Izinyathelo Eziyisikhombisa Zokufunda IBhayibheli Ngendlela Ezuzisayo
“IBhayibheli aliyona nje incwadi ethengiswa kakhulu kunazo zonke emlandweni, liyincwadi ethengiswa kakhulu kunazo zonke unyaka nonyaka.”—UMAGAZINI I-TIME.
“Ngike ngilifunde iBhayibheli ngezinye izikhathi, kodwa ngicabanga ukuthi liyisicefe.”—UKEITH, UMCULI WASENGILANDI ODUMILE.
KUYAMANGAZA ukuthi abantu abaningi banalo iBhayibheli, kodwa kubonakala sengathi abazuzi okutheni kulo. Nokho, abanye bayakwazisa lokho abakufunda kulo. Ngokwesibonelo, owesifazane ogama lakhe linguNancy uyalandisa: “Kusukela ngaqala ukufunda nokuzindla ngeBhayibheli nsuku zonke ekuseni, ngizizwa ngikulungele ukubhekana nanoma yini engase ivele osukwini. Lo mkhuba uye wangisiza kakhulu lapho ngihlaselwa yiziqubu zokucindezeleka ukwedlula noma yini engake ngayizama eminyakeni engaphezu kwengu-35 edlule.”
Ngisho noma ungakaze ulifunde iBhayibheli, akukuthakazelisi yini ukuthi liye labasiza abanye? Uma kuwumkhuba wakho ukulifunda, ungathanda yini ukuzuza kakhudlwana kulo? Uma kunjalo, zama lezi zinyathelo eziyisikhombisa.
Isinyathelo 1—Lifunde ngezinhloso ezinhle
◼ Abanye iBhayibheli balifundela ubumnandi, abanye bazizwa bephoqelekile ukulifunda kanti abanye balifunda ngoba bethemba ukuthi bangathola isiqondiso kuleli zwe elinezinkathazo. Nokho, uyozuza kakhulu uma umgomo wakho uwukufunda iqiniso ngoNkulunkulu. Nokho, uyothola umvuzo omkhulu uma inhloso yakho iwukuthola ukuthi isigijimi seBhayibheli singakuthinta kanjani ukuphila kwakho.
Ukuze igcizelele ukubaluleka kokufunda ngezizathu ezifanele, imiBhalo ifanisa iBhayibheli nesibuko: “Uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:23-25.
Umuntu okukhulunywa ngaye lapha ubuka ubuso bakhe esibukweni kodwa angenzi lutho ngalokho akubonayo. Mhlawumbe umane azithi shazi nje, noma akabi naso isithakazelo sokulungisa okonakele. Ngokufanayo, ngeke sizuze kangako ekufundeni kwethu iBhayibheli uma silifunda ngokunganaki noma singakwenzi lokho esikufundayo. Ngakolunye uhlangothi, singathola injabulo yangempela uma sibukisisa eBhayibhelini ngenjongo yokuba ‘ngabenzi,’ sivumele ukuba ukucabanga kukaNkulunkulu kulolonge imicabango nezenzo zethu.
Isinyathelo 2—Khetha Inguqulo YeBhayibheli Ethembekile
◼ Kungenzeka ukuthi olimini lwakho kunezinguqulo zamaBhayibheli eziningi ongakhetha kuzo. Nakuba ungazuza kunoma iyiphi inguqulo yeZwi likaNkulunkulu, abanye basebenzisa izinguqulo ezindala kakhulu noma ezibhalwe ngolimi lwezazi okunzima ukuluqonda. (IzEnzo 4:13) Ezinye izinguqulo ziye ngisho zashintsha isigijimi esihlanzekile seBhayibheli ngokuncika emasikweni. Ngokwesibonelo, njengoba izihloko zokuqala zalo magazini zibonisile, abanye baye balisusa igama likaNkulunkulu elithi Jehova, bafaka iziqu ezinjengesithi “Nkulunkulu” noma “Nkosi.” Ngakho, lapho ukhetha inguqulo yeBhayibheli, funa enembile nebhalwe ngolimi olulula eyokukhuthaza ukuba uqhubeke uyifunda.
Izigidi zabafundi emhlabeni kabanzi ziye zathola ukuthi INguqulo Yezwe Elisha iyilokho kanye.a Cabangela indaba yendoda esikhulile yaseBulgaria. Yaya emhlanganweni woFakazi BakaJehova futhi yanikwa ikhophi ye-Nguqulo Yezwe Elisha. Kamuva yathi, “Sengilifunde iminyaka eminingi iBhayibheli, kodwa ngiyaqala ukufunda inguqulo eqondakala kalula kangaka nethinta inhliziyo.”
Isinyathelo 3—Thandaza
◼ Ungaliqonda kakhudlwana iBhayibheli ngokucela usizo kuMlobi walo, njengoba kwenza umhubi. Wathi: “Vula amehlo ami, ukuba ngibone izinto ezimangalisayo ezivela emthethweni wakho.” (IHubo 119:18) Isikhathi ngasinye lapho ufunda imiBhalo thandaza kuNkulunkulu, umcele ukuba akusize uqonde iZwi lakhe. Ungambonga nangokuthi wasilungiselela iBhayibheli ngoba ngaphandle kwalo besingeke simazi.—IHubo 119:62.
Ingabe uNkulunkulu uyayizwa imithandazo enjalo yokucela usizo? Cabangela lokho okwenzeka emantombazaneni andawonye amabili e-Uruguay. Edidwe yilokho ayekufunde kuDaniyeli 2:44, athandaza kuNkulunkulu acela ukuba athumele umuntu ozowasiza akuqonde. Esavule lelo vesi, kwafika oFakazi BakaJehova ababili, bafunda lona kanye lelo vesi ayethandaze ngalo futhi bawachazela ukuthi likhuluma ngohulumeni babantu abayothathelwa indawo uMbuso kaNkulunkulu.b Kwawakhanyela la mantombazane ukuthi uNkulunkulu wayewuphendulile umthandazo wawo.
Isinyathelo 4—Lifunde Nsuku Zonke
◼ Omunye umnyathelisi wezincwadi waphawula ukuthi “amaBhayibheli athengwa kakhulu” ngemva kokuhlasela kwamaphekula e-United States ngo-September 11, 2001. Abaningi bakhumbula iZwi likaNkulunkulu uma kunzima. Nokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba silifunde nsuku zonke ngoba lithi: “Le ncwadi yomthetho akufanele isuke emlonyeni wakho, futhi kumelwe uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze uqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kuyo; ngoba uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.”—Joshuwa 1:8.
Ukubaluleka kokufunda iBhayibheli njalo kungase kufaniswe nomuntu oye wahlaselwa isifo senhliziyo futhi onquma ukudla ukudla okunomsoco. Ingabe lokho kudla kuyomsiza uma ekudla kuphela ngoba esezwa ukuhlaba okubuhlungu esifubeni? Lutho neze. Kumelwe ahlale edla ukudla okunempilo ukuze asizakale. Ngokufanayo, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuyokusiza ukuba ‘uphumelelise indlela yakho.’
Isinyathelo 5—Sebenzisa Izindlela Ezihlukahlukene
◼ Ukufunda iBhayibheli kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo kuhle kakhulu, kodwa ungase uthole ukuthi ukulifunda ngezindlela ezihlukahlukene kuyaqabula. Nakhu ukusikisela okumbalwa.
Funda ngomuntu othile. Funda zonke izahluko noma izincwadi ezikhuluma ngomkhulekeli othile kaNkulunkulu, njengalaba abalandelayo:
• UJosefa: Genesise 37-50.
• URuthe: Ruthe 1-3.
• UJesu: Mathewu 1-28; Marku 1-16; Luka 1-24; Johane 1-21.c
Gxila esicini esithile. Funda imiBhalo ehlobene naso. Ngokwesibonelo, cwaninga ngomthandazo, bese ufunda iseluleko seBhayibheli ngomthandazo; ungase ucwaninge nangeminye imithandazo eminingi eseBhayibhelini.d
Fundela phezulu. Ungazuza kakhulu uma ufundela phezulu lapho ufunda iBhayibheli. (IsAmbulo 1:3) Ningase nilifunde njengomndeni, nishintshane ngokufunda amavesi noma nabelane abalingiswa abathile beBhayibheli. Abanye bayakujabulela ukulalela ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe. Owesifazane othile wathi: “Kwakungelula ukuqala ukufunda iBhayibheli. Nokho, ukulalela ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe kwangisiza kakhulu. Manje iBhayibheli selithakazelisa ukudlula ngisho incwadi emnandi yezindaba.”
Isinyathelo 6—Zindla
◼ Ukuphila kwanamuhla okumatasa neziphazamiso kwenza kube nzima ukuzindla. Nokho, njengoba nje ukudla kufanele kugayeke kahle esiswini ukuze sondleke, kumelwe sizindle ngalokho esikufunda eBhayibhelini ukuze sizuze. Lokhu sikwenza ngokucabangisisa ngalokho esikufundile nangokuzibuza imibuzo enjengale: ‘Ngifundeni ngoJehova uNkulunkulu? Lokhu kusebenza kanjani kimi? Ngingakusebenzisa kanjani ukuze ngisize abanye?’
Ukucabanga okunjalo kwenza isigijimi seBhayibheli sithinte izinhliziyo zethu futhi kuthuthukisa injabulo esiyithola ngokufunda iZwi likaNkulunkulu. IHubo 119:97 lithi: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.” Ngokuzindla, umhubi wenza imiBhalo yaba yinto ayikhathalela usuku lonke. Ukwenza kanjalo kwamsiza ukuba abe nothando olujulile ngalokho ayekufunda.
Isinyathelo 7—Thola Usizo Ukuze Uliqonde
◼ UNkulunkulu akalindele ukuba siliqonde ngokugcwele iZwi lakhe ngaphandle kosizo. Ngisho neBhayibheli liyavuma ukuthi ‘linezinto ezithile okunzima ukuziqonda.’ (2 Petru 3:16) Incwadi yezEnzo ikhuluma ngesikhulu esingumTopiya esasididwe ingxenye yeBhayibheli esasiyifunda. UNkulunkulu wathumela enye yezinceku zakhe ukuba iyosisiza futhi umphumela waba ukuthi leyo ndoda engumTopiya “yaqhubeka nendlela yayo ijabula.”—IzEnzo 8:26-39.
Nawe ungazuza okwengeziwe eBhayibhelini ngokuthola usizo lokuliqonda. Thintana noFakazi BakaJehova bangakini, noma ubhalele ekhelini elisekhasini 4 lalo magazini ukuze uthole isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Imibhalo yaphansi]
a INguqulo Yezwe Elisha, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, iye yanyatheliswa ngezilimi ezingu-83 iphelele noma iyingxenye, futhi iyatholakala nakuyi-Internet ngezilimi ezingu-11 ekhelini elithi, www.watchtower.org.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nalokho ozokwenza, bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Uma usanda kuwuqala umkhuba wokufunda iBhayibheli, zama ukuqala ngokufunda ngokulandisa kwenkonzo kaJesu okungenayo imininingwane eminingi okusencwadini kaMarku.
d Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iye yasiza abaningi ngoba idingida izihloko zeBhayibheli ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, iSahluko 17 sikhuluma ngalokho okushiwo imiBhalo ngomthandazo.