Ukuthula—Ayini Amathuba Akho?
NAPHEZU kwezihloko eziyinhloko zamaphephandaba, iqiniso liwukuthi, njengoba abaningi bethu bekuqaphela, isintu sisaqhele kakhulu ekuthuleni kwangempela. Ukuhoxa kwamabutho akwamanye amazwe eAfghanistan akukulethanga ukuthula kulelozwe. Futhi kusenokulwa kohlobo oluthile ePhilippines, eSudan, eIsrael, eNyakatho Ireland, eLebanon, naseSri Lanka, uma sibala nje ambalwa.
Njengoba abantu abaningi abanengqondo bekhetha ukuthula kunempi, kungani ukuthula kungatholakali kangaka? Izazi zezombangazwe ziye zazama ngezindlela eziningi emakhulwini amaningi eminyaka ukuba zilethe ukuthula, kodwa imizamo yazo iye yahluleka ngaso sonke isikhathi. Kungani? Ake sibheke izibonelo ezimbalwa futhi sibone.
Ukuletha Ukuthula Ngenkolo Nangomthetho
Abanye babebheka uMbuso waseRoma njengomzamo ophumelelayo ekwenzeni ukuthula. Ngaphansi kwawo, inhlanganisela yomthetho omisiwe, ukuphatha ngokuvumelana nezimo, amabutho asabekayo, nemigwaqo eklanywe kahle emakhulwini eminyaka kwakugcina ukuhleleka kwezizwe zonke okwaziwa ngokuthi iPax Romana (Ukuthula kwaseRoma) ezindaweni ezinkulu zaseNtshonalanga Asia, eAfrika, naseYurophu. Nokho, ekugcineni uMbuso waseRoma wavumela ukonakala kwangaphakathi nokuhlasela okuvela ngaphandle, futhi Ukuthula KwaseRoma kwaphela.
Lokhu kubonisa iqiniso elidabukisayo ngemizamo yabantu. Ngemva kwesiqalo esiqale ngokuthembisa, ngokuvamile iyawohloka. UNkulunkulu ngokwakhe wathi: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe,” futhi ngokuvamile lokhu kuthambekela okubi kuyanqoba ngemva kwesikhathi. (Genesise 8:21) Ngaphezu kwalokho, umprofethi uJeremiya wathi: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?” (Jeremiya 17:9) Abantu awunakubaqonda. Izinhloso ezinhle zomuntu oyedwa zingase ziketulwe inzondo noma izifiso zobugovu zabanye. Noma umbusi onezimiso eziphakeme angase yena ngokwakhe onakale. Ngenxa yalokhu, abantu bangakuletha kanjani ukuthula?
Ekhulwini lesithathu leminyaka B.C.E., kwabikwa umzamo ophawulekayo wokwenza ukuthula ezwekazini elincane laseNdiya. Lapho, umbusi onamandla obizwa ngokuthi uAśoka wakha umbuso omkhulu ngempi nangokuchitha igazi. Khona-ke, ngokwalowombiko, waguqulelwa ezimisweni zobuBuddha. Elahla impi, wamisa embusweni wakhe izakhiwo eziyizikhumbuzo eziqoshwe izisho ukuze asize labo ayebabusa ukuba baphile ukuphila okungcono. Futhi ngokusobala umbuso wakhe wawunokuthula futhi uchuma.
Ingabe indlela ka-Aśoka iyindlela eyisa ekuthuleni? Ngokudabukisayo, akunjalo. Lapho lombusi efa, ukuthula kwakhe kwafa naye, futhi umbuso wakhe wawohloka. Lokhu kubonisa ukuthi ngisho nemizamo yababusi abanezinhloso ezinhle nabanekhono ekugcineni iyabhuntsha ngoba uyafa. Umlobi womShumayeli wakhuluma ngalenkinga lapho ebhala: “Ngazonda wonke umshikashika wami . . . ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami. Ngubani owaziyo, uma eyakuba-ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.”—UmShumayeli 2:18, 19.
Yebo, ukufa komuntu kuyisithiyo angenakusinqoba ekuletheni kwakhe ukuthula okuhlala njalo. Ngokuqinisekile iseluleko somhubi sihlakaniphile ngokuphathele nalokhu: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.”—IHubo 146:3, 4.
Eminye Imizamo Yokuletha Ukuthula
Eminye imizamo yabantu ngokufanayo ibonisa isizathu sokuba umuntu ahluleke emzamweni wakhe wokuletha ukuthula. Ngokwesibonelo, ekhulwini leshumi leminyaka, kwaqaliswa inhlangano ebizwa ngokuthi Ukuthula KukaNkulunkulu eYurophu. Njengoba yayiklanyelwe ukuvikela impahla yesonto, yaba uhlobo oluthile lwesivumelwano sokungasebenzisi ubudlova okwathi maphakathi nekhulu leminyaka le-12 yase isakazekele emazweni amaningi aseYurophu.
Omunye umqondo ubizwa ngokuthi “ukulinganiselwa kwamandla.” Lilandela lesimiso, iqoqo lezizwe—njengeYurophu—lilahla impi ngokulondoloza ukwabelana kwezizwe amandla alingene. Uma isizwe esinamandla sisongela esibuthakathaka, esinye isizwe esinamandla sizenza umngane wesibuthakathaka okwesikhashana ukuze sidumaze esifuna ukususa impi. Lesimiso saqondisa ubuhlobo bezizwe zaseYurophu kusukela ekupheleni kweziMpi zikaNapoleon kwaze kwaba sekugqashukeni kwempi yezwe yokuqala ngo-1914.
Ngemva kwaleyompi, kwamiswa iNhlangano Yezizwe njengendikimba izizwe ezazingaxoxa kuyo ngezingxabano zazo kunokuba zilwe ngenxa yazo. LeNhlangano yayeka ukusebenza lapho kugqashuka impi yezwe yesibili, kodwa ngemva kwaleyompi, umoya wayo wavuselelwa eZizweni Ezihlangene, ezisekhona namanje.
Nokho, yonke lemizamo yehluleka ukuletha ukuthula kwangempela noma okuhlala njalo. Nakuba eYurophu kwakunomzabalazo Wokuthula KukaNkulunkulu, abaseYurophu balwa namaSulumane Ezimpini Zenkolo zokomela igazi. Futhi nakuba izazi zezombangazwe zazizama ukulondoloza ukuthula eYurophu ngokulinganiselwa kwamandla, zazihlasela futhi zakha imibuso emazweni angaphandle kweYurophu. INhlangano Yezizwe ayikwazanga ukuvimbela impi yezwe yesibili, futhi iZizwe Ezihlangene azizange zikuvimbele ukuqothulwa kwabantu kobudlova eKampuchea noma izimpi ezindaweni ezinjengeKorea, iNigeria, iVietnam, neZaire.
Yebo, kuze kube manje imizamo engcono kakhulu yokwenza ukuthula yezazi zezombangazwe ihlulekile. Ababusi abazi ngempela ukuthi bangakwenza kanjani ukuthula okuhlala njalo, njengoba bethiywa ukufa nokwehluleka kobuntu kwabo siqu nokwabanye. Nokho, ngisho nanoma bekungenjalo, izazi zezombangazwe bezingeke zikulethe ukuthula. Ngani? Ngenxa yesinye isithiyo esesabeka ngempela.
Amandla Acashile Avimbela Ukuthula
IBhayibheli likhuluma ngalesithiyo lapho lithi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, NW) Omubi nguSathane uDeveli, isidalwa somoya esingaphezu komuntu esinamandla kakhulu ukwedlula thina. Kusukela ekuqaleni, uSathane ubelokhu ehileleke ekuhlubukeni, ekuqambeni amanga, nasekubulaleni. (Genesise 3:1-6; Johane 8:44) Ithonya lakhe elinamandla, nakuba licashile, ezindabeni zezwe lifakazelwa abanye abakhulumeli abaphefumlelwe. UPawulu wambiza ngokuthi “unkulunkulu walelizwe,” ‘umbusi wamandla omkhathi.’ (2 Korinte 4:4; Efesu 2:2) UJesu wambiza ngokuthi “umbusi walelizwe” izikhathi ezingaphezu kwesisodwa.—Johane 12:31; 14:30; 16:11.
Njengoba izwe lisemandleni kaSathane, akunakwenzeka neze ukuba izazi zezombangazwe ezingabantu zilethe ukuthula okuhlala njalo. Ingabe lokho kusho ukuthi ukuthula akusoze kwafika? Ingabe ukhona ongaholela isintu ekuthuleni?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Kungakhathaliseki ukuthi umbusi angahlakanipha futhi abe nezimiso eziphakeme kangakanani, ekugcineni uyafa futhi ngokuvamile ulandelwa abanye abangenakhono nabangenazimiso
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Isithiyo esisodwa sokuthula esikhulu kunazo zonke nguSathane uDeveli
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
U.S. National Archives photo