Basha—Qondiswani Yizwi LikaNkulunkulu
“Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.”—IZAGA 4:5.
1, 2. (a) Yini eyasiza umphostoli uPawulu ukuba abhekane ngokuphumelelayo nokuphikisana okwakungaphakathi kuye? (b) Ungakuthola kanjani ukuhlakanipha nokuqonda?
“LAPHO ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” Uyazi ukuthi ubani owasho la mazwi? Nguyena impela umphostoli uPawulu. Nakuba uPawulu ayemthanda uJehova, ngezinye izikhathi wayekuthola kunzima ukwenza okulungile. Wayezizwa kanjani ngalokhu kuphikisana okwakungaphakathi kuye? Wabhala: “Yeka mina muntu wosizi!” (Roma 7:21-24) Ingabe uyayiqonda indlela ayezizwa ngayo? Ingabe ngezinye izikhathi ukuthola kunzima ukwenza okulungile? Ingabe lokho kuyakukhungathekisa njengoPawulu? Uma kunjalo, ungadangali. UPawulu wabhekana ngokuphumelelayo nalezi zinselele, nawe ungaphumelela.
2 UPawulu waphumelela ngoba wavuma ukuqondiswa “amazwi anempilo.” (2 Thim. 1:13, 14) Ngenxa yalokho, wathola ukuhlakanipha nokuqonda ayekudinga ukuze anqobe izinselele ayebhekana nazo futhi enze izinqumo ezinhle. UJehova uNkulunkulu angakusiza ukuba uzuze ukuhlakanipha nokuqonda. (IzAga 4:5) Uye wanikeza iseluleko esihle kunazo zonke eZwini lakhe, iBhayibheli. (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.) Cabanga ngendlela ongazuza ngayo ezimisweni ezitholakala emiBhalweni lapho usebenzelana nabazali bakho, endleleni yokusebenzisa imali nalapho uwedwa.
Ukuqondiswa YiZwi LikaNkulunkulu Ekhaya
3, 4. Kungani ungase ukuthole kuyinselele ukulalela imithetho yabazali bakho, kodwa kungani abazali bebeka imithetho?
3 Ukuthola kuyinselele yini ukuphila ngemithetho yabazali bakho? Kungabangelwa yini lokhu? Kungenzeka ukuthi ufisa ukuba nenkululeko ethile. Lokhu kungokwemvelo. Kuyingxenye yokukhula. Nokho, lapho usahlala kini unesibopho sokulalela abazali bakho.—Efe. 6:1-3.
4 Ukuba nombono ofanele ngemithetho nangezimfuneko zabazali bakho kungakwenza kube lula ngokwengeziwe ngawe ukuyigcina. Yiqiniso ngezinye izikhathi ungase uzizwe njengoBrielle,a intombazane eneminyaka engu-18, owathi ngabazali bakhe: “Sebekhohlwe nya ukuthi kunjani ukuba ngangami. Abafuni ngiveze umbono wami, ngizenzele izinqumo noma ngikhule.” NjengoBrielle, nawe ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho bakugodlela inkululeko enkudlwana ocabanga ukuthi ikufanele. Noma kunjalo, ngokuyinhloko abazali bakho bakubekela imithetho ngoba bekukhathalela. Ngaphezu kwalokho, abazali abangamaKristu bayazi ukuthi bayolandisa kuJehova ngendlela abakunakekela ngayo.—1 Thim. 5:8.
5. Ukulalela abazali bakho kungakuzuzisa kanjani?
5 Ngempela, ukulalela imithetho yabazali bakho kunjengokukhokha imali oyikweleta ibhange—uma uyikhokha ngokwethembeka, ibhange liyokwenyusa imali ongayiboleka. Ngokufanayo, ukweleta abazali bakho ukubahlonipha nokubalalela. (Funda izAga 1:8.) Lapho ulalela ngokwengeziwe nabazali bakho bayokunika inkululeko ethe xaxa. (Luka 16:10) Yiqiniso, uma uhlale uyephula imithetho yabo, ungamangali uma beyinciphisa noma beyihoxisa inkululeko ababekunike yona.
6. Abazali bangazisiza kanjani izingane ukuba zilalele?
6 Enye indlