Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukukhulekela Umbusi Esihlokweni senu esithi “Umngcwabo Walowo OwayenguNkulunkulu” (December 22, 1989, ngesiNgisi), nasola ngokungafanele impi phakathi kweJapane namazwe aseNtshonalanga. Lokhu kwakungenxa yemizamo yamazwe aseNtshonalanga yokubusa iAsia. Lokhu kwaqedwa ukudlondlobala kweJapane njengombuso wezwe. Cha, uMbusi uHirohito wayengesiye unkulunkulu, kodwa mhlawumbe iNkosi yamsebenzisa njengendlela yokuholela abantu abacindezelekile baseAsia enkululekweni.
T. M., United States
Akunangqondo ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu wavumela ukubulawa ngesihluku kwabantu abaningi okwenziwa yileyompi. (Habakuki 1:13) Ukubusa ngonya koMbusi uHirohito kwasetshenziswa ukuze kuboniswe ukuthi ukubusa komuntu kulimaza omunye umuntu nokuthi umuntu ukudinga kakhulu ukubusa kukaNkulunkulu. (UmShumayeli 8:9)—ED.
Ingabe lezihloko zazizinhle ukuba zifundwe umKristu? Ngokufunda imininingwane ngokuphathelene noMbusi uShowa, ingabe ‘izingqondo zethu azibi semisebenzini emibi’?—Kolose 1:21.
Y. F., Japan
Ngokuqondakalayo, kungenzeka ukuthi lezihloko zivuse izinkumbulo ezibuhlungu, ikakhulukazi kubafundi abaphila phakathi nezenzakalo ezichazwe kuzo. Nokho, lezihloko zabhalwa ukuze zidalule ubuwula bokukhulekela noma imuphi umuntu nokuphendulela abafundi “kuNkulunkulu ophilayo.” (IzEnzo 14:15)—ED.
Ukukhetha Imisebenzi Ngiyanibonga ngeseluleko senu kubantu abasha ngokubaluleka kwemfundo yaseyunivesithi. (May 8, 1989, ngesiNgisi) Eminyakeni engu-22 edlule, benginguprofesa eyunivesithi enkulu yombuso, futhi ngingabaqinisekisa abafundi bomagazini wenu abasebasha ngokuthi ngaphandle kokucabangela ngokungathi sìna izinto ezingokomoya, okuningi kwalokho okufundiswa emayunivesithi kulezinsuku akunakho ukubaluleka okuyinzuzo. Izindinganiso zemfundo zehlile, futhi ngokuvamile abantu abaneziqu banamakhono ambalwa angabenza baqashwe.
Futhi, esikhathini esidlule, abanye baye baphetha ngokuthi umKristu osemusha kwakufanele asolwe ngokubhalisela izifundo zaseyunivesithi ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Khona-ke, ngawazisa umbono olinganiselayo owavezwa esihlokweni senu.
F. S., United States
Abazali kufanele benze isinqumo sokuthi imfundo engakanani efanelekile ngabantwana babo. Futhi nakuba ukwenza inkonzo ibe umsebenzi wasikhathi sonke kutuseka ngentsha engamaKristu, ukuqeqeshelwa umsebenzi othile ngaphezu kwalokho okunikezwa esikoleni esiphakeme akukubi ngokwakho. Kwamanye amazwe, kungase kube yinzuzo noma ngisho kube okudingekayo ukuthola ukuqeqeshwa okunjalo. Abazali kumelwe balinganise izinzuzo nemiphumela okungase kube nayo esimweni esingokomoya sabantwana babo. Kunoma ikuphi, into eza kuqala kumKristu kumelwe kube ukuthuthukiswa kwezithakazelo zoMbuso, hhayi izinzuzo ezingokwemali. (Mathewu 6:33)—ED.
Abazali bami babevame ukungitshela ukuthi ngifundele umsebenzi esikoleni, kodwa ngangivele nje ngikhohlwe yikho. Kusukela ngifunde isihloko senu, ngifunda izifundo ezizongisiza ukuba ngithole umsebenzi engiwuthandayo lapho ngiqeda isikole. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi imuphi umsebenzi engiwufundelayo, ngihlela ukwenza inkonzo ibe umsebenzi wami wasikhathi sonke.
V. L., United States
Ukuqonda Isifo Sesifuba Somoya Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko senu. (March 22, 1990) Ngosuku olwandulela esawuthola ngalo, udokotela wethu waxilonga indodakazi yethu futhi wathola ukuthi inesifo sesifuba somoya. Ngakho lesihloko sasinjengengalo yokududuza. Ngizokusebenzisa okuningi kokusikisela kwaso.
V. H., England
Impicabadala Yamagama (Crossword Puzzle) Ngingumfundi wasikhathi sonke wePhaphama! futhi ngiyijabulela ngokukhethekile impicabadala yamagama. Ingisiza ukuba ngikhumbule imibhalo. Ingabe izokhishwa ngokwengeziwe?
J. W., England
Yebo, izoqhubeka ikhishwa ngezikhathi ezithile.—ED.