Ukukhulisa Imikhaya Emhlabeni Wonke—Ukuba Umzali Ngothando, Ukuyala, Isibonelo, Nezindinganiso Ezingokomoya
ABAZALI basemazweni amaningana baye bathumela imibiko ngokukhulisa kwabo abantwana ngokuphumelelayo kusukela ebuntwaneni kuya eminyakeni yokuthomba. Bonke bangoFakazi BakaJehova, futhi ngaleyondlela imibiko yabo igcizelela isidingo sokunakekela ezicini ezine ezibalwe esihlokweni ngenhla. Izingcaphuno ezinyatheliswe kabusha lapha zibonakalisa izici ezihlukahlukene ezimbalwa kuphela zokuqeqesha umkhaya abazilandela.
EHawaii
“Njengoba iBhayibheli lisitshela, uthando luyimfanelo ‘enkulu kunazo zonke.’ Uthando kuzo zonke izici zalo eziyigugu kumelwe lubuse kulo lonke ikhaya nomkhaya. Mina noCarol siye sahlanganyela lemfanelo yaphezulu emshadweni wethu. Sisondelene. Siyathanda ukuba ndawonye. Anginakuyigcizelela ngokweqile inkolelo yami yokuthi isihluthulelo esiyinhloko sokukhulisa abantwana ngokuphumelelayo siwumbhangqwana ojabulayo emshadweni.
“Ngisakhumbula nanamuhla imizwa enamandla eyakhula enhliziyweni yami phakathi nezinsuku namasonto ngemva kokuba kuzalwe umntwana wethu wokuqala. Sasimangele ngesiqalo sesidalwa esisha esiphilayo. Ngiyakhumbula ngibona uCarol ejabule kakhulu futhi enelisekile lapho encelisa usana olunguRachel. Ngangimjabulela, kodwa ngazizwa nginenzondo encane, isikhwele esincane. UCarol wayesondelana noRachel, kodwa kuthiwani ngami? Ngazizwa sengathi ngangisunduzwa—nakuba kukuncane kodwa ngisunduzwa ngikhishwa—emkhayeni wethu. Ngosizo lukaJehova ngakwazi ukuzwakalisa imizwa yami nokukhathalela kuCarol, futhi wangibonisa uzwela okukhulu nokusekela.
“Kamuva ngakwazi ukusondela ngokwengeziwe kumntwana wethu omusha ngokusiza ngayo yonke imisebenzi yengane, kuhlanganise neminye engathandeki—ukuwasha inabukeni elinendle kungokuhlangenwe nakho okuyingqayizivele, ngaphandle kokweqisa! Sibe nabanye abantwana abahlanu ngemva kukaRachel. URebecca uwuthunjana, manje uneminyaka eyisishiyagalombili ubudala. Siye saqhuba izifundo zeBhayibheli zomuntu siqu, nomntwana ngamunye wethu.
“Okunye futhi mayelana nokukhulisa abantwana besebancane. Mina noCarol sasikujabulela ukukhuluma nezingane zethu kusukela lapho zizalwa. Sasikhuluma ngazo zonke izinto. Ngezinye izikhathi sasikhuluma ngoJehova nemisebenzi yakhe emihle, emangalisayo. Ngezinye izikhathi sasikhuluma ngezinto zobuntwana, zokudlala, ezihlekisayo. Yebo, sasizama ukubafundisa okuthile, kodwa ngaphezu kwalokho sasimane nje sibe nesikhathi esijabulisayo, esikhululekile, esihle sindawonye. Ngikholelwa ukuthi izinkulumo ezinjalo ziba nengxenye ekusondelaneni kwabazali nabantwana. Ngokungangabazeki zasiza ekudaleni ukukhulumisana okuhle esiye saba nakho emkhayeni wethu.
“UJehova uye wasifundisa ukubaluleka okukhulu ngokwengeziwe kwezinto ezingokomoya, okuwukunikela ngathi ngokwethu. Mina noCarol asikaze sibe nenala yezinto ezibonakalayo, kodwa asikaze ngempela sizifune noma sizilangazelele. Ukuba sasichithe isikhathi sethu esiningi sikhandlekela ingcebo, sasingeke sibe nesikhathi esanele sokusinikela kuJehova nasemkhayeni wethu. Senza ukukhetha okuhle.” (Ukukhulumela kukaCarol kuyalandela.)
“Ngicabanga ukuthi ukuncelisa izingane zakho ibele kusiza kakhulu ekusondelaneni kwezingane nomama bazo. Uchitha isikhathi esiningi ugone futhi uphethe ingane yakho kangangokuthi nimane nje nisondelane. Umama akanakukwazi ukushiya ingane amahora angaphezu kwamabili kuya kwamane. Mina noEd besilokhu ngaso sonke isikhathi siqine kakhulu ekutheni singabashiyi abantwana bethu nabazanyana. Bengilokhu ngaso sonke isikhathi ngifuna ukukwazi ukufundisa izingane zami futhi ngizibukele njengoba zikhula. Ngakho ngesikhathi besebancane, angizange ngibe nomsebenzi wangaphandle kwekhaya. Ngicabanga ukuthi lokhu kwazisiza zaqaphela indlela ezazibaluleke ngayo kithi. Indlela eyinhloko yokusondelana nabantwana bakho iwukuchitha isikhathi unabo. Akukho okuthatha indawo yokuba khona kwakho ngokoqobo. Zonke izinto ezibonakalayo ngeke ziyithathe indawo yakho.
“Iminyaka yokuthomba yayinzima kuphela ngenxa yokuthi kwadingeka ngizivumelanise nokukhula kwalezingane. Kwakunzima kakhulu ukukubekezelela, ukuqaphela ukuthi babengangidingi kangako njengoba babeqala ukuzimela. Kuyisikhathi esisabisayo, futhi kuvivinya wonke umsebenzi wakho wokufundisa, ukuyala, nokulolonga oye wawenza. Kusuke sekwephuze kakhulu ngempela ukuqala lapho sebeseminyakeni yokuthomba. Kwephuze kakhulu ngalesosikhathi ukubafundisa ukuziphatha, uthando ngesintu, futhi ikakhulukazi uthando ngoJehova. Lezizinto kumelwe zifakwe kusukela lapho bezalwa kuqhubeke.
“Uneminyaka engu-12 yokwenza umsebenzi wakho ngaphambi kwaleyominyaka ebucayi yokuthomba. Kodwa uma uye wazikhandla ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli, kuyisikhathi sokuvuna injabulo nokuthula lapho benquma ukuthi bafuna ukukhonza uJehova ngokusuka enhliziyweni.”—UEdward noCarol Owens.
EZimbabwe
“Abantwana ‘bayifa elivela kuJehova.’ Lisho kanjalo iBhayibheli kumaHubo 127:3. Ukukhumbula lokhu kuye kwasisiza thina njengabazali ukuba senze konke esasingakwenza ekunakekeleni lelifa. Omunye wemizamo eyinhloko emkhayeni wethu wawuwukwenza izinto ndawonye—ukuthandaza ndawonye, ukutadisha iBhayibheli ndawonye, ukukhulekela ndawonye, ukusebenza ndawonye, ukuvakashela abangane ndawonye, ukudlala ndawonye.
“Ukuyala kwakudingeka ngezinye izikhathi. Ngesinye isikhathi indodana yethu, lapho iqala ukuthomba, yephuza ukufika ekhaya. Sasikhathazekile. Yayimbandaza. Saba nomuzwa wokuthi kukhona okwakungahambi kahle, kodwa sanquma ukuyibekela eceleni indaba kuze kube sekuseni ngosuku olulandelayo. Cishe phakathi kwamabili sezwa ukungqongqoza emnyango wekamelo lethu lokulala. Kwakuyindodana yethu, ihlengezela izinyembezi.
“‘Baba, Mama, ngiye ngangakwazi ukulala emahoreni amane adlule, ngenxa nje yokuthi anginilalelanga lapho ningeluleka ngokuvela eBhayibhelini ngabangane ababi. Ngemva kokuphuma kwesikole namuhla abanye abantwana bangicindezele ukuba ngihambe nabo siyobhukuda, futhi omunye wabafana ungidonsele ngaphansi kwamanzi. Ukuba omunye umfana akangisizanga, bengizominza. Bangihlekile futhi bathi ngiyigwala. Ngiye ngaqonda ngqó ekhaya, kodwa ngahlala ngaphandle kwendlu ngoba bengizizwa nginecala. Ngiyaxolisa ngokuthi angizange nginilalele lapho ningixwayisa ngabangane ababi, njengoba kuboniswa eBhayibhelini.’—1 Korinte 15:33.
“Wakhala futhi nathi sakhala. Sajabula ngokuthi wayefunde isifundo, kodwa samyala ukuze kugcizeleleke ngokujule ngokwengeziwe. UEksodusi 34:6, 7 ubonisa ukuthi uJehova unesihe futhi uthethelela isiphambeko, kodwa nakuba kunjalo ‘akamyeki onecala.’”—UDavid noBetty Mupfururirwa.
EBrazil
“Ngingumfelokazi futhi kudingeka ngikhulise umfana wami ngedwa. Ngesikhathi esifanayo, ngisebenza njengethishelakazi. Akulula ukufundisa nokuyala abantwana. Okudingekayo ukufundisa kokunamathela, ukuyala okunokulinganisela, nesibonelo esihle ngakubazali. Kwakunzima ngami ukuba oqinile futhi ngesikhathi esifanayo ngibe onozwela. Kwadingeka ngihlakulele ikhono lokulalela, ikakhulukazi ukulalela ngenhliziyo. Kubalulekile ukuxhumana, hhayi ukukhuluma nje, kodwa ukuhilela umntwana, ukumenza asabele ngokomzwelo. Ngangizama ukumenza azizwe eyingxenye yomkhaya ngokumhilela ekuhleleni komkhaya lokho okuzothengwa. Lapho isikweletu sikagesi noma amanzi sifika, noma inani lezingubo noma izicathulo likhuphuka, sasixoxa ngalezindaba ndawonye.
“Kubalulekile ukutusa ngobuqotho ngezinto ezenziwe kahle. Uma amathuba ephakama, ngangimbonisa ukubaluleka kokulandela imithetho kaNkulunkulu nezimiso. Ngesinye isikhathi, ngemva kokumeluleka izikhathi eziningana, kwadingeka ngisebenzise uswazi ngokoqobo. Yeka ukuthi kwakunzima kanjani ngami, kodwa, oh, yeka imiphumela ebusisekile! Enkathini yokuthomba siba nezikhathi ezinhle nezimbi, kodwa siyakubona ukubaluleka kokufundisa nokuyala. Uyangitshela izinkinga zakhe zomuntu siqu futhi azwakalise imizwa yakhe.
“Kudingeka ngihlale ngiphaphamele ukulondoloza ukuxhumana okuhle. Ngakho ngizama ukungahileleki kakhulu emsebenzini wami wokuziphilisa ukuze njalo ngihlale nginesikhathi sendodana yami. Lapho kwenzeka siba nezinkinga, ngizama ukulalelisisa ngokunakekela okukhulu, futhi ngosizo lukaJehova, siyazinqoba. Ngiyenza yazi ukuthi nami ngiyawenza amaphutha. Ngesinye isikhathi ngangithukuthele kakhulu, futhi ngayitshela ukuthi ‘ivale umlonyana wayo.’ Yangitshela ukuthi ukutshela umuntu ukuba ‘avale umlonyana wakhe’ kwakubonisa ukuntula uthando. Yayiqinisile. Ngaleyontambama saba nenkulumo ende ngempela.”—UYolanda Moraes.
