Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 7/1 k. 22
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • AmaKristu Eqiniso Nempi
    I-Phaphama!—1994
  • Liyini Ithemba Lokuphela Kwempi?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Impi Iyahambisana NobuKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 7/1 k. 22

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

OFakazi BakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi, banomlando omude wokugwema izimpi zombango phakathi kwezizwe noma phakathi kwamaqembu esizwe esisodwa. Eminyakeni engu-50 edlule, i-Australian Encyclopædia yathi: “OFakazi BakaJehova bazigcina bengathathi hlangothi ngokuphelele ngesikhathi sempi.”

Isizathu esiyinhloko esenza oFakazi bagweme ukuhlanganyela empini siwukuthi ukuhlanganyela ezimpini ezinjalo kungangqubuzana nonembeza womKristu. Unembeza wabo ulolongwe yimiyalo nesibonelo seNkosi uJesu Kristu. Yayala abalandeli bayo ukuba bathande omakhelwane. Yabuye yabayala: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle kwabanizondayo.” (Luka 6:27; Mathewu 22:39) Lapho omunye wabafundi bakhe ezama ukumvikela ngenkemba, uJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngakho, ngamazwi nangesibonelo, wabonisa ngokucacile ukuthi abalandeli bakhe kwakungamelwe baphakamise izikhali zempi.

Esinye isizathu esenza oFakazi BakaJehova bangayi empini siwukuthi bangamalungu omphakathi wamakholwa emhlabeni wonke. Impi ibiyokwenza abazalwane balwe, futhi lokho bekuyongqubuzana nomyalo kaJesu wokuba ‘bathandane.’—Johane 13:35.

Izimiso ezingenhla ezilawula uthando aziyona nje inkolelo koFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, hlola inkambo yabo phakathi neMpi Yezwe II, ka-1939-1945. E-United States, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-4 300 baboshwa emajele kahulumeni ngenxa yokwenqaba ukuya empini. EBrithani, abangaphezu kuka-1 500, kuhlanganise nabesifazane abangaphezu kuka-300, baboshwa ngenxa yokwenqaba ukwenza imisebenzi yempi. EJalimane lobuNazi, uHulumeni wakhipha umyalo wokuba kubulawe oFakazi abangaphezu kuka-270 ngenxa yokwenqaba kwabo ukuya empini. Ngaphansi kombuso wamaNazi, kwaboshwa oFakazi abangaphezu kuka-10 000, emajele noma emakamu okuhlushwa. OFakazi eJapane nabo baphathwa kabi kakhulu. Bonke abantu abashonelwa abathandekayo eMpini Yezwe II—nakunoma iziphi izimpi ezalandela—bangaqiniseka ngokuthi akekho noyedwa koFakazi BakaJehova owaba necala lokufa kwalabo bantu.

Umbono woFakazi BakaJehova ngempi ubonakala ngokucacile emazwini okugcina ashiwo uWolfgang Kusserow. Ngo-1942 amaNazi anquma lo mJalimane oneminyaka engu-20 ngenxa yokwenqaba ukuya empini. (Isaya 2:4) Watshela inkantolo yezempi: “Ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova, ngokwezwi likaNkulunkulu elitholakala emiBhalweni Engcwele. Umthetho omkhulu nongcwele kunayo yonke awunika isintu uthi: ‘Kumelwe uthande uNkulunkulu wakho ngaphezu kwakho konke okunye kanye nomakhelwane wakho njengoba uzithanda.’ Eminye imiyalo ifundeka kanje: ‘Ungabulali.’ Ingabe uMdali wethu wabhala konke lokhu ekubhalela izihlahla?”—Marku 12:29-31; Eksodusi 20:13.

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uJehova, uNkulunkulu ongumninimandla onke kuphela, oyoletha ukuthula okungapheli emhlabeni. Banethemba lokuthi uzosigcwalisa isithembiso sakhe sokuthi ‘uyoqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.’—IHubo 46:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela