Iminikelo Inhliziyo KaNkulunkulu
LE NDABA iyadabukisa. INdlovukazi u-Athaliya yayiqhwage isihlalo sobukhosi sakwaJuda ngokukhohlisa nangokubulala. Njengoba yayicabanga ukuthi zazibulewe zonke izindlalifa, yazibeka esihlalweni sobukhosi njengendlovukazi. Omunye wesifazane, uJehosheba, indodakazi yenkosi, owayemthanda kakhulu uJehova noMthetho wakhe, ngesibindi wafihla indlalifa yasebukhosini, umntwana uJehowashi. UJehosheba nomyeni wakhe, uMpristi Omkhulu, uJehoyada, bafihla le ndlalifa iminyaka eyisithupha ethempelini.—2 AmaKhosi 11:1-3.
Kwathi lapho uJehowashi eba neminyaka engu-7, uMpristi Omkhulu uJehoyada wayesekulungele ukuqhubeka nesu lakhe lokususa indlovukazi egabadelayo esihlalweni sobukhosi eyasithola kungafanele. Wakhipha umfana lapho ayefihlwe khona wamgcoba njengendlalifa yobukhosi efanele. Izinduna zasebukhosini zayihudulela ngaphandle kwethempeli indlovukazi embi u-Athaliya, zayibulala, abantu bathola impumuzo nenjabulo. Ngezenzo zabo, uJehoyada noJehosheba baba neqhaza elikhulu ekubuyiselweni kokukhulekela kweqiniso ezweni lakwaJuda. Kodwa okubaluleke nakakhulu, basiza ukuba uzalo lobukhosi lukaDavide luqhubeke, olwaluyoholela ekuzalweni kukaMesiya.—2 AmaKhosi 11:4-21.
Inkosi eyayisanda kubekwa nayo kwakuzodingeka ibe negalelo ekuthokoziseni inhliziyo kaNkulunkulu. Indlu kaJehova yayidinga ukulungiswa. Isifiso sika-Athaliya esingalawuleki sokufuna ukumbusa yedwa uJuda asigcinanga nje ngokwenza ukuba ithempeli linganakwa kodwa futhi sasilenze laphangwa. Ngakho uJehowashi wazimisela ukwakha kabusha nokulungisa ithempeli. Akapholisanga maseko, wakhipha umyalo wokuba kuqoqwe imali edingekayo ukuze kulungiswe indlu kaJehova. Wathi: “Yonke imali yeminikelo engcwele elethwa endlini kaJehova, imali umuntu ngamunye alinganiswa ngayo, imali yemiphefumulo ngokwenani lomuntu ngamunye, yonke imali okufika enhliziyweni yomuntu ngamunye ukuba ayilethe endlini kaJehova, abapristi mabazithathele yona, yilowo nalowo kwajwayelene naye; futhi mabalungise izimfa zendlu nomaphi lapho izimfa zitholakala khona.”—2 AmaKhosi 12:4, 5.
Abantu banikela ngokuzithandela. Nokho, abapristi babengawenzi ngenhliziyo yonke umsebenzi wabo wokulungisa ithempeli. Ngakho, inkosi yanquma ukuyisukumela mathupha le ndaba yayala ukuba yonke iminikelo iye ngqo ebhokisini elenzelwe yona ngokukhethekile. Yabeka uJehoyada ukuba aqondise lo msebenzi, futhi ukulandisa kuthi: “UJehoyada umpristi manje wathatha umphongolo wabhoboza imbobo esivalweni sawo wawubeka eceleni kwe-altare kwesokunene njengoba umuntu engena endlini kaJehova, futhi abapristi, abalindimnyango, bayifaka khona yonke imali eyayilethwa endlini kaJehova. Kwakuthi lapho nje bebona ukuthi kwase kunemali eningi emphongolweni, unobhala wenkosi nompristi omkhulu bakhuphuke, bayibophe futhi bayibale le mali eyayitholakala endlini kaJehova. Leyo mali ebaliwe babeyidlulisela ezandleni zabenzi bomsebenzi ababemiselwe indlu kaJehova. Bona babeyikhokha kwabasebenza ngokhuni nakubakhi ababesebenza endlini kaJehova, nakomeselane nakubaqophi bamatshe, nokuba kuthengwe ngayo izingodo namatshe aqoshiwe okulungisa izimfa zendlu kaJehova nakukho konke okwakusetshenziselwa ukulungisa indlu.”—2 AmaKhosi 12:9-12.