ERepublic of Korea
“Ngazisebenzisa ngentshiseko izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami. Ikakhulukazi uDuteronomi 6:6-9 wayesekujuleni kwenhliziyo yami. Ngakho ngazama ukuba nabantwana bami kakhulu ngangokunokwenzeka, ukusondelana nabo, ukufaka izimiso zeZwi likaNkulunkulu ezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. Futhi ngamemela izithunywa zevangeli zesikhathi esigcwele namalungu omkhaya waseBethel ekhaya lethu ukuze banikeze abantwana bami umuzwa wenkonzo yesikhathi esigcwele.
“Into yokuqala okufanele abazali bayenze lapho abantwana bedala izinkinga iwukubonisa izithelo zomoya. Kulula ukuthukuthelela abantwana nokuhluthuka. Nokho, thina bazali kumelwe sibe nesineke futhi sibonise ukuziphatha okuyisibonelo. Kubalulekile ukubahlonipha abantwana nokubanikeza ithuba lokuchaza isimo. Uma bungekho ubufakazi obucacile bokona, khona-ke bathembe futhi ngaso sonke isikhathi ubakhe. Lapho kudingeka uyale umntwana, qala ngokubonisana naye, mbonise lokho one ngakho futhi, uveze indlela isenzo sakhe esingamthokozisanga ngayo uJehova nabazali bakhe. Yala kuphela ngemva kwalokho. Ngokuvamile amadodana ami ngemva kokuyalwa ayethi: ‘Baba, angisiqondi kwamina, isizathu sokuba ngingezwa. Bengiyisiwula ngempela.’ Bayabazisa abazali abakhathalela ngokwanele ukuba babayale.
“Abazali kudingeka baphaphamele ukuqalisa kokuziphatha okungalungile. Lapho indodana yami endala isesikoleni esiphakeme, ngezwa umculo werock onomsindo uvela ekamelweni layo. Ngathola ukuthi yayizihlanganise neqembu labafundi eliyalayo (abafundi abadala, abayisibonelo abeluleka abanye abafundi), futhi yayithole amathonya ezwe. Ngezwa ukuthi ngaphansi kokucindezela okuqhubekayo okwakuvela kumalungu eqembu nangenxa yelukuluku lokwazi, yayiye yabhema ugwayi. Sabonisana ndawonye ngezingozi zokubhema, futhi indodana yami yaziphethela ngokwayo ukuthi kumelwe ilishiye iqembu, okuyilokho eyakwenza. Ukuze sivale isikhala esishiywe ukuyeka imisebenzi yesikole engabazisayo, sahlela ukuzilibazisa okunempilo nomkhaya namalungu ebandla.
“Okokugcina, ngithanda ukusho ukuthi into ebaluleke kakhulu iwukuba abazali babeke isibonelo esihle. Ngiye ngabatshela ngaso sonke isikhathi abafana bami ababili ukuthi ngifuna ukukhonza uNkulunkulu isikhathi esigcwele njengesikhonzi esishumayela izindaba ezinhle. Lapho umfana wami wesibili eqeda esikoleni, ngakwazi ukuthatha umhlala-phansi emsebenzini wami embonini kasilika futhi ngaba isikhonzi sesikhathi esigcwele. Abafana bami ababili bakubona ukuzimisela kwami futhi benza okufanayo. Ngemva kokudonsa isikhathi esithile ejele ngenxa yokungathathi-hlangothi, bobabili bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele futhi basaqhubeka kuze kube namuhla.”—UShim Yoo Ki.
ESweden
“Siye sakhulisa abantwana abayisikhombisa, abafana abahlanu namantombazane amabili. Njengoba sebekhulile manje, bamatasa kakhulu ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kusukela besebancane, abantwana babeya emihlanganweni yebandla futhi beya nathi enkonzweni yasensimini. Kancane kancane bafunda ukwenza umsebenzi wokushumayela—ukushaya insimbi yasemnyango, ukuthi sawubona, ukuzisho igama, ukuhambisa isimemo, ipheshana, noma umagazini. Lapho besebancane kakhulu, babenikeza izinkulumo eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini.
“Ngezinye izikhathi izinkinga ezingathi sína zazidinga ukunakekelwa okukhethekile. Khona-ke ukubonisa uthando nesineke kubalulekile—hhayi ukuthetha noma ukuphikisana. Izinkinga zazixazululwa ngokubonisana ngezinto nokugcizelela imibono kaJehova. Sabaqeqesha ezindabeni zezimali. Lapho sebekhulile, basebenza ekudiliveni amaphephandaba, ekuvuneni amasoyi, ukulima izingadi, njalonjalo. Ukuvakashela umkhulu wabo nogogo abaqhele kakhulu ekhaya kwabenza bazazi izinkinga zabantu asebekhulile nokuzwelana nabo.
“Lapho sigubha umkhosi weminyaka engu-30 sishadile, sathola incwadi elandelayo:
“‘Kubazali Bethu Abathandekayo:
“‘SIYABONGA NGAKHO KONKE! Uthando olufudumele eniye nasibonisa lona, ukholo lwangempela eniye nalufaka kithi, ithemba elimangalisayo eniye nasinikeza lona—lokhu akunakulinganiswa ngamazwi noma imali. Nokho, sithemba ukuthi ngalesikhumbuzo esincane, niyoyiqonda indlela esizizwa ngayo ngani, baba nomama abathandekayo. [Isayiniwe] Abantwana benu.’
“Uma sibheka emuva kuyo yonke ‘lemisebenzi yeminyaka engu-20,’ sizizwa sinokubonga okujulile ngoJehova, uBaba wethu osezulwini, oye waba nesihe kangaka kithi.”—UBertil noBritta Östberg.
Amanqampunqampu Anhlobonhlobo
“Umama oncelisayo uyindlela kaJehova yokusondeza ingane nonina ngokuseduze ngokomzimba, kodwa ubaba angenezela kukho ngesihlalo esiyendayo. Ngangijabula ngokomuntu siqu ekugoneni abantwana bethu nasekubathuthuzeleni ukuba balale cishe njalo ebusuku.”
“Njengobaba wabo, ngangingakuhlomele ukunakekela abantwana bethu, kodwa ngangisondelana nabo ngokomzimba ngokubageza ebusuku. Kimina nakubo, kwakuyisikhathi esijabulisayo!”
“Ngezikhathi ezithile, ngiye ngathatha ngamunye wabantwana bethu, ngokwehlukile, ngayokudla naye sisodwa. Bayasithanda lesikhathi somuntu ngamunye noBaba.”
“Njengoba iminyaka yayidlula, kancane kancane sasibanikeza inkululeko eyengeziwe nemithwalo yemfanelo. Isipulingi esicindezelwe esandleni somuntu kumelwe sidedelwe kancane kancane ukuze kugwenywe ukuba siqhantshe ngokungalawuleki.”
“Bonisa uthando oluningi. Akekho umntwana oke wafa ngenxa yokugonwa nokwangiwa—kodwa imizwa yabo ingafa uma kungekho.”
“Yiba nesineke, ungabadumazi. Ungabathethisi ngaso sonke isikhathi. Benze bakhe ukuzethemba. Kukho konke ukugxeka okwenzayo tusa kane!”
“Banikeze konke ongabanika khona, ukuze ubenze babe okungcono kakhulu abangaba yikho.”
[Isithombe ekhasini 9]
Abantwana abancane njengo-Rebecca badinga uthando loqobo
[Isithombe ekhasini 10]
Ukusebenzisa isikhathi sokwenza izinto ndawonye kuyoba nengxenye esibophweni esiqinile somkhaya