Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe izAga 22:6 ziqinisekisa ukuthi uma abantwana bamaKristu beqeqeshwe kahle, ngeke basuke endleleni kaJehova?
Leli vesi lifundeka kanje: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” Njengoba nje ukugoba ihlumela kunquma ukuthi liyokhula libe isihlahla esinjani, maningi amathuba okuba nabantwana abaqeqeshwe kahle baqhubeke bekhonza uJehova lapho sebekhulile. Njengoba nje bonke abazali bazi, lokhu kuqeqesha kudinga isikhathi esiningi nomzamo omkhulu. Ukuze abazali benze abantwana babo babe abafundi abangamaKristu, kumelwe babafundise ngesineke, babayale, babakhuthaze, babaqondise futhi bababekele isibonelo esihle. Lokhu kumelwe bakwenze njalo futhi bakwenze ngothando iminyaka ngeminyaka.
Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi uma kwenzeka ingane iyeka ukukhonza uJehova, abazali basuke bengayiqeqeshanga kahle? Kwezinye izimo, kungenzeka ukuthi abazali basuke bengazikhandlanga ngokwanele ukuba bakhulise izingane zabo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova. (Efesu 6:4) Ngakolunye uhlangothi, lesi saga asiqinisekisi ukuthi ukuqeqesha abantwana kahle kusho ukuthi nakanjani bayothembeka kuNkulunkulu. Abazali abanakubenza abantwana babo ukuba babe noma yini abayifisayo. Njengabantu abadala, izingane zinenkululeko yokuzikhethela futhi kufanele ekugcineni zizikhethele indlela ezifuna ukuphila ngayo. (Duteronomi 30:15, 16, 19) Naphezu kokufundisa kwabazali ngenkuthalo, ezinye izingane ziyashintsha zibe ezingathembekile, njengoba nje kwenza uSolomoni, owabhala lona leli vesi esilidingidayo. NoJehova waba namadodana angazange athembeke.
Ngakho, lo mBhalo awusho ukuthi ingane ngeke neze ‘iphambuke,’ kodwa usho ukuthi ngokuvamile yilokho okuba umphumela. Yeka indlela lokhu okuyisikhuthazo ngayo kubazali! Kufanele kubakhuthaze ukwazi ukuthi imizamo yabo yokuqeqesha izingane zabo ngendlela kaJehova iyothela izithelo ezinhle. Njengoba indima yabo ibalulekile futhi benethonya elikhulu, abazali bakhuthazwa ukuba bawuthathe ngokungathí sina umsebenzi wabo.—Duteronomi 6:6, 7.
Ngisho nalapho izingane ziyeka ukukhonza uJehova, abazali abaye bazikhandla beqeqesha izingane zabo bangaba nethemba lokuthi izingane zabo ziyosanguluka. Iqiniso leBhayibheli linamandla, futhi akulula ngezingane ukusheshe zikukhohlwe ukuqeqeshwa ezakuthola kubazali bazo.—IHubo 19:7.