Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 11/15 kk. 18-19
  • Ukunikela Ngenhliziyo Enamileyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunikela Ngenhliziyo Enamileyo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhonza UNkulunkulu ‘Nganhliziyonye Nangomphefumulo Munye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Uyayithola Yini Injabulo Elethwa “Ilungelo Lokupha Ngomusa”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • ‘Masinikele Umnikelo KaJehova’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Hlakulela Umoya Wokupha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 11/15 kk. 18-19

Ukunikela Ngenhliziyo Enamileyo

MAYELANA nokupha, umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe,” futhi wabe esenezela: “Kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Kor. 9:7) UJehova akaphoqi muntu ukuba asekele ukukhulekela okuhlanzekile. Uvumela izinceku zakhe ukuba zibonise ukuzinikela kwazo ngokupha ngokuzithandela nangokwenama. Phakathi nawo wonke umlando, abantu bakhe baye bakwenza ngentshiseko lokhu. Cabangela lezi zibonelo ezintathu.

Ngemva kokuba uJehova ekhiphe ama-Israyeli eGibhithe, wawayala ukuba akhe itabernakele. Kwakudingeka izinto zokwakha, ngakho ama-Israyeli acelwa ukuba anikele. “Wonke umuntu onhliziyo yakhe yayimqhuba” waletha igolide, isiliva, amagugu okuhloba nezinye izinto. Abantu banikela kangangokuthi kwaze kwakhishwa isimemezelo sokuthi bayeke ukunikela.—Eks. 35:5, 21; 36:6, 7.

Ngemva kwamakhulu eminyaka lapho kudingeka ukuba kwakhiwe ithempeli, abantu bakaNkulunkulu baphinde baba nethuba lokusekela ukukhulekela okuhlanzekile. INkosi uDavide yanikela ngezinto eziningi ukuze lakhiwe futhi yacela nabanye ukuba banikele. Banikela ngesasasa. Phela ngokwemali yanamuhla, banikela ngegolide nesiliva elingamaRandi angaphezu kwezigidi zezigidi ezingu-840! Abantu bajabula ngeminikelo yabo abayenza kuJehova ngokuzithandela.—1 IziKr. 29:3-9; 2 IziKr. 5:1.

Abalandeli bakaJesu Kristu bokuqala babonisa umoya ofanayo wokunikela ngenjabulo. NgePhentekoste lika-33 C.E., kwabhapathizwa abantu abangaba ngu-3 000 iningi labo elalingahlali eJerusalema. Ukuze basize abampofu abasala emzini ukuze bafunde okwengeziwe ngenkolo yabo entsha, kwaba nesikhwama sesikhashana seminikelo. Abazalwane bathengisa ngezimpahla zabo futhi baletha imali kubaphostoli ukuze basize labo ababeswele. Yeka ukuthi uJehova wajabula kangakanani lapho ebona lokhu kubonakaliswa kokholo nothando!—IzE. 2:41-47.

Namuhla, amaKristu ayaqhubeka esekela ukukhulekela okuhlanzekile ngokunikela ngenjabulo nangokukhululekile ngesikhathi, amandla nangezimali zawo. Ibhokisi elikulesi sihloko linikeza ezinye zezindlela ongakwenza ngazo lokhu.

[Ibhokisi ekhasini 18, 19]

IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELA NGAZO

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “UMsebenzi Womhlaba Wonke.”

Inyanga ngayinye, amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa, Attention: Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini. (Iminikelo yokuzithandela echazwe ngezansi ingathunyelwa nasehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza indawo yakini.) Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalelwe i-“Watch Tower Society.” Kungathunyelwa namagugu okuhloba (jewelry) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echaza ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengesipho esiqondile noma njengegama okumelwe kudluliselwe kulo uma kwenzeka ufa (Transfer on Death).

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.

Accounting Office

Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa

Private Bag X2067

Krugersdorp

1740

South Africa

Ucingo: 011 761 1000

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela