Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/22 k. 31
  • Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Udinga Amazinyo Okufakelwa?
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Uququda Amazinyo?
    I-Phaphama!—1998
  • I-orthodontics—Yini Ehilelekile?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/22 k. 31

Ukuvikela Amazinyo Asheshe Azwele

AMAZINYO akho aqala ukumila usungakanani? Ungase umangale ukwazi ukuthi le nqubo yaqala usesesibelethweni—mhlawumbe umama wakho engakazi nokwazi ukuthi ukhulelwe! Ngakho kubalulekile ukuba umama okhulelwe athole izakhi zomzimba ezanele, kuhlanganise ne-calcium, i-phosphorus, amaprotheni namavithamini.

Kuthiwani ngezinsana? Ochwepheshe bathi abantwana abancela ibhodlela basengozini enkulu yokubola kwamazinyo, okuvame ukuqala ngamazinyo aphambili ngaphezulu. Kodwa lokhu kwenzeka kanjani? Ezinye izinsana zivame ukulala zincela ibhodlela elinobisi, ujusi, umbhubhudlo noma isiphuzo. Lolu ketshezi olunezakhi ezishintshayo lunama-carbohydrate okuzalela kuwo amagciwane. Kamuva amagciwane akhiqiza ama-asidi angalimaza amazinyo ezingane—ikakhulukazi uma ehlala emazinyweni ubusuku bonke. Ezinye izingane ezinamazinyo abole kakhulu ziphuma amazinyo ngaphambi kwesikhathi, okungaba nomphumela omubi ekukhuleni kwamazinyo azo.

Abazali bangawavikela kanjani amazinyo omntanabo asheshe azwele? Kutuswa ukuncelisa, ikakhulukazi njengoba ubisi lukamama luhlanzekile futhi lunezakhi eziningi ezivikela umzimba. Nokho, ochwepheshe bathi uma umntwana encela ibhodlela, kufanele ayekiswe uma esenezinyanga ezingu-18 ubudala. Futhi batusa kakhulu ukuba ibhodlela lisetshenziselwe ukuncelisa kuphela—lingenziwa isikhohliso. Ngaphezu kwalokho, uma umntwana elala nebhodlela, kungaba ngcono uma linamanzi angaxutshwe nalutho. Ngemva kokumncelisa, ungase usebenzise indwangu ehlanzekile nethambile usule amazinyo akhe.

Ukubola kwamazinyo ngaphambi kwesikhathi kungavinjelwa. Ukuwanakekela kahle amazinyo—yebo, ngisho nawosana—kubalulekile!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela