Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 1/8 k. 3-k. 9 isig. 11
  • Mhla Kubhidlika I-Twin Towers

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Mhla Kubhidlika I-Twin Towers
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abasinda Balandisa Okwenzeka
  • “Ayikho Indawo Yokuhlala Phansi!”
  • “Uma Kufanele Ngibhukude, Ngizobhukuda”
  • “Ingabe Ngiyalibuka Ngiyaligcina Namuhla?”
  • “Ngabona Abantu Bephuma Ngamafasitela”
  • Ukusekela Nozwela Okuvela Ezingxenyeni Eziningi
    I-Phaphama!—2002
  • Ukwenza Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Umsebenzi Wasikhathi Sonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • ITower Bridge​—Isango LaseLondon
    I-Phaphama!—2006
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 1/8 k. 3-k. 9 isig. 11

Mhla Kubhidlika I-Twin Towers

IZENZAKALO zango-September 11, 2001, eNew York City, eWashington, D.C. nasePennsylvania ziyohlala unomphela ezingqondweni zezigidi, noma zezinkulungwane zezigidi zabantu emhlabeni. Wawukuphi wena uma ubona noma uzwa imibiko yokuhlaselwa kwe-World Trade Center eNew York nePentagon eWashington?

Ukucekelwa phansi kwempahla eningi ngokushesha okungaka, futhi okubaluleke nakakhulu, ukufa kwabantu abaningi kangaka, kuye kwanikeza isintu isizathu sokuzindla.

Yini esiyifundile ngezinto okufanele zize kuqala nalokho esikukhethayo ekuphileni? Lezo zenzakalo eziyinhlekelele zazigqamisa kanjani izimfanelo ezinhle zabantu—ukuzidela, uzwela, ukukhuthazela nokungabi nabugovu? Lesi sihloko kanye nesilandelayo zizozama ukuphendula lo mbuzo wokugcina.

Abasinda Balandisa Okwenzeka

Ngemva nje kwenhlekelele eNew York, umzila wezitimela ohamba ngaphansi komhlaba wavalwa, futhi abantu abaningi baphuma ngaseningizimu yeManhattan ngezinyawo—abaningi bawela ibhuloho laseBrooklyn nelaseManhattan. Babezibona kahle izakhiwo zamahhovisi nefektri zendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Abanye ababebaleka kule nhlekelele ngokushesha balibangisa kulezo zakhiwo.

U-Alisha (ongakwesokudla), oyindodakazi kaFakazi, wayephakathi kwabokuqala abafika khona. Wayegcwele uthuli nomlotha.a Wachaza: “Lapho ngisesitimeleni ngiya emsebenzini, ngibone intuthu iphuma eWorld Trade Centre. Lapho ngifika endaweni yenhlekelele, bekugcwele izingilazi yonke indawo, futhi bekushisa. Abantu bebesabalele yonke indawo bebaleka, kuyilapho amaphoyisa ebezama ukukhipha abantu endaweni. Bekusengathi kusenkundleni yempi.

“Ngibalekele esakhiweni esiseduze. Khona-ke, ngizwe ukuqhuma lapho indiza yesibili ishayisa isakhiwo esiseningizimu. Isimo besethusa, kunentuthu emnyama yonke indawo. Sitshelwe ukuba sisuke endaweni eyingozi. Ngagitsheliswa esikebheni ebesizowela uMfula i-East siye eBrooklyn. Lapho ngifika ngaphesheya, ngiqalaza ngibone uphawu olukhulu oluthi ‘WATCHTOWER.’ Indlunkulu yenkolo kamama! Ngokushesha ngilibangise kuleso sakhiwo. Ngazile ukuthi ngizonakekelwa kahle uma ngingafika khona. Ngikwazile ukugeza ngase ngishayela abazali bami ucingo.”

UWendell (ongakwesokudla) wayengumlindi-mnyango eMarriott Hotel ephakathi kwalezi zakhiwo ezimbili ezinde. Wachaza: “Ngangisebenza endaweni yokwamukela izivakashi lapho ngizwa ukuqhuma kokuqala. Ngabona kudilika imfucumfucu yonke indawo. Ngabuka ngaphesheya komgwaqo, kwakunendoda eyayivutha amalangabi ilele phansi. Ngakhumula ibhantshi nehembe lami ngagijima ngiyozama ukucisha amalangabi. Omunye umuntu owayedlula wangisiza. Zasha zonke izingubo zale ndoda ngaphandle kwamasokisi nezicathulo. Abacishi bomlilo bafika bayiyisa endaweni yosizo lwezokwelapha.

“Ngokushesha ngemva kwalokho, uBryant Gumbel wezindaba ze-CBS TV washaya ucingo efuna ngilandise okwakwenzeka njengofakazi wokuzibonela. Umkhaya wakithi oseVirgin Islands wangibona ku-TV, ngakho wabona ukuthi ngiyaphila.”

UDonald, isidlakela esingamamitha angu-1,95 ubude esisebenza eWorld Financial Center, wayesesitezi sama-31 sesakhiwo asebenza kuso, eyibukela ngaphesheya nje komgwaqo i-Twin Towers neMarriott Hotel. Wathi: “Ngamangala futhi ngashaqeka ngenxa yalokho engakubona. Abantu babewa futhi begxuma bephuma ngamafasitela esakhiweni esisenyakatho. Ngasangana ikhanda ngaphuma ngigijima esakhiweni sethu.”

Esinye isimo sasithinta umama owevile eminyakeni engu-60 namadodakazi akhe amabili evile eminyakeni engu-40 ubudala. URuth nodadewabo uJoni babenonina, uJanice, ehhotela eliseduze kwe-Twin Towers. URuth, ongumhlengikazi, uyalandisa: “Ngangigeza eshaweni. Ngokungazelelwe umama nodadewethu bamemeza bethi mangiphume emanzini. Sasisesitezi se-16, futhi babebona ngefasitela kudilika imfucumfucu. Eqinisweni, umama wabona isidumbu sendoda ethile sintshingeka ophahleni oluseduze njengokungathi yayijikijelwe isuka ndawo ndawo.

“Ngagqoka ngokushesha sase siqala ukwehla ngezitebhisi. Kwakunabantu abaningi abamemezayo. Saphumela emgwaqweni. Sezwa ukuqhuma sabona namalangabi omlilo. Sayalwa ukuba siye eningizimu eBattery Park, lapho kukhona isikebhe esiya eStaten Island. Endleleni, sadukelana nomama, onesifuba somoya. Wayengasinda kanjani kuyo yonke le ntuthu, umlotha nothuli? Sachitha isigamu sehora simfuna kodwa sangamthola. Kodwa-ke, ekuqaleni sasingethukile kakhulu ngoba usenawo amandla futhi uyakwazi ukuzinakekela.

“Ekugcineni, sayalwa ukuba siwele iBhuloho laseBrooklyn siye ngaphesheya. Cabanga indlela esajabula ngayo lapho sifika ngaphesheya kwebhuloho eBrooklyn futhi sibona uphawu olukhulu oluthi ‘WATCHTOWER’! Sasazi ukuthi siphephile.

“Samukelwa sanikezwa nendawo yokuhlala. Sanikezwa nezingubo zokugqoka, ngoba sasingenalutho olunye. Kodwa wayeshonephi umama? Sachitha ubusuku bonke sizama ukumfuna ezibhedlela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Cishe seligamenxe eleshumi nanye ngakusasa ekuseni, sathola umyalezo. Umama wayesendaweni yezivakashi kuso lesi sakhiwo! Kwakwenzekeni?”

Unina, uJanice, uyaqhubeka nendaba: “Lapho siphuma sibaleka ehhotela, ngangikhathazeke ngomngane wami osekhulile, owayengakwazi ukubaleka nathi. Ngangifuna ukubuyela emuva ngiyomlanda. Kodwa kwakuyingozi kakhulu. Kuwo lowo mnyama, ngahlukana namadodakazi ami. Kodwa-ke, ngangingenaluvalo kakhulu, ngoba ahluzekile engqondweni futhi uRuth ungumhlengikazi oqeqeshiwe.

