Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele
AMAZINYO akho aqala ukumila usungakanani? Ungase umangale ukwazi ukuthi le nqubo yaqala usesesibelethweni—mhlawumbe umama wakho engakazi nokwazi ukuthi ukhulelwe! Ngakho kubalulekile ukuba umama okhulelwe athole izakhi zomzimba ezanele, kuhlanganise ne-calcium, i-phosphorus, amaprotheni namavithamini.
Kuthiwani ngezinsana? Ochwepheshe bathi abantwana abancela ibhodlela basengozini enkulu yokubola kwamazinyo, okuvame ukuqala ngamazinyo aphambili ngaphezulu. Kodwa lokhu kwenzeka kanjani? Ezinye izinsana zivame ukulala zincela ibhodlela elinobisi, ujusi, umbhubhudlo noma isiphuzo. Lolu ketshezi olunezakhi ezishintshayo lunama-carbohydrate okuzalela kuwo amagciwane. Kamuva amagciwane akhiqiza ama-asidi angalimaza amazinyo ezingane—ikakhulukazi uma ehlala emazinyweni ubusuku bonke. Ezinye izingane ezinamazinyo abole kakhulu ziphuma amazinyo ngaphambi kwesikhathi, okungaba nomphumela omubi ekukhuleni kwamazinyo azo.
Abazali bangawavikela kanjani amazinyo omntanabo asheshe azwele? Kutuswa ukuncelisa, ikakhulukazi njengoba ubisi lukamama luhlanzekile futhi lunezakhi eziningi ezivikela umzimba. Nokho, ochwepheshe bathi uma umntwana encela ibhodlela, kufanele ayekiswe uma esenezinyanga ezingu-18 ubudala. Futhi batusa kakhulu ukuba ibhodlela lisetshenziselwe ukuncelisa kuphela—lingenziwa isikhohliso. Ngaphezu kwalokho, uma umntwana elala nebhodlela, kungaba ngcono uma linamanzi angaxutshwe nalutho. Ngemva kokumncelisa, ungase usebenzise indwangu ehlanzekile nethambile usule amazinyo akhe.
Ukubola kwamazinyo ngaphambi kwesikhathi kungavinjelwa. Ukuwanakekela kahle amazinyo—yebo, ngisho nawosana—kubalulekile!