Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 26-k. 27 isig. 6
  • Ingabe UNkulunkulu Uyimfihlakalo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyimfihlakalo?
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Singazi Yonke Into NgoNkulunkulu?
  • Ingabe Kuyimfihlakalo Kakhulu Kunokuba Kufanele?
  • Izimfihlakalo—Ezobuqaba NezobuKristu
  • Ukukhulekela UNkulunkulu Ngeqiniso
  • Uchazwa Kanjani UZiqu-zintathu?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ingxenye 1—Ingabe UJesu Nabafundi Bakhe Bayifundisa Imfundiso KaZiqu-zintathu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe uNkulunkulu unguZiqu-zintathu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Uyimfundiso YeBhayibheli Ngokucacile?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 26-k. 27 isig. 6

Umbono WeBhayibheli

Ingabe UNkulunkulu Uyimfihlakalo?

“Iyini imfihlakalo? Ngokuvamile, imfihlakalo iyiqiniso okungenakwenzeka ukuliqonda noma ukulifakazela. . . . Iyini imfihlakalo engokwenkolo? Ingelinye lamaqiniso kaNkulunkulu esibophekile ukuba siwakholelwe, nakuba singenakuwaqonda noma siwafakazele. Ziyini izimfihlakalo eziyinhloko zenkolo? Lezi ziyizimfihlakalo zikaZiqu-zintathu Ongcwele, ukuPhind’ ukuzalwa, neSihlengo.”—Abrégé de l’exposition de la doctrine chrétienne, 1901 (Incazelo Efushanisiwe Yemfundiso YobuKristu)

OKUNGENHLA kuyindlela incwadi eyabhalwa ekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka eyafushanisa ngayo umbono weSonto lamaRoma Katolika ngokuqondene nezimfihlakalo. Ngaphezu kwalokho, iGuide des difficultés de la foi catholique (Umqondisi Ezinkingeni Zenkolo YamaKatolika, 1989) ekhishwe muva nje yabonisa ukuthi amaphuzu anjalo angokwemfundiso asathakazelisa ngokuthi: “Akukhona nje ngokuthatheka komuntu siqu ngamaqiniso angacacile ukuthi umKristu uyokuvuma ukuba khona kwenani elithile lezimfihlakalo eSivumweni sakhe esingokwenkolo. Uma ekholelwa kuzo, kusesisekelweni seZwi likaNkulunkulu ngokuphelele.” Kodwa lithini “iZwi LikaNkulunkulu”? Ingabe uNkulunkulu uyimfihlakalo?

Ingabe Singazi Yonke Into NgoNkulunkulu?

IBhayibheli lisinikeza imininingwane eminingi ngoNkulunkulu njengoMuntu, ngezimfanelo zakhe nangendlela asebenzelana ngayo nesintu. Kodwa futhi lichaza ukuthi ukuhlakanipha kwakhe kungaphezu kokuqonda komuntu. Kungakho umprofethi uIsaya ethi izindlela zikaNkulunkulu nemicabango kungaphezulu kakhulu kokwabantu.—Isaya 55:8, 9.

Ukungakwazi ukwazi yonke into ngoNkulunkulu akufanele kusimangaze. Ngokwesibonelo, ngisho nakuba ulwazi lwethu ngendawo yonke lwanda njalo, ososayensi bayavuma ukuthi cishe abasoze ngempela bakwazi ukuqonda imininingwane yemfihlakalo yezinto ezincane kakhulu noma ezinkulu kakhulu. Ngakho-ke kungenzeka kanjani ukuba isidalwa sazi ngokuphelele ukujula kokuhlakanipha kukaNkulunkulu, onguMdali? UJobe wavuma kuJehova: “Ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.” (Jobe 42:3; qhathanisa namaRoma 11:33.) Khona-ke, ulwazi olugcwele ngoNkulunkulu, ngezinye izindlela, lungaphezu kokuqonda kwethu okulinganiselwe. Nokho, izimfundiso zamasonto amaningi zidlulela ngalé kwalamaphuzu asobala.

Ingabe Kuyimfihlakalo Kakhulu Kunokuba Kufanele?

Iencyclopedia yamaKatolika iThéo ekhishwe muva nje ithi: “Ezimfundisweni zesonto, igama elithi imfihlakalo lingasetshenziswa futhi kulokho uNkulunkulu akwembulayo ngaye ngokwakhe, ngokwesibonelo, ngokuqondene nokuba khona kwakhe njengoZiqu-zintathu.” Njengakweziningi ezinye izincwadi zemfundiso yenkolo, umqondo ovezwayo lapha uwukuthi ‘njengoba ulwazi ngoNkulunkulu luyimfihlakalo ngokungenakugwenywa, akufanele kusimangaze ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu nokuthi loZiqu-zintathu uyimfihlakalo.’ Ingabe lokhu kucabanga kunesisekelo esihle?

Okokuqala, izincwadi eziningi ziyavuma, njengoba kwenza iNew Encyclopædia Britannica, ukuthi “igama elithi Ziqu-zintathu, noma ngisho nemfundiso ngokwayo, ayiveli eTestamenteni Elisha.” Ngaphezu kwalokho, umlando walemfundiso uyabonisa ukuthi iye yahlanganiswa imibono eminingi ethathwe ezinkolelweni zobuqaba ezahlanganiswa ezivumweni zesonto emakhulwini amaningi eminyaka ngemva kokufa kwabaphostoli. Ngakho-ke, akukho bufakazi obuphathekayo bokuthi imfihlakalo kaZiqu-zintathu isekelwe eBhayibhelini.a

Cabanga ngalokhu: Njengoba kungenakwenzeka ukwazi yonke into ngoNkulunkulu, bekungaba ukuhlakanipha ngoJehova ukuba angazichazi? Cha, ufuna ukuba sonke isintu simazi. (Johane 17:3; qhathanisa namaHeberu 8:11.) Futhi bekungaba nengqondo yini ngalabo abafuna ukumthokozisa ngempela ukuba bangamchazi? Ngokwesibonelo: Uma okuwukuphela kwendlela umuntu anayo yokubona ubuhle bendawo ethile kuyifasitela, bekungaba ukuhlakanipha yini ukwenza ufasimba efasiteleni, ethi: ‘Noma lingaba nofasimba kuyefana ngoba vele ngeke sibone yonke into?’ Bekungeke kube ukuhlakanipha! IBhayibheli nengqondo ehlelekile kuyabonisa ukuthi ulwazi lwethu ngoNkulunkulu lungolulinganiselwe. Kodwa lokhu kulinganiselwa akukwenzi kufaneleke ukuphendulela ulwazi lwethu ngoNkulunkulu emfundisweni eyimfihlakalo, njengoZiqu-zintathu, emane nje idide ukumqonda kwethu.

Izimfihlakalo—Ezobuqaba NezobuKristu

Ngaphezu kwalokho, lapho igama elithi “imfihlakalo” livela emiBhalweni, alinayo incazelo “yolwazi olufihliwe,” njengoba kuqondakala kanjalo ngokuvamile. Njengoba iThéo isikhumbuza ngokufanelekile: “Igama elithi imfihlakalo alinawo umqondo ofanayo lapha. KumaKristu lisho okuthile ngokuvamile okufihliwe noma okungenakufinyelelwa, kodwa lokho uNkulunkulu afuna ukukusho kuwo . . . nokuthi akubone.”

Igama lesiGreki elithi my·steʹri·on (“imfihlakalo,” noma “imfihlo engcwele”) lasetshenziswa umphostoli uPawulu izikhathi ezingu-20 ngomqondo othile. Walisebenzisa ekubhekiseleni emfihlweni engcwele okwakuyisikhathi eside ifihliwe kodwa uNkulunkulu ayembula lapho ethumela uJesu emhlabeni. UJesu Kristu, uMsindisi wesintu, wayeyingxenye eyinhloko “yembewu” ethenjisiwe uNkulunkulu ayezoyisebenzisela ukuhlenga isintu, Leyo ‘izizwe zonke zomhlaba ezaziyobusiswa ngayo’ neyayizoba nezindlalifa kanye nayo emazulwini. (Genesise 3:15, NW; 22:18; Roma 8:17) Lezingxenye ezifihliwe, noma eziyimfihlakalo, zazifihliwe ezincekwini zikaNkulunkulu zangaphambi kobuKristu kodwa uJehova wazembula ngesikhathi esifanele. (Efesu 1:9; Kolose 1:26) Ngokujabulisayo, lolulwazi alugcinelwe abambalwa abakhethiwe—njengoba kunjalo ngezimfihlakalo ezingokwenkolo ezinkolweni ezithile—kodwa kumelwe lumenyezelwe kubantu abaningi ngangokunokwenzeka ngaphandle kokukhetha.—Efesu 6:19, 20.

Ukukhulekela UNkulunkulu Ngeqiniso

IBhayibheli lisiphathele ukwaziswa okwanele ukuze sikhulekele uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo kuye. Kunokuba lifundise uZiqu-zintathu, libembula ngokusobala ubukhulu bukaJehova nesikhundla esingaphansi sikaJesu. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28; 1 Korinte 15:28) Liyabonisa futhi ukuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku, aqondisa izinceku zakhe ezithembekile.—IzEnzo 2:1-4.

Lapho ekhuluma nowesifazane ongumSamariya, uJesu wabonisa ukuthi ukuze umuntu athokozise uNkulunkulu, kufanele amkhulekele “ngomoya nangeqiniso.” Wanezela ukuthi “uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.” (Johane 4:21-24) Kuxhomeke kithi ngabanye ukufuna lolulwazi oluqondile oluyosilethela izibusiso uma sithembela eZwini likaNkulunkulu kunokuba samukele amasiko enziwe ngabantu, nayimfihlakalo alufihlayo.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, eyakhishwa yiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, ngo-1989.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

All rights reserved

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela