Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukukhulisa Abantwana Uchungechunge lwesithi “Abantwana Bakho—Ukubenzela Okungcono Kakhulu” (September 22, 1992) lwembula ukushiyeka kwami njengomzali. Ukunaka kwami bekugxile ezindabeni zomuntu siqu nasemisebenzini yebandla—konke lokhu kwenza ngangayinaka indodana yami eneminyaka emithathu ubudala. Yaba ingane engahlaliseki. Futhi ngithambekele ekubeni nenhliziyo encane, ukusheshe ngicasuke, futhi ngiba namahloni okubonisa uthando. Kunokuba ngiyange ingane yami, ngiye ngeqisa kakhulu ekuzameni ukuba nesandla esiqinile. Njengoba uJehova esithululela sonke uthando ngokungagodli, manje ngizozama ukulubonisa kakhulu uthando efeni engiye ngalamukela kuJehova.
T. T., Japan
Nakuba ngingesiye umzali, ngiyazithanda izingane, futhi lomagazini wangithinta ngokujulile. Ngakhala lapho ngifunda ngezinkinga ezidabukisayo izingane ezibhekana nazo namuhla. Isihloko senu futhi besifundisa kakhulu ekuboniseni indlela yokubhekana nalezinkinga zisaqala ekuphileni ukuze sigweme izinkinga ezishaqisayo eminyakeni yamuva.
L. B., United States
Lezihloko zangenza ngazihlola njengobaba. Lapho ngishada, ngangimncane kakhulu futhi nginesithakazelo kakhulu ekubeni nabangane bami kunokuba nomkhaya wami. Ukufunda lezihloko kwangenza ngaqaphela ukuthi indodakazi yami angizange ngiyinike isikhathi esanele. Kwangathi lezihloko zingashukumisela abazali ekubeni benzele izingane zabo okungcono kakhulu.
A. V., Italy
Izinganekwane Zezilwane Siyabonga ngesihloko esithi “I-capybara—Iphutha Noma Isimangaliso Sendalo?” (September 22, 1992) Ngokuvamile ingane yami ngiyifundela izihloko eziphathelene nezilwane. Njengoba uMnu. Capybara ayekhuluma yena ngokwakhe, lesihloko sayijabulisa ingane yami!
C. T., Japan
Kwakuyinto ehlukile eqabulayo engafani nodoti esiwuthola komagazini abaningi! Sasifunda nezingane zami. Ukufunda ngezilwane ezintsha nezihlukile kuyajabulisa!
C. H., United States
Siyanibonga ngesihloko esithi “Lawo Ma-marsupial Amangalisayo AseAustralia.” (July 22, 1992) Indlela lezilwane ezizala ngayo neziveza ngayo izinhlobo ezihlukahlukene zobisi ngiyithola ithakazelisa ngokukhethekile. Yangenza ngacabanga ngendlela amandla kaJehova abonakala ngayo ngokucacile endalweni yakhe!
N. S., Italy
Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngasijabulela isihloko esithi “Ikamela LaseArabia—Isithuthi SaseAfrika Esithutha Konke.” (June 8, 1992) Izinto nazibeka ngendlela eyenza ukwaziswa kwajabulisa ngokukhethekile.
G. C., Argentina
Ukukhuluma Phambi Kwezilaleli Isihloko esithi “Ungakhuluma Phambi Kwezilaleli!” (July 22, 1992) sangisiza ukuba ngithole umsebenzi. Ngaqale ngasifunda nginombono wokusisebenzisa enkonzweni yobuKristu. Kodwa lapho ngitshelwa ukuthi ngangizoba nengxoxo yokufuna umsebenzi, ngaphinda ngasifunda lesihloko futhi ngawasebenzisa ngokoqobo amaphuzu amaningi esawaphawula, njengokuvivinya umzimba okudambisa uvalo. Ngabe sengiyathandaza futhi ngaya kuleyongxoxo yokufuna umsebenzi. Ngawuthola umsebenzi, futhi ngiyanibonga ngokulungiselela lesihloko ngesikhathi esifanele.
K. B., United States
Ukuhlola Umkhathi Njengomfundi oshisekayo wezinto ezicatshangelwayo ezingokwesayensi, lwavele nje lwangikhanga uchungechunge lwezihloko ezikhuluma ngokuhlola umkhathi. (September 8, 1992) Lwanginikeza umbono olinganiselayo walesihloko esithakazelisa kakhulu. Kwakududuza futhi ukubona ukuthi uNkulunkulu unenjongo emangalisayo hhayi nje ngaleplanethi kodwa ngendawo yonke.
A. C., United States