Ingabe Yinye Kuphela Inkolo Yeqiniso?
“NJENGOBA nje emunye uKristu, kukhona umzimba owodwa kaKristu, uMlobokazi KaKristu oyedwa: ‘iSonto LamaKatolika elilodwa futhi elingelobuphostoli.’”—Dominus Iesus.
Wayichaza kanjalo ukhadinali ongumRoma Katolika uJoseph Ratzinger imfundiso yesonto lakhe yokuthi ingaba yinye kuphela inkolo yeqiniso. Wathi leyo nkolo “yiNkolo KaKristu eyodwa, eyiSonto LamaKatolika.”
“Awawona Amasonto Ngempela”
Nakuba uPapa John Paul II aphikelela ngokuthi i-Dominus Iesus “ayiqukethe mazwi okuqhoshela ezinye izinkolo noma okuzedelela,” yabacasula kakhulu abaholi bamasonto obuProthestani. Ngokwesibonelo, kuyi-Presbyterian General Assembly eBelfast, eNorthern Ireland, ngo-June 2001, omunye umfundisi wathi i-Dominus Iesus yayibhalwe “iqembu eliphikisayo elinamandla eSontweni LamaRoma Katolika . . . elesaba isimo sokuba nengqondo evulekile esafika ne-Vatican II.”
URobin Eames, uMbhishobhi Omkhulu wase-Church of Ireland, wathi ‘angadumala kabi’ uma kungaba ukuthi i-Dominus Iesus “iwukuphindela ekucabangeni kwangaphambi kwe-Vatican II.” Ekhuluma ngokusho kweVatican ukuthi lawo masonto angazamukeli izimfundiso ezithile zamaKatolika “awawona amaSonto ngempela,” u-Eames wathi: “Mina ngingakubona kuyinhlamba lokho.”
Yini eyabangela ukubhalwa kwe-Dominus Iesus? Kubonakala sengathi iNdikimba YaseRoma Katolika yayiphazanyiswe umbono wokuthi inkolo iya ngomuntu ngamunye. Ngokwe-Irish Times, “ukuvela kwemfundiso yenkolo yokuthi zonke zisengela thungeni linye—ngokuyisisekelo ukuthi zonke izinkolo ziyefana . . . kwakuqhubeka kumkhathaza uKhadinali Ratzinger.” Kubonakala sengathi lo mbono yiwo owabangela amazwi akhe ngenkolo eyodwa yeqiniso.
Ingabe Kunendaba Ukuthi Usontaphi?
Yiqiniso, kwabanye ukuthi “inkolo iya ngomuntu ngamunye” noma “zonke zisengela thungeni linye” kubonakala kunengqondo futhi kukhanga kunanoma imuphi umbono wokuthi ingaba yinye kuphela inkolo yeqiniso. Kubona, inkolo kufanele kube indaba yomuntu siqu. Bathi, ‘Ekugcineni akunandaba ukuthi usontaphi.’
Lokho kungase kubonakale kungumbono okahle—nakuba omunye umphumela wawo ubé ukuhlukana enkolweni kwaba namahlelo amaninginingi angafani. Abaningi bathi, ‘Ukuhlukahluka okunjalo enkolweni kumane nje kuyizindlela ezinhle zokuveza kwabantu inkululeko yabo.’ Nokho, ngokomlobi uSteve Bruce lokho ‘kubekezelela ezinye izinkolo’ eqinisweni kuyefana ‘nokungabi nandaba nenkolo.’—A House Divided: Protestantism, Schism, and Secularization.
Pho, imuphi umbono okuyiwona wona? Ingabe yinye kuphela inkolo yeqiniso? Ingabe iyiSonto LamaRoma Katolika? Ingabe namanye amasonto ayamukeleka kuNkulunkulu? Njengoba le mibuzo ithinta ubuhlobo bethu noMdali wethu, kumelwe ukuthi kubalulekile ukuthola umbono wakhe ngale ndaba. Singakwenza kanjani lokho? Ngokubheka eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. (IzEnzo 17:11; 2 Thimothewu 3:16, 17) Ake sihlole lokho elikushoyo ngale ndaba yenkolo eyodwa yeqiniso.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Mark Gibson/Index Stock Photography