“Uma ngibheka yonke indawo, abantu babedinga usizo—ikakhulukazi izingane nezinsana. Ngasiza abaningi ngangokunokwenzeka. Ngaya endaweni yokusiza abalimele, lapho babehlukaniswa khona futhi belashwa ngokwamanxeba abanawo. Ngasiza ngokugeza izandla nobuso bamaphoyisa nabacishi bomlilo, ababegcwele insizi nothuli. Ngahlala kwaze kwashaya ihora lesithathu entathakusa. Ngabe sengigibela isikebhe sokugcina esiya eStaten Island. Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe amadodakazi ami ayebalekele khona. Kodwa angiwatholanga.

“Ekuseni ngazama ukugibela isikebhe sokuqala esibuyela eManhattan, kodwa angikwazanga ukugibela ngoba ngangingesona isisebenzi sosizo. Ngabona elinye lamaphoyisa engangiwasizile. Ngamemeza, ngithi: ‘John! Kufanele ngibuyele eManhattan.’ Laphendula: ‘Ngilandele.’

“Lapho ngifika eManhattan, ngalibangisa eMarriott Hotel. Mhlawumbe lalisekhona ithuba lokusiza umngane wami osekhulile. Phinde! Ihhotela lalibhidlike lonke. Kwakungenamuntu enkabeni yedolobha—kwakuthule njengasemangcwabeni. Kwakukhona kuphela amaphoyisa nabacishi bomlilo ababeshaqekile, bebonakala belusizi.

“Ngadlulela eBhulohweni laseBrooklyn. Lapho sengisondela ngaphesheya, ngabona uphawu engilujwayele oluthi ‘WATCHTOWER.’ Mhlawumbe ngangizowathola khona amadodakazi ami. Nangempela, eza endaweni yezivakashi ezongibingelela. Yeka indlela esangana ngayo sikhala izinyembezi!

“Kuyamangalisa ukuthi angizange ngihlaselwe isifuba somoya nakanye, nakuba kwakunentuthu, uthuli nomlotha. Ngangiloku ngithandaza, ngoba ngangifuna ukuba usizo, hhayi umthwalo.”

“Ayikho Indawo Yokuhlala Phansi!”

URachel, owesifazane osanda kweva eminyakeni engu-20 ubudala, watshela umlobeli we-Phaphama!: “Ngangiya ehhovisi lethu eningizimu yeManhattan lapho ngizwa umsindo wendiza phezulu. Wawumkhulu kangangokuba ngaphenduka ngifuna ukubheka. Isimanga—kwakuyindiza enkulu okwakusobala ukuthi iyehla. Ngazibuza ukuthi kungani indizela phansi kangaka ngejubane elingaka. Ayikho indawo yokuhlala phansi! Mhlawumbe umshayeli akasakwazi ukuyilawula. Khona manjalo, ngezwa owesifazane othile ememeza, ‘Leya ndiza ishayise isakhiwo!’ Kwaqubuka ilangabi elikhulu esakhiweni esiseningizimu. Ngabona imbobo enkulu emnyama esakhiweni.

“Ayikho into embi njengale engake ngayibona ekuphileni kwami. Kwakusengathi ngiyaphupha. Ngama khimilili ngikhexile. Ngemva kwethutshana, enye indiza yashaya isakhiwo sesibili, futhi ekugcineni zombili lezi zakhiwo zabhidlika. Ngaphithana ikhanda. Kwakungakholeki!”

“Uma Kufanele Ngibhukude, Ngizobhukuda”

UDenise, oneminyaka engu-16 ubudala, wayesanda kufika esikoleni sabo esakhelene ne-American Stock Exchange, esemgwaqweni wesithathu eningizimu yeWorld Trade Center. “Kwakusanda kushaya u-9:00 ekuseni. Ngangazi ukuthi kukhona okwenzekile, kodwa ngangingazi ukuthi yini. Ngangisesitezi se-11 esikoleni, ngisesifundweni sezomlando. Bonke abafundi babebonakala bethukile. Uthisha wayesafuna ukuba sibhale ukuhlolwa. Thina sasifuna ukuphuma siye emakhaya.

“Khona-ke, isakhiwo sazamazama njengoba indiza yesibili ishaya isakhiwo esiseningizimu. Kodwa sasingakazi ukuthi kwenzekeni. Ngokungazelelwe ngezwa ku-ova kathisha kuthiwa: ‘Izindiza ezimbili zishayise i-Twin Towers!’ Ngacabanga, ‘Akunangqondo ukuhlala phansi. Ubuphekula lobu, futhi kuzolandela iStock Exchange.’ Ngakho saphuma.

“Sabalekela eBattery Park. Ngaphenduka ngibheka okwakwenzekile. Ngangibona ukuthi isakhiwo esiseningizimu sizowa. Khona-ke ngacabanga ukuthi kwakuzothinteka nezinye izakhiwo, kuwe zonke izakhiwo ezinde. Kwakunzima ukuphefumula, ngoba kwakugcwele umlotha nothuli emakhaleni nasemphinjeni. Ngalibangisa eMfuleni i-East, ngizitshela ukuthi, ‘Uma kufanele ngibhukude, ngizobhukuda.’ Njengoba ngibaleka, ngangithandazela ukuba uJehova angisindise.

“Ekugcineni, ngagitsheliswa esikebheni esiya eNew Jersey. Umama kwamthatha isikhathi esingaphezu kwamahora amahlanu ukuba angithole, kodwa okungenani ngangiphephile!”

“Ingabe Ngiyalibuka Ngiyaligcina Namuhla?”

UJoshua, oneminyaka engu-28 ubudala, wasePrinceton, eNew Jersey, wayefundisa ikilasi esitezi sama-40 esakhiweni esisenyakatho. Uyakhumbula: “Ngokungazelelwe, kwezwakala sengathi kuqhume ibhomu. Isakhiwo sazamazama, ngase ngicabanga, ‘Cha, ukuzamazama komhlaba.’ Ngabheka ngaphandle, futhi kwakwethusa—kwakudilika imfucumfucu nentuthu nxazonke zesakhiwo. Ngatshela abafundi, ‘Bakwethu, shiyani konke. Masiphume!’

“Sehla ngezitebhisi, ezazilokhu zigcwala intuthu, sekuvuza namapayipi amanzi. Kodwa wayengekho otatazelayo. Ngangilokhu ngithandazela ukuba sithathe izitebhisi ezifanele ukuze singazitheli phezu komlilo.

“Njengoba ngangehla ngezitebhisi, ngacabanga, ‘Ingabe ngiyalibuka ngiyaligcina namuhla?’ Ngangilokhu ngithandaza kuJehova, futhi ngafikelwa umuzwa ongavamile wokuthula. Angikaze ngibe nokuthula okunjalo kwangaphakathi. Angisoze ngasikhohlwa leso sikhathi.

“Ekugcineni lapho siphuma esakhiweni, amaphoyisa ayeqondisa abantu. Ngabheka izakhiwo ngabona ukuthi zombili zazivulekile. Kwakunzima ukukukholelwa.

“Khona-ke ngezwa umsindo ongavamile—kwathula ngendlela eyinqaba njengokungathi izinkulungwane zabantu zazibambe umoya. Wawungafunga uthi akukho lutho olunyakazayo eNew York. Lokhu kwalandelwa ukumemeza kwabantu. Isakhiwo esiseningizimu sasibhidlika! Kwakusondela ifu elikhulu lentuthu, umlotha nothuli. Kwakunjengezinto ezenziwe ngemishini yebhayisikobho. Kodwa lokhu kwakwenzeka ngokoqobo. Njengoba ekugcineni leli gagasi lifika kithi, kwakunzima ukuphefumula.

“Ngalibangisa eBhulohweni laseManhattan, lapho ngaphenduka khona ngabona isakhiwo esisenyakatho esinothi olude lwe-TV sibhidlika. Njengoba ngiwela ibhuloho, ngangilokhu ngithandazela ukuba ngifike eBethel, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Angikaze ngijabule ngale ndlela ekuphileni kwami ngokubona le ndawo. Odongeni lwefektri kwakunophawu olukhulu olubonwa yizinkulungwane nsuku zonke oluthi ‘Funda IZwi LikaNkulunkulu IBhayibheli Elingcwele Nsuku Zonke’! Ngacabanga, ‘Sengizofika. Mangiqhubeke.’

“Lapho ngicabanga ngalezo zenzakalo, ziye zagcizelela kimi ukuthi kufanele ngempela ngizihlele kahle izinto eziza kuqala—ukuthi izinto zokuqala ekuphileni kufanele zize kuqala.”

“Ngabona Abantu Bephuma Ngamafasitela”

UJessica, oneminyaka engu-22 ubudala, wabona okwenzekayo lapho ephuma esiteshini somzila ongaphansi komhlaba. “Ngaphakamisa amehlo ngabona kudilika umlotha, imfucumfucu nezingcezu zezinsimbi. Abantu babefuna ukusebenzisa izingcingo futhi kwakusengathi bayasangana ngenxa yokubambezeleka. Ngathandazela ukuzola. Kwase kuzwakala ukuqhuma futhi. Kwakudilika izinsimbi nezingilazi zivela phezulu. Ngezwa abantu bememeza bethi, ‘Kushayise enye indiza futhi!’

“Ngaphakamisa amehlo, futhi kwakwethusa engakubona—abantu babephuma ngamafasitela phezulu lapho kwakugqamuka khona amalangabi nentuthu. Ngisakubona ngeso lengqondo namanje—indoda nowesifazane. Babebambelele efasiteleni isikhashana. Kodwa-ke kwadingeka ukuba balidedele, futhi bawa ibanga elide. Ngavala amehlo.

“Ekugcineni, ngafika eBhulohweni laseBrooklyn, ngakhumula izicathulo zami ezazingimpintsha ngagijimela ngaphesheya komfula eBrooklyn. Ngaya esakhiweni samahhovisi e-Watchtower, lapho ngasizwa khona ngokushesha ukuba kwehle uvalo.

“Kusihlwa ngalolo suku uma ngifika ekhaya, ngafunda uchungechunge lwe-Phaphama! ka-August 22, 2001 oluthi ‘Ukubhekana Nokucindezeleka Kwangemva Kwenhlekelele.’ Ngangikudinga ngempela lokho kwaziswa!”

Ubukhulu bale nhlekelele bashukumisela abantu ukuba basize nganoma yiziphi izindlela ababengasiza ngazo. Isihloko esilandelayo sizochaza leso sici sale ndaba.

[Umbhalo waphansi]

a I-Phaphama! ixoxé nabantu abaningi abasinda abebengase bacashunwe kulezi zihloko ezibukeza indaba ngamafuphi. Ukubambisana kwabo nathi kusizé ekugcwaliseni nasekuhlanganiseni lokhu kulandisa.

[Umdwebo/Izithombe ekhasini 8, 9]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

EZABHIDLIKA

1 NORTH TOWER 1 World Trade Center

2 SOUTH TOWER 2 World Trade Center

3 MARRIOTT HOTEL 3 World Trade Center

7 7 WORLD TRADE CENTER

EZALIMALA KAKHULU

4 4 WORLD TRADE CENTER

5 5 WORLD TRADE CENTER

L ONE LIBERTY PLAZA

D DEUTSCHE BANK 130 Liberty St.

6 U.S. CUSTOMS HOUSE 6 World Trade Center

N S AMABHULOHO ABAHAMBA NGEZINYAWO ENYAKATHO NASENINGIZIMU

EZALIMALA NGOKWENGXENYE

2F 2 WORLD FINANCIAL CENTER

3F 3 WORLD FINANCIAL CENTER

W WINTER GARDEN

[Umthombo]

As of October 4, 2001 3D Map of Lower Manhattan by Urban Data Solutions, Inc.

[Izithombe]

Phezulu: Isakhiwo esiseningizimu sabhidlika kuqala

Ngenhla: Abanye babalekela ezakhiweni ze-Watchtower

Kwesokudla: Amakhulu abacishi bomlilo nabatakuli asebenza ngokuzikhandla endaweni yenhlekelele

[Imithombo]

AP Photo/Jerry Torrens

Andrea Booher/FEMA News Photo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

AP Photo/Marty Lederhandler

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

AP Photo/Suzanne Plunkett

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela