Lapho Intaba Izama Ukuhlangana Nolwandle
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EVENEZUELA
PHAKATHI kwenhloko-dolobha yaseVenezuela, iCaracas, nolwandle kukhona intaba i-El Ávila engamamitha angu-2 000 ukuphakama. Ngasenyakatho kunesiqephu sogu oluncane olunabantu abaningi. Lapho, kunesikhumulo sezindiza esikhulu saseVenezuela, futhi izivakashi kufanele zihambe emhubheni onqamula phakathi entabeni uma zisuka esikhumulweni ziya eCaracas.
Ngemva kwezikhukhula ngo-December nyakenye, i-El Ávila eyase igcwele amanzi yayingasakwazi ukumunca amanye. Izinhlangothi zayo kwakubonakala sengathi ziyaqhuma njengoba intilibathwa yamanzi yayigeleza kule ntaba. Njengoba omunye umuntu asho, kwakubonakala sengathi le ntaba izama ukuhlangana nolwandle. Imizi—kusukela kwephansi kuya kwekanokusho—yayikhukhulwa amanzi, udaka, amadwala nezihlahla. Kwakwemuka imibhede, iziqandisi, amathelevishini ngisho nabantu. Ikhehla elithile lathi lalicabanga ukuthi sekuyisiphelo sezwe.
Ngokuhamba kwesikhathi, imvula yanqamuka futhi izikhukhula zaqala ukubohla. Okunye ukulinganisela kuthi kungenzeka kwafa abantu abangaba ngu-50 000, futhi abangu-400 000 basala dengwane. Lokhu kuye kwabizwa ngokufanele ngokuthi “inhlekelele engokwemvelo embi kunazo zonke emlandweni weVenezuela.”
Ukusinda Ngokulambisa
Ngo-December 15, uJuan Carlos Lorenzo noyise babevaleleke phakathi kwemifula emibili eyayidl’ izindwani. Bashiya imoto yabo bayozihlanganisa nabantu abangu-35 ababesesakhiweni esithile. Nokho, ngokushesha amanzi aqala ukungena futhi akhuphuka masinya. Bonke bakwazi ukugibela ophahleni. Ngesikhathi belapho, amadwala neziqu zezihlahla zazishaya lesi sakhiwo. Kungakapholi maseko, kwabhidlika izindonga zesitezi sokuqala nesesibili, kwasala izinsika nophahla kuphela. Lesi sakhiwo esasiwohloka, sasintengantenga njengoba silokhu sishayeka.
Kwafika indiza enophephela emhlane, kodwa yayingenakuhlala esakhiweni esintengantengayo. Lapho iphindela emuva, uJuan Carlos noyise bavalelisana ngezinyembezi beqiniseka ukuthi sekuphelile ngabo. Kwabe sekufika izindiza ezimbili. Bonke ababesophahleni batakulwa ngamunye ngamunye njengoba abashayeli babelokhu bezungeza ngezindiza ezinophephela emhlane. Ngemva nje kokuhamba kwezindiza, lesi sakhiwo sakhukhuleka. Basinda ngokulambisa!
Abantu babekhishwa ngezinkulungwane—ngezindiza ezincane, ngezimoto nangemikhumbi yamasosha eklanyelwe ukuhlala ogwini. Abantu ababefole imigqa emide—abanye begqogqoshe izingane—babeqondiswa izintambo badlule emadlambini baye ezikebheni. Nakuba abanye bakwazi ukuhlenga izinto zabo ezimbalwa, abaningi bahamba nezinto ababezigqokile kuphela.
Imizamo Yosizo
Ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eVenezuela, imizamo yosizo yaqala ngokushesha nje lapho kuhlatshwa umkhosi ngale nhlekelele. Nokho, imigwaqo yayigcwele udoti noma ikhukhulekile. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, umzila owodwa womgwaqo omkhulu wavulelwa ukuba usetshenziselwe izimo eziphuthumayo kuphela, futhi izimoto zoFakazi ezithwele imithi nabantu abaqeqeshiwe zavunyelwa ukudlula. Kamuva esinye isikhulu sathi: “Uhulumeni wazi kahle ukuthi oFakazi BakaJehova babephakathi kwabantu bokuqala abafika nosizo futhi bathatha abantu kule ndawo.”
OFakazi bahlela ukufuna labo abadinga usizo. Kwahlelwa izinto zokuhamba ukuze zithuthele abantu eCaracas, lapho abaningi bafika khona bengaphethe lutho. Kwamiswa izikhungo edolobheni ukuze kwabelwe abantu ukudla, izimpahla zokugqoka nemithi. Kodwa abaningi babo babedinga okungaphezu kokudla nezimpahla zokugqoka. Babedinga indawo yokuhlala. Abafowabo abangamaKristu babangenisa emizini yabo ngenjabulo.
Ngisho nalapho sekukade inhlekelele yadlula, abantu babesenabangane nezihlobo ezazisahlala nabo. UJoel no-Elsa, abangoFakazi ePuerto Cabello, bahlala efulethini elincane. Esikhathini esingangenyanga ngemva kwezikhukhula, babesenabantu abangu-16 ababehlala nabo. Abaningi babengalahlekelwanga imizi yabo nje kuphela kodwa nayimisebenzi. Izindawo ababesebenza kuzo azisekho.
Ngokudabukisayo, izindawo zokungcebeleka ezazihlale zichichima namachweba kwagcina kungasabonakali. Ezinye izimoto zazimbozwe udaka, ezinye zisezindongeni, zithandele izinsika noma zivimbe emnyango noma emafasiteleni. Ungqimba lodaka oluqinile—olungaba amamitha amathathu ukujula kwezinye izindawo—lwabangela imigwaqo ukuba iphakame ngendlela yokuthi uma umuntu ehamba kuyo, wayelingana nezitezi eziphezulu noma uphahla lwezakhiwo azidlulayo!
Abanye eVenezuela bathi le nhlekelele ibafundise isifundo esibalulekile—ukuba bangathembeli ezintweni ezibonakalayo. (Luka 12:29-31) Abaningi baqaphela ukubaluleka kweseluleko sikaJesu Kristu: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. Kunalokho, zibekeleleni imicebo ezulwini, lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi ebe khona. Ngoba lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi.”—Mathewu 6:19-21.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 16, 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
VENEZUELA
Caracas
Indawo yenhlekelele
COLOMBIA
[Isithombe ekhasini 17]
URubén Serrano, nenxiwa lakwakhe
[Izithombe ekhasini 18]
1. Izisebenzi zokuzithandela zaqoqa izinto zosizo eCaracas
2, 3. IBandla LaseMaiquetía lasusa udaka oluqinile olwalujule ngamamitha amabili eHholo LoMbuso lalo
4. Labo Fakazi balahlekelwa imizi yabo base bezinikela ngokuzithandela ukuze bazakhele imizi emisha futhi bakhele nabanye
5. Omunye wemizi esizophela eSan Sebastián de los Reyes