakuyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo, ababhaliswa kuyo babengu-45 400. +
51 Lena ingqikithi yalabo ababhaliswa kuma-Israyeli: babengu-601 730. +
52 Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: 53 “Yilaba okufanele bahlukaniselwe izwe libe yifa ngokohlu lwamagama. *+ 54 Amaqembu amakhulu kufanele uwandisele ifa, amaqembu amancane kufanele uwanciphisele ifa. + Iqembu ngalinye kufanele linikezwe ifa lalo ngokulingana nesibalo sababhalisiwe. 55 Nokho izwe kufanele lihlukaniswe ngenkatho. + Kufanele bathole ifa labo ngokwamagama ezizwe zoyise. 56 Ifa ngalinye liyonqunywa ngenkatho, lihlukaniswe phakathi kwamaqembu amakhulu namancane.”
57 Manje yilaba ababebhalisiwe kumaLevi + ngemindeni yawo: kuGereshoni, umndeni wakwaGereshoni; kuKohati, + umndeni wakwaKohati; kuMerari, umndeni wakwaMerari. 58 Yilena imindeni yamaLevi: umndeni wakwaLibini, + umndeni wakwaHebroni, + umndeni wakwaMaheli, + umndeni wakwaMushi, + umndeni wakwaKhora. +
UKohati wazala u-Amramu. + 59 Igama lomka-Amramu kwakunguJokebedi, + indodakazi kaLevi, eyazalelwa uLevi eGibhithe. UJokebedi wazalela u-Amramu u-Aroni noMose nodadewabo uMiriyamu. + 60 U-Aroni wazalelwa uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Itamari. + 61 Kodwa oNadabi no-Abhihu bafa ngenxa yokuletha umlilo ongagunyaziwe phambi kukaJehova. +
62 Ingqikithi yalabo ababhaliswa yayingu-23 000, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu. + Ababhaliswanga phakathi kwama-Israyeli + ngoba alikho ifa okwakufanele banikezwe lona phakathi kwama-Israyeli. +
63 Yilaba ababhaliswa uMose no-Eleyazare umpristi lapho bebhalisa ama-Israyeli emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko. 64 Kodwa phakathi kwabo kwakungekho noyedwa kulabo ababhaliswa uMose no-Aroni umpristi lapho kubalwa ama-Israyeli ehlane laseSinayi. + 65 Ngoba uJehova wayethe ngabo: “Nakanjani bayofela ehlane.” + Ngakho kwakungasalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. +