Umbono WeBhayibheli
Ukunikeza Abantwana Ukunakwa Abakudingayo
INGABE iNdodana kaNkulunkulu yayinaso isikhathi sokusichitha nabantwana? Abanye babafundi bayo babengacabangi kanjalo. Ngesinye isikhathi bazama ukuvimbela abantwana ukuba bangasondeli kuJesu. Ebona lokhu wathi: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba.” Khona-ke ngothando wavumela iqembu labantwana ukuba lize kuye futhi waxoxa nalo. (Marku 10:13-16) Ngale ndlela, uJesu wabonisa ukuthi wayezimisele ukubanaka abantwana. Abazali bangasilandela kanjani isibonelo sakhe namuhla? Ngokuqeqesha abantwana babo kahle nangokuchitha isikhathi nabo.
Yiqiniso, abazali abawunakekela kahle umthwalo wabo benza wonke umzamo ukuze bayinakekele kahle inhlalakahle yabantwana babo futhi bayakugwema ukubaphatha kabi. Kungase kushiwo ngisho nokuthi kuyinto engokwemvelo ukuba abazali bahloniphe futhi bacabangele abantwana babo. Kodwa, iBhayibheli liyaxwayisa, lithi abaningi esikhathini sethu babeyophelelwa ‘uthando olungokwemvelo.’ (2 Thimothewu 3:1-3) Kanti kulabo abasenaso isithakazelo sothando kubantwana babo, kuhlale kunokuthile abangakufunda uma kuziwa endabeni yokuba abazali abawunakekela kahle umthwalo wabo. Ngakho abazali abafuna abantwana babo bathole okungcono bakwamukela ngenhliziyo emhlophe ukukhunjuzwa ngalezi zimiso zeBhayibheli ezilandelayo.
Ukuqeqesha Ngendlela Engacasuli
UDkt. Robert Coles, uthisha ovelele futhi ongumcwaningi wokusebenza kwengqondo, wake wathi: “Ngaphakathi kumntwana kukhona umuzwa okhulayo wesimiso sokuziphatha. Ngicabanga ukuthi nguNkulunkulu ofaka lo muzwa kubantwana ukuze balangazelele umthetho wokuziphatha.” Ngubani okufanele anelise lesi sifiso sokuthola isiqondiso sokuziphatha?
Kweyabase-Efesu 6:4, imiBhalo iyanxusa: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” Uphawulile yini ukuthi lo mBhalo usho ngokuqondile ukuthi kuwumthwalo kababa ukuba agxilise kubantwana bakhe uthando ngoNkulunkulu nokwazisa okujulile ngezindinganiso zaKhe? Evesini 1 kweyabase-Efesu isahluko 6, umphostoli uPawulu wayebhekisele kubo bobabili ubaba nomama lapho etshela abantwana ukuba ‘balalele abazali babo.’a
Yiqiniso, uma ubaba engekho, ngumama okumelwe athwale lo mthwalo. Omama abaningi abangashadile baye baphumelela ekukhuliseni abantwana babo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova uNkulunkulu. Kodwa, uma umama eshada, indoda engumKristu iyona okufanele ihole. Umama kufanele abambisane nayo ngokuzimisela endabeni yokuqeqesha nokuyala abantwana babo.
Ubayala noma ubaqeqeshe kanjani abantwana bakho ngendlela ‘engabacasuli’? Azikho izindlela eziyimfihlo, ikakhulu njengoba abantwana bengafani. Kodwa abazali kumelwe bayicabangisise indlela abayala ngayo, ngaso sonke isikhathi bebonisa uthando nenhlonipho kubantwana babo. Kuyathakazelisa ukuthi le ndaba yokungabacasuli abantwana iyaphindwa emiBhalweni kweyabaseKolose 3:21. Lapho, obaba bayayalwa futhi: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”
Abanye abazali bayaklabalasa futhi babathethise abantwana babo. Akungabazeki ukuthi lokhu kuyabathukuthelisa abantwana. Kodwa iBhayibheli liyanxusa: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.” (Efesu 4:31) Futhi iBhayibheli lithi “inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.”—2 Thimothewu 2:24.
Banike Isikhathi Sakho
Ukunika abantwana bakho ukunakwa abakudingayo kusho futhi ukuthi uzimisele ukudela izinto ezikujabulisayo nesikhathi sakho sokunethezeka ngenxa yenhlalakahle yabo. IBhayibheli lithi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:6, 7.
Namuhla, izibopho zemali ezikhandlayo zenza kube abazali abambalwa kuphela abangakwazi ukuba nabantwana babo kusukela entathakusa kuze kuyokuhlwa. Noma kunjalo, uDuteronomi ugcizelela ukuthi abazali “kumelwe” bathole isikhathi abangasichitha nabantwana babo. Ukwenza kanjalo kudinga ukuhlela okuhle kanye nokuzidela. Kunoma yikuphi, abantwana bayakudinga loko kunakwa.
Cabanga ngemiphumela eyatholakala lapho kuhlolwa abantwana abangaphezu kuka-12 000 abevile eminyakeni engu-12 ubudala. Abacwaningi baphetha kanje: “Ukuba nobuhlobo obuqinile ngokomzwelo nomzali kuyisiqinisekiso esingcono kunazo zonke sempilo yosemusha futhi kuyisithiyo esiqine kunazo zonke sokuziphatha okuyingozi kakhulu.” Yebo, abantwana bayakulangazelela ukunakwa abazali babo. Omunye umama wake wabuza abantwana bakhe, “Uma bekungathiwa yishoni noma yini eningathanda ukuba nayo, yini ebeningayikhetha kuqala?” Bobane bathi, “Isikhathi esengeziwe esingasichitha nomama nobaba.”
Ngakho-ke, ukuba umzali owunakekela kahle umthwalo wakhe kusho ukuthi uyakuqikelela ukwanelisa izidingo zabantwana bakho, kuhlanganise nesidingo sabo semfundo engokomoya nobuhlobo obuseduze nabazali babo. Kusho ukusiza abantwana ukuba babe abantu abadala abanolwazi, abahloniphayo futhi abathembekile abaphatha abanye abantu ngomusa nabakhazimulisa uMdali wabo. (1 Samuweli 2:26) Yebo, uma abazali beqeqesha futhi beyala abantwana babo ngendlela kaNkulunkulu, bawunakekela kahle umthwalo wabo.
[Umbhalo waphansi]
a Lapha uPawulu wasebenzisa igama lesiGreki elithi go·neuʹsin, elithathelwe kwelithi go·neusʹ, elisho “umzali.” Kodwa evesini 4 wasebenzisa igama lesiGreki elithi pa·teʹres, elisho “obaba.”
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuthetha nokuklabalasa kungamcindezela umntwana
[Isithombe ekhasini 13]
Chitha isikhathi nabantwana bakho