Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Amajele Ngiyabonga kakhulu ngezihloko zenu ezithi “Ingabe Iziboshwa Zingaguqulwa?” (May 8, 2001) Ngangisejele iminyaka engu-14. Lapho ngisavalelwe, ngahlangana noFakazi BakaJehova futhi ngaqala ukutadisha iBhayibheli. Lapho ngikhululwa, ngaqhubeka ngitadisha, futhi ngabhapathizwa ngokushesha ngemva kwalokho. Iziboshwa zingaguqulwa uma zilandela izimiso ezifundiswa eBhayibhelini. Futhi njengami, zingababonga oFakazi abazikhandlayo abanikela ngesikhathi sabo ukuze basize labo ababoshiwe.
R. S., United States
Njengamanje ngisesikhungweni sokuqondisa izigwegwe lapho oFakazi BakaJehova beye bavunyelwa ukuba baqale uhlelo oluhle lwemfundo. Kunesiboshwa esisodwa esiye sabhapathizwa, kanti ezinye eziningi zitadisha iBhayibheli. Yeka indlela okuhle ngayo ukukhonza uJehova kungakhathaliseki ukuthi sikuphi!
J.A.M., United States
Ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuthi kunzima ukuxoxa nabantu ngeBhayibheli lapha eJapane. Kodwa laba bafowethu abathembela kuJehova bafundele iziboshwa iBhayibheli bangikhuthaza. Ngiyabonga ngokusitshela indlela laba bafowethu abazikhandla ngayo. Lezi yizinsuku zokugcina, ngakho ngamunye wethu kumelwe aqinise isibopho sakhe noJehova singaxegi.
K. D., Japan
Njengoba sengineminyaka engu-8 ngivalelwe ejele, ngiyazibonela mathupha ukuthi amajele awayifezi injongo yawo. Okuphumelelayo umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli eniwenzayo. Njengesiboshwa, ngiyababonga ngempela oFakazi BakaJehova, ababonisa uthando kithina esiye senza iphutha kodwa esizama ukulungisa isimo sibe abantu abangcono.
R. J., United States
Lapho ngithola lo magazini, ngazibuza ukuthi ubani ozowujabulela. Ngabo lobo busuku ngathola ucingo. Umama wayehlaselwe yizigebengu, zeba nemoto yakhe. Lapho ngixoxa nengisebenza nabo ngobugebengu, izigebengu namajele, ngakhumbula ukuthi nganginalo magazini ekhabetheni lami. Yeka izihloko ezinhle kangaka! Ngakusasa ngakwazi ukunikeza umama kanye nengisebenza nabo amakhophi. Ngempela lezi zihloko zifeza injongo ye-Phaphama!—njengoba “iphenya futhi ikhombe isizathu sangempela salokho okushiwo izehlakalo ezenzekayo.”
R. S., United States
Ngaqala ukuzwa ngoFakazi BakaJehova kumuntu engangivalelwe naye esitokisini. Ngiyabonga ngempela ngokufunda ukuthi oFakazi BakaJehova banesibindi sokungena ngaphakathi kwalezi zingcingo nezindonga bezosiza abantu abanjengami bathole uJehova kungakephuzi kakhulu. OFakazi kufanele banconywe ngothando abalubonisayo.
M. N., United States
Lezi zihloko ziwusizo kulabo kithina abasebenza emajele ngoba zibonisa ukuthi iBhayibheli lingasiza iziboshwa ukuba zenze ushintsho lwangaphakathi, engqondweni nasenhliziyweni yazo. Futhi zisiza iziboshwa ziqonde indima yethu ekuzisizeni ukuba zifunde ukwenza intando kaJehova. Izibonelo ezisekhasini 10 zikwenza kucace ukuthi kungani kungafanele sihileleke ezinkingeni zamacala eziboshwa kodwa kunalokho sizifundise iBhayibheli futhi sizame ukufinyelela izinhliziyo zazo.
A. I., Romania
Uhambo Ngineminyaka engu-13 ubudala, futhi ngakujabulela kakhulu ukufunda isihloko esithi “Ohambweni Oluya EGhana.” (May 8, 2001) Ngiyakuthanda ukufunda ngezilwane. Sizani ningayeki ukunyathelisa lab’ omagazini!
J. W., United States