Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/8 k. 24-k. 25
  • “Yana Entuthwaneni”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yana Entuthwaneni”
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amatsheketshe Oju—Intandokazi Yasogwadule
    I-Phaphama!—2011
  • “Yana Entuthwaneni”
    I-Phaphama!—1995
  • Ibutho Elisemkhankasweni!
    I-Phaphama!—2003
  • Abahlanzi Abancanyana Abakhucululayo
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/8 k. 24-k. 25

“Yana Entuthwaneni”

“YANA entuthwaneni, vilandini,” kwabhala iNkosi uSolomoni, “ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.” Yini umuntu oyivila—eqinisweni, noma yimuphi umuntu—angayifunda entuthwaneni? USolomoni waqhubeka: “Yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.—IzAga 6:6-8.

Ngokusobala iNkosi ehlakaniphile yayibhekisele entuthwaneni ewumvuni. KwaIsrayeli, njengakwezinye izindawo eziningi, kuvamile ukubona intuthwane evunayo ikhwishiza, ithwele imbewu ecishe ilingane nayo. (Bheka ngenhla ngakwesobunxele.) Ithatha ukudla okuqoqiwe ikufake enqolobaneni engaphansi komhlaba.

Njengoba ingaphansi komhlaba, “lenqolobane” ingaba nomswakama ngempela phakathi nesikhathi sokuna kwezulu, futhi izimbewu ziyoqhuma noma zibe nesikhutha uma zishiywa zinganakiwe. Ngakho izintuthwane zinomunye umsebenzi okumelwe ziwenze. Ngokushesha lapho ilanga liphuma, izintuthuwane eziyizisebenzi zikhiphela lezimbewu ngaphandle ukuze zome emoyeni. (Bheka ngenhla.) Futhi ngaphambi kokuba ilanga lishone, izintuthwane kufanele zibuyisele zonke izimbewu ngaphakathi. Ezinye izintuthwane zihlakaniphe kangangokuba zinganqunta indawo eqhumile yezimbewu ngokushesha nje lapho ziziqoqa noma lapho ziqala ukuqhuma.

Umsebenzi wezintuthwane awupheleli ekulungiseleleni ukudla. Zinomsebenzi futhi wokunakekela abantwana. Amaqanda kufanele abekwe ndawonye ngezinqwabanqwaba. Amaqhimiza achanyuselwe emaqandeni kufanele ondliwe. Iziphungumangathi kumelwe zinakekelwe. Ezinye izintuthwane zize ngisho zenze umsebenzi wokufakela umoya. Lapho kuqala ukushisa phakathi nosuku, zithatha iziphungumangathi zizifake phansi kakhulu ezidlekeni zazo. Lapho kufika ukuphola kwakusihlwa, zibuyisela iziphungumangathi emuva. Kuwumsebenzi omkhulu, akunjalo?

Njengoba izakhamuzi zanda, kufanele kwakhiwe amakamelo amasha. Izintuthwane eziyizisebenzi zisebenzisa imihlathi yazo ukuze zimbe futhi zikhiphe inhlabathi. Ngokuvamile lokhu zikwenza ngemva kwemvula lapho inhlabathi ithambile. Futhi zilolonga inhlabathi ibe “yizitini” ukuze kwakhiwe izakhiwo zobunjiniyela bezokwakha—zakha izindonga kanye nophahla lwemihubhe namakamelo azo angaphansi komhlaba.

Konke lokhu izintuthwane zikwenza ‘zingenamahluleli, nambonisi, nambusi.’ Kuthiwani ngendlovukazi? Ayinikezi zeluleko. Imane nje ibekele amaqanda futhi iyindlovukazi ngomqondo wokuthi ingumama wazo zonke izakhamuzi. (Bheka ngenhla.) Ngisho nakuba kungekho mqondisi ozibhekayo noma imfolomane eziholayo, izintuthwane ziyaqhubeka nomsebenzi wazo ngokungakhathali. Enye intuthwane yabonwa isebenza kusukela ngehora lesithupha ekuseni kwaze kwaba ngehora leshumi ebusuku!

Ingabe ungafunda isifundo ngokubheka intuthwane? Ingabe usebenza kanzima futhi uphishekele ukuthuthuka emsebenzini wakho kungakhathaliseki ukuthi ugadiwe noma cha? (IzAga 22:29) Uyovuzwa ngokuhamba kwesikhathi ngisho nakuba umqashi wakho engase angakuqapheli. Ungajabulela unembeza ohlanzekile kanye nokwaneliseka komuntu siqu. Njengoba uSolomoni aphawula: “Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi.”—UmShumayeli 5:12.

Lokhu akukuphela kwakho esingakufunda entuthwaneni. Izintuthwane zisebenza kanzima ngokwemvelo. Empeleni, ezinye izintuthwane zibonwa zilandela umkhondo oshiywe ngezinye ngemuva kungekho lutho oluziqondisayo. Zigcina sezihamba zizungeza, zishaya indingilizi ngokuphindaphindiwe, kuze kube yilapho ziwa futhi zifa.

Ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi uzungeza ndawonye, njalo umatasa futhi uyakhathala kodwa awufiki ndawo? Uma kunjalo, isikhathi sokuba uhlole injongo yomsebenzi wakho onzima bese uthola ukubaluleka kwangempela kwemigomo yakho. Khumbula iseluleko esihlakaniphile seNkosi uSolomoni: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela