Ukusekela Nozwela Okuvela Ezingxenyeni Eziningi
KWAFIKA izisebenzi zokuzithandela zivela kwezinye izingxenye ze-United States nakwamanye amazwe. Omunye walezo zisebenzi kwakunguTom (oboniswe ngenhla), oneminyaka engu-29 ubudala, umcishi womlilo wase-Ottawa, eCanada. Watshela i-Phaphama!: “Ngabona okwenzekile ku-TV futhi ngangifuna ukusekela abanye abacishi bomlilo baseNew York. Ngeza ngoLwesihlanu futhi ngaya endaweni yenhlekelele ngoMgqibelo ukuyosiza. Ngafakwa eqenjini elalibizwa ngokuthi i-bucket brigade, sisusa imfucumfucu ngamabhakede.
“Saphenya le mfucumfucu ngesineke, singathathi ngamawala, sifuna izinto ezazingase zisikhanyisele ukuthi babengobani abacishi bomlilo abashonile. Ngathola udlawu olwalusetshenziselwa ukuvula iminyango, kanye nensimbi yokuhlanganisa ipayipi lamanzi. Kwakuwumsebenzi onzima. Siyizisebenzi ezingaba ngu-50, kwasithatha amahora amabili ukugcwalisa iloli elilodwa lemfucumfucu.
“NgoMsombuluko, ngo-September 17, sathola izidumbu zabacishi bomlilo abathile ababephuthume esakhiweni ngoLwesibili olwalwandulele. Angisoze ngasikhohlwa leso sikhathi—zonke izisebenzi zokutakula zayeka umsebenzi, zethula izigqoko zazo zesivikelo, zema—zihlonipha ozakwabo ababeshonile.
“Njengoba ngangimile ngibheka indawo yenhlekelele, ngaqaphela indlela ukuphila okuyize ngayo namuhla. Kwangenza ngacabanga ngokuphila kwami, umsebenzi nomkhaya wami. Naphezu kwezingozi, umsebenzi wami uyavuza kakhulu—ukukwazi ukusiza abantu ngisho nokusindisa ukuphila.”
OFakazi Banikeza Usizo Olungokoqobo
Izinsuku zokuqala ezimbili ngemva kwenhlekelele, abantu abangaba ngu-70 babalekela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Abanye ababelahlekelwe yindawo yokulala emahhotela nezingubo zokugqoka banikezwa indawo yokulala nezinye izingubo. Baphiwa ukudla. Mhlawumbe okubaluleke nakakhulu, basekelwa ngokomzwelo ngabadala abangamaKristu abanolwazi.
OFakazi BakaJehova bathumela nempahla yosizo nezinto ezidingekayo ezisebenzini zokutakula ezazisebenza endaweni yenhlekele eyagcina ibizwa ngokuthi i-Ground Zero. Umnyango wezomlilo wanikezwa nezinto zokuhamba ukuze uthuthele abacishi bomlilo endaweni yenhlekelele. URicardo (phezulu kwesokudla), uFakazi oneminyaka engu-39 ubudala oyisisebenzi sokuhlanzwa kwendawo, wayekhona, kanye nabanye abangamakhulu, besusa amathani emfucumfucu usuku ngalunye. Watshela i-Phaphama!: “Esakubona kwakucindezela kakhulu, ikakhulukazi kubacishi bomlilo, ababefuna ozakwabo abalahlekile. Ngababona bekhipha omunye umcishi womlilo esaphila. Omunye umcishi womlilo wayebulewe yisidumbu esawa sivela phezulu. Abacishi bomlilo abaningi babekhala. Nami ngadinda isililo. Ngalolo suku akekho owayenesibindi njengabo.”
‘Isikhathi Nethuba’
Kwashona izinkulungwane zabantu kule nhlekelele. Phakathi kwabo kunoFakazi okungenani abangu-14, ababesendaweni yenhlekelele noma eduze kwayo. UJoyce Cummings, oneminyaka engu-65 ubudala odabuka eTrinidad, wayeya kudokotela wamazinyo eduze kweWorld Trade Center. Ngeshwa, inhlekelele yagadla cishe ngaleso sikhathi. Kubonakala sengathi wahilwa yintuthu futhi waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze. Abakwazanga ukumsindisa. Yena nabanye abantu abaningi babhekana nemiphumela ‘yesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) UJoyce wayaziwa njengomshumayeli oshiseka ngempela.
UCalvin Dawson (bheka ibhokisi) wayesebenzela inkampani yomshuwalense esitezi sama-84 sesakhiwo esiseningizimu. Wayesehhovisi lakhe futhi wayesibona kahle isakhiwo esisenyakatho ngemva nje kokuba sishayiswe yindiza. Umqashi wakhe, owayengekho emsebenzini, washaya ucingo ebuza ukuthi kwakwenzekeni. Wathi: “UCalvin wayezama ukungitshela ayekubona. Wathi, ‘Abantu baphuma ngamafasitela!’ Ngamtshela ukuba aphume akhiphe nabanye ehhovisi.” UCalvin akakwazanga ukuphuma. Umqashi waqhubeka: “UCalvin wayeyindoda ekahle futhi sasimthanda sonke, ngisho nalabo kithi ababengenandaba nezinto ezingokomoya. Sasiyithanda indlela ayezinikele ngayo kuNkulunkulu nobuntu bakhe.”
Omunye uFakazi owaba yisisulu kwakunguJames Amato (osezansi kwesokudla ekhasini elandulele), uyise wezingane ezine owayengukaputeni womnyango wezomlilo waseNew York. Labo abamaziyo bathi wayenesibindi kangangokuba “wayengena esakhiweni esivuthayo nakuba abantu babebaleka.” Nakuba ayengasekho, uJames wakhushulelwa esikhundleni sokuba umphathi weqembu.
Omunye uFakazi owayengumcishi womlilo, oseneminyaka engu-7 ekulo msebenzi, kwakunguGeorge DiPasquale. Wayeshade noMelissa futhi benendodakazi eneminyaka emibili, uGeorgia Rose. UGeorge wayengumdala ebandleni laseStaten Island loFakazi BakaJehova, futhi wayesesitezi seshumi sesakhiwo esiseningizimu lapho sibhidlika. Naye wadela ukuphila kwakhe ezama ukusindisa abanye.
Laba bangababili kuphela babantu abaphakathi kwamakhulu abacishi bomlilo, amaphoyisa nezisebenzi zosizo abalahlekelwa ukuphila kwabo lapho ngesibindi bezama ukutakula abantu. Ngempela laba batakuli babenesibindi esikhulu. Umphathi-dolobha waseNew York City, uRudolph Giuliani, kamuva watshela iqembu labacishi bomlilo ababekhushulwa ezikhundleni, ukuthi: “Ukuzimisela kwenu ukuqhubekela phambili ngaphandle kokwesaba ezimweni ezinzima kakhulu kuyasishukumisa sonke. . . . Futhi . . . asikho isibonelo esihle sesibindi kunesezisebenzi zoMnyango Wezomlilo weDolobha laseNew York.”
Inkonzo Yenduduzo
Phakathi nezinsuku zangemva kwenhlekelele, oFakazi BakaJehova abangaba ngu-900 000 e-United States benza umzamo wokuzimisela ezweni kabanzi wokududuza labo abashonelwe. Ukuthanda umakhelwane kwabashukumisela ukuba baduduze abalilayo. (Mathewu 22:39) Enkonzweni yabo, baye benza umzamo wokuqokomisa okuwukuphela kwethemba leqiniso lesintu esicindezelekile.—2 Petru 3:13.
OFakazi babebonisa uzwela ekukhulumeni kwabo nomphakathi. Inhloso yabo kwakuwukunikeza induduzo evela emiBhalweni futhi balingise isibonelo esiqabulayo sikaKristu, owathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Amaqembu abadala bamabandla oFakazi BakaJehova endawo yaseManhattan avunyelwa endaweni yenhlekelele ukuba akhulume nezisebenzi zokutakula ezazilapho futhi aziduduze. Ukusabela kwakukuhle. Lezi zikhonzi zathi: “La madoda ayehlengezela izinyembezi njengoba sasikhuluma nawo ngemibhalo.” Kunezisebenzi zokutakula ezazisaphumule esikebheni emtateni. “La madoda ayebonakala elusizi, egebise amakhanda, engenamandla okubhekana nalokho ayekubonile. Sahlala nawo phansi sahlanganyela imibhalo yeBhayibheli. Asibonga kakhulu ngokuza kwethu, ethi ayeyidinga ngempela induduzo.”
Abantu okwaxoxwa nabo ngemva kwale nhlekelele ngokuvamile babefuna okuthile abangakufunda, ngakho baphiwa izinkulungwane zezincwajana mahhala. Phakathi kwazo kwakukhona ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, Will There Ever Be a World Without War? nethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Futhi, kwaqokonyiswa kakhulu izihloko eziwuchungechunge komagazini ababili be-Phaphama!, abanezihloko ezithi: “Uhlobo Olusha Lobuphekula” (ka-May 22, 2001) nothi “Ukubhekana Nokucindezeleka Kwangemva Kwenhlekelele” (ka-August 22, 2001). Ezimweni eziningi oFakazi babechaza ithemba leBhayibheli lovuko. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Mhlawumbe kwafinyelelwa izigidi zabantu ngalesi sigijimi esiduduzayo.
Kufanele Kusenze Sicabangisise
Izinhlekelele ezinjengalena eyenzeka eNew York City kufanele zisenze sonke sicabangisise ngalokho esikwenzayo ngokuphila kwethu. Ingabe siphilela iminako yobugovu, noma ingabe sizama ukwandisa injabulo yabanye? Umprofethi uMika wabuza: “UJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” (Mika 6:8) Ukuthobeka kufanele kusishukumisele ukuba siphenye iZwi likaNkulunkulu ukuze sithole ithemba leqiniso ngabafileyo nokuthi yini uNkulunkulu azoyenza maduzane ukubuyisela izimo zePharadesi kulo mhlaba. Uma ufisa ukwazi okwengeziwe ngezithembizo zeBhayibheli, sikukhuthaza ukuba uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini.—Isaya 65:17, 21-25; IsAmbulo 21:1-4.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]
UMTHANDAZO KATATIANA
ULena, ongumfelokazi kaCalvin Dawson, watshela i-Phaphama! ngomthandazo owashiwo yindodakazi yakhe eneminyaka engu-7 ubudala ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuzwa ukuthi uyise wayengeke esabuya ekhaya. ULena wayesanda kuthandaza, futhi uTatiana wabuza, “Mama, ngingathandaza?” Unina wavuma. UTatiana wathandaza: “Jehova, Baba wethu wasezulwini, sifisa ukukubonga ngalokhu kudla nangalolu suku lokuphila. Futhi sifisa ukukucela ukuba umoya wakho ube kanye nomama nami ukuze siqine. Sifisa ukucela ukuba umoya wakho ube nobaba, ukuze aqine lapho ebuya. Futhi lapho ebuya, abe muhle, aqine, ajabule futhi abe umqemane, futhi siphinde simbone. Egameni likaJesu . . . O, ungakhohlwa ukuqinisa umama. Amen.”
ULena, ezibuza ukuthi uTatiana wayekuqonda yini okwenzekile, wathi: “Tiana, uthandaze kahle. Kodwa, Nunuza, ubuwazi ukuthi ubaba akasabuyi?” Ngaso leso sikhathi, uTatiana wabonakala eshaqekile. Wathi: “Ngeke esabuya?” Unina wathi: “Cha. Bengicabanga ukuthi ngikutshelile. Bengicabanga ukuthi uyaqonda ukuthi ubaba ngeke esabuya.” UTatiana wathi: “Kodwa ubulokhu ungitshela ukuthi ubaba uzobuya ezweni elisha!” Ekugcineni, lapho eqonda ukuthi indodakazi yakhe yayisho ukuthini, uLena wathi: “Ngiyaxolisa Tatiana. Bengingezwanga kahle. Bengicabanga ukuthi usho ukuthi ubaba uzobuya kusasa.” ULena waphawula: “Ngajabula ukwazi ukuthi izwe elisha lingokoqobo ngaleyo ndlela kuye.”