Abantu babambisana ngenhliziyo yonke kulo msebenzi. Indlu kaJehova yokukhulekela yalungiswa ukuze ukukhulekelwa kwakhe kuqhubeke ngendlela ehloniphekile. Ngaleyo ndlela, zonke izimali ezazinikelwe zasetshenziswa ngendlela efanele. INkosi uJehowashi yaqiniseka ukuthi yilokho kanye okwenzekayo!
Namuhla, inhlangano kaJehova ebonakalayo iyaqiniseka ukuthi zonke izimali ezinikelwe zisetshenziswa kahle ukuze kuthuthukiswe ukukhulekelwa kukaJehova, futhi amaKristu eqiniso aye asabela njengama-Israyeli asendulo—ngenhliziyo yonke. Mhlawumbe nawe uphakathi kwalabo abaye banikela ukuze kuqhutshekiselwe phambili izithakazelo zoMbuso phakathi nonyaka wenkonzo odlule. Ake sibheke ukuthi iminikelo yenu isetshenziswe kanjani.
UKUNYATHELISA
Emhlabeni wonke, kuye kwanyatheliswa izincwadi ezilandelayo ukuze zitadishwe futhi zisakazwe:
• Izincwadi: 47 490 247
• Izincwajana: 6 834 740
• Izincwajana Ezingangomagazini: 167 854 462
• Amakhalenda: 5 405 955
• Omagazini: 1 179 266 348
• Amapheshana: 440 995 740
• Ama-video: 3 168 611
Umsebenzi wokunyathelisa wenziwa e-Afrika, eMelika eseNyakatho, ePhakathi neseNingizimu, e-Asia, eYurophu naseziqhingini ezisePacific—amazwe angu-19 esewonke.
“Igama lami nginguKatelyn May. Ngineminyaka engu-8 ubudala. Nginemali engu-R192, futhi ngingathanda niyisebenzisele ukukhokhela imishini yokwenza izincwadi. Udadewenu omncane, uKatelyn.”
“Saxoxa njengomkhaya ngemishini emisha ekhona. Izingane zethu, enye eneminyaka engu-11 enye engu-9, zinqume ukuthatha imali ebezilokhu ziyibeka zinikele ngayo. Siyajabula ukunithumelela iminikelo yazo neyethu.”
UKWAKHA
Uhlu olungezansi lubonisa ezinye zezakhiwo eziye zakhiwa ukuze kusekelwe imisebenzi yoFakazi BakaJehova:
• AmaHholo OMbuso emazweni ampofu: 2 180
• AmaHholo EMihlangano: 15
• Amagatsha: 10
• Izikhonzi zokuzithandela zakwamanye amazwe ezisenkonzweni yesikhathi esigcwele: 2 342
“Kule mpelasonto sibe nomhlangano wokuqala eHholo lethu LoMbuso elisha. Asive sijabule ngokuthi sesinendawo ekahle yokudumisa uBaba wethu, uJehova uNkulunkulu. Sibonga uJehova kanye nani ngokunakekela izidingo zethu ngokwakha amaHholo OMbuso engeziwe. Ngempela, iHholo lethu loMbuso lithuthukisa indawo yethu.”—Chile.
“Abafowethu nodadewethu bayalwazisa kakhulu usizo lwenhlangano kaJehova. Kuze kube namuhla, asiwuvali umlomo ngesikhathi esimnandi esaba naso neqembu elakha izakhiwo.”—Moldova.
“Mina nomkami sisanda kugubha iminyaka engu-35 sishadile. Besilokhu sizama ukunquma ukuthi sizophana zipho zini, kodwa sagcina sinqume ukupha uJehova nenhlangano yakhe okuthile, ngoba ngaphandle kosizo lwabo, cishe besingeke siphumelele emshadweni wethu. Singathanda ukuba imali elapha emvilophini isetshenziselwe ukusiza ekwakhiweni kweHholo LoMbuso kwelinye lamazwe antulayo.”
“Ngisanda kuthola ifa, futhi njengoba izinto ‘engizifunayo’ zimbalwa kanti ‘engizidingayo’ zimbalwa nakakhulu, ngingathanda ukuninika le mali engiyifakile ukuze isize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso adingeka kakhulu emazweni amaningi.”
USIZO NGEZIKHATHI ZEZINHLEKELELE
Kulezi zinsuku zokugcina, izinhlekelele zigadla kungalindelwe. OFakazi BakaJehova abaningi benza iminikelo eyengeziwe emsebenzini womhlaba wonke ukuze kusizakale abafowabo abasezindaweni ezidinga usizo. Sinikhumbuza ukuthi iminikelo yosizo ngezikhathi zezinhlekelele iphathwa njengengxenye yeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke. Uhlu olulandelayo lunezindawo ezithile lapho oFakazi BakaJehova beye basiza khona izisulu zezinhlekelele:
• I-Afrika
• I-Asia
• Indawo yaseCaribbean
• Iziqhingi zasePacific
“Mina nomyeni wami sithanda ukunibonga kakhulu ngokusithumelela izinto ezaba usizo ekulungiseni umuzi wethu ngesikhathi isiphepho senza umonakalo omkhulu. Sakwazi ukuphinde siwufulele. Asive sinazisa ngokungapholisi maseko nisisize.”
“Igama lami nginguConnor, futhi ngineminyaka engu-11 ubudala. Ngathi ‘ma ngibona ukuthi i-“tsunami” yenzeni, ngafuna ukusiza. Ngethemba ukuthi lokhu kuzobasiza abafowethu nodadewethu.”
IZIKHONZI EZISENKONZWENI EKHE-THEKILE YESIKHATHI ESIGCWELE
Kukhona amaKristu amaningi asenkonzweni yesikhathi esigcwele emsebenzini wokushumayela noma emakhaya aseBethel. Ezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele zisekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Nazi ezinye zazo ezisekelwa ngale ndlela:
• Izithunywa zevangeli: 2 635
• Ababonisi abajikelezayo: 5 325
• Izikhonzi zaseBethel: 20 092
“Njengoba okwamanje ngingeke ngikwazi ukuzokhonza eBethel [ngingumfana oneminyaka emihlanu], nginithanda kakhulu futhi ngithanda ukunithumelela lo mnikelo. Uma sengikhulile ngizoza eBethel ngizosebenza kakhulu.”
Ukuthuthukiswa Kwemfundo YeBhayibheli
UJesu Kristu wathuma abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19) Belalela amazwi akhe, oFakazi BakaJehova bamatasa emsebenzini wokushumayela futhi bafundisa isigijimi seBhayibheli emazweni angu-235. Banyathelisa futhi basakaze izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingu-413.
Eqinisweni umnikelo oyigugu kakhulu umKristu angawenza ukuze kusizwe abantu abengeziwe bafunde ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe ukunikela ngesikhathi sakhe. OFakazi BakaJehova baye banikela kakhulu ngesikhathi nangamandla abo ukuze basize omakhelwane babo. Baye banikela nangezimali ngesandla esivulekile, futhi yonke iminikelo yabo ehlukahlukene iye yasiza ekwenzeni igama likaJehova nezinjongo zakhe kwaziwe emhlabeni wonke. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa le mizamo yokusiza abanye bafunde ngaye. (IzAga 19:17) Ukuzimisela ukusiza ngale ndlela kuthokozisa inhliziyo kaJehova!—Hebheru 13:15, 16.
[Ibhokisi ekhasini 28-30]
Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo
IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE
Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”
Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini. Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalelwe i-“Watch Tower.” Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echazayo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower njengesipho esiqondile.
Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa noma isiphi isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.
Accounting Office:
Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
Attention
Accounting Office
Private Bag X2067
Krugersdorp, 1740
South Africa
Ucingo: (011) 761 1000
[Umthombo Wesithombe ekhasini 27]
Faithful video: Stalin: U.S. Army photo