Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 10/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Basalima Ngamahhashi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Basalima Ngamahhashi
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusetshenziswa Kwawo Kwezolimo
  • Ihhashi Liqhathaniswa Nogandaganda
  • Ukulima Kwamahhashi
  • Usuku Lokusebenza
  • I-October Fair—“Umbukiso Wamahhashi Wezizwe Omdala Kakhulu EYurophu”
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuphela Kwabo Bonke Ububi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Isizotha Nobuhle Obumangalisayo
    I-Phaphama!—2011
  • Amahhashi Ayewukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 10/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Basalima Ngamahhashi

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AUSTRALIA

KULENKATHI yobuchwepheshe obuphakeme, abanye bangakuthola kumangalisa ukuthi kunabalimi abasalima ngamahhashi. Kodwa kunezindawo lapho kusetshenziswa khona amahhashi anamandla adonsayo esikhundleni sogandaganda.

Kuyavunywa, aseyivelakancane amapulazi alinywa ngamahhashi. Nokho, kukhona izinzuzo ezithile ekusebenziseni amahhashi.

Ukusetshenziswa Kwawo Kwezolimo

Kusukela ezikhathini zasendulo amahhashi abelokhu esetshenziswa njengezilwane ezithwalayo. Kukhulunywa ngawo emilandweni yabaseSumer, amaHeti, abaseGibithe, nabaseChina. Kodwa emakhulwini eminyaka ukusetshenziswa kwawo kwezolimo kwakulinganiselwe. Lokhu kwakungenxa yokuthi kwakuthiwa kushibhile ukunakekela izinkabi futhi zingadliwa lapho zingasakwazi ukwenza umsebenzi. Nokho, izinkabi ziyatotoba kunamahhashi.

Ngekhulu le-19, amahhashi ayesethathe isikhundla sokulima emazweni amaningi aseNtshonalanga. Omunye umthombo uthi lokhu ngokwengxenye kubangelwa “ukusungulwa kwemishini yokulima eyinkimbinkimbi kakhulu [eyayivumelana] kangcono nokusebenza ngokushesha, okungaguquguquki kwamahhashi kunezinkabi ezitotobayo.”

Ngokuhamba kwesikhathi, amahhashi ohlobo lweClydesdale eScotland, iSuffolk Punch neShire eNgilandi, nePercheron evame eFrance, ayesetshenziswa kwezolimo. Lamahhashi atotobayo kodwa anamandla azalaniswa namancane ukuze kukhiqizwe ihhashi elingenawo amandla kakhulu kodwa elinesivinini esithé xaxa. Izinhlobo zamahhashi anjalo zabizwa ngokuthi amahhashi adonsayo, kubhekiselwa ekhonweni lawo lokudonsa imithwalo esindayo.

Ihhashi Liqhathaniswa Nogandaganda

Yiqiniso, alikho ihhashi elake lazalwa elinamandla alingana nogandaganda wanamuhla. Kodwa ungase ukhexe umlomo lapho uthola ukuthi amahhashi anamandla kangakanani! Ngo-1890, amahhashi amabili adonsayo ohlobo lweClydesdale adonsa inqola ebhulekiwe ilayishwe yagcwala phama! Futhi ngo-1924 amahhashi amabili ohlobo lweShire yaseNgilandi abonisa ikhono elifanayo, edonsa umthwalo olinganiselwa emathanini angu-50!

Amahhashi adonsayo ahlakaniphile futhi athatha isinyathelo kuqala. Ngokwesibonelo, amahhashi alima insimu cishe awasidingi isiqondiso uma kunehhashi eliholayo elikwazi kahle ukulima. Leli hhashi liyawahola amanye, alime usuku lonke. Kucatshangwa ukuthi lamahhashi angalima kahle ngoba afakwa amahhanisi futhi awakwazi ukubheka emuva, okuyilokho abantu abalima ngogandaganda abavame ukukwenza.

Ngaphezu kwalokho, esikhathini sokuvuna amahhashi angenza imisebenzi eminingi kunogandaganda. Ikhono lawo lokujika ngokuqondile abheke eceleni—futhi lapho kudingeka, ajike abheke emuva—liwenza akwazi ukuhlanganisa yonke insimu ngesikhathi sokulima nokuvuna.

Ukulima Kwamahhashi

Amahhashi asabela eziqondisweni zomshayeli wawo enza umbukwane okhangayo. Lamahhashi aqeqeshelwa ukusabela eziqondisweni ezithile ngokusebenzisa ubuciko obuthile, nakuba ulimi nezindlela ezisetshenziswayo zihlukile kuye ngokomshayeli. Amahhashi ajwayelana nendlela yokukhuluma nephimbo lomshayeli. Ukushaya ikhwelo, kanye namazwi akhuthazayo omshayeli, kungase kube uphawu lokuba ahambe amahhashi.

E-Australia ihhashi elingakwesokudla (somshayeli) laziwa ngokuthi ihhashi elingakwesokudla (offside horse) kanti ihhashi elingakwesobunxele, laziwa ngokuthi ihhashi eliseduze (nearside horse). Mhlawumbe lamagama asuselwa endleleni omakad’ebona ababesebenzisa ngayo amahhashi abo, ngokuvamile behamba ohlangothini olungakwesobunxele.

Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona uhide lwamahhashi ayishumi lujika lubheke eceleni, lusabela kumshayeli! Ukuze ajikele kwesobunxele, ihhashi eliseduze kumelwe lihlehle kancane, kuyilapho amanye enza isiyingi elizungeza. Khona-ke, uma ezojikela kwesokudla, ihhashi elingakwesokudla kumelwe lihlehle kancane. Ezikhathini ezingenamvula kujabulisa kakhulu ukuwabona enyamalala efwini lothuli abese eqhamuka esesho ngezigqi lapho eseqedile ukujika!

Ihhashi ngalinye laziwa ngegama lalo futhi liyasabela lapho libizwa ngokwendlela yephimbo elisetshenziswa umshayeli. Uma elinye ihhashi livilapha, ngokuvamile kudingeka ukubiza igama lalo ngendlela ehlabayo, yokulithethisa. Lapho eqala ukuqeqeshwa amahhashi ngokuvamile kudingeka afunde ukuthi iphimbo elinjalo lihambisana nokusetshenziswa kwenduku noma isiswebhu. Nokho, lapho selazi, kuyaqabukela ukuba kudingeke ukuyala ngamandla.

Usuku Lokusebenza

Umlimi angase avuke lapho kusantwela ezansi ukuze aphe amahhashi ukudla naye adle ukudla kwakhe kwasekuseni ngesikhathi amahhashi esadla. Amahhashi afunda ukuphuza akholwe ngaphambi kokuba kuqale umsebenzi wosuku ngoba ngeke aphuze lutho ngaphambi kokudla kwasemini. Ihhashi ngalinye liyaphululwa ngaphambi kokuba liboshelwe. Lokhu kuvimbela ukuhuzuka kwesikhumba futhi kunwaya kamnandi. Ngokuvamile amahhashi angunga umlimi futhi alinde ithuba lawo ngesineke. Khona-ke, ayaboshelwa. Lokhu kungathatha ihora noma ngaphezulu, kuye ngobuningi bawo. Futhi, kulungiswa izikhwama ezilengiswa ezimpumulweni zamahhashi ezinokudla kwawo kwasemini. Phela, akuyena umshayeli yedwa okufanele athole ukudla kwekhefu lasemini!

Lamahhashi asebenza kanzima amahora ayisishiyagalombili noma ayishumi, futhi uma amabhande okubophela ewalingana kahle, ngeke aqede umsebenzi wosuku enamahlombe abuhlungu nakhuhlekile. Njengoba kuhlwa, umuntu nesilwane bayakujabulela ukubhekisa amabombo ekhaya beyojabulela ukudla ngokuthula, okuphuzwayo, nokuphumula okwanele.

Labo abasalima ngamahhashi bangase bathi lokhu kujabulisa kakhulu kunokulalela umsindo wemishini usuku lonke. Ukuthula kwendawo kwenza umlimi azizwe eyingxenye yensimu. Ukwazi ukuqaphela kangcono indalo emzungezile—umsindo wezinyoni eziqhwandayo njengoba zihlola inhlabathi esanda kulinywa; iphunga lotshani obuswakeme; umsindo kangqoqwane njengoba igeja lingena enhlabathini eyomile lapho kubanda ekuseni—izinto ezincane ezingaqapheleki lapho umlimi ezwa umsindo kagandaganda.

Yiqiniso, ogandaganda bangasebenza usuku lonke, okuyinto angenakuyenza amahhashi. Kuyiqiniso futhi ukuthi ogandaganda bangalima indawo enkulu futhi abadingi ukunakekelwa njalo. Kodwa awukho ugandaganda owake waba nenkonyane elithandekayo, futhi lokhu kumane kungenye yezinjabulo ezenza ukulima ngamahhashi kujabulise ngendlela engenakuqhathaniswa. Nomshayeli angajabulela “ingxoxo” namahhashi akhe lapho elima. Futhi asabela ngokumlalela, aphakamise amadlebe awo ukuze ezwe konke akushoyo.

Ukulima kuwumsebenzi onzima, futhi okhathazayo ngezinye izikhathi. Kodwa kulabo abasalima ngendlela endala, ngamahhashi, kungaba injabulo enkulu ukusebenzelana nalezi zilwane ezinamandla futhi ezikhuthele zendalo kaNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 26]

Amahhashi angenza imisebenzi eminingi kunogandaganda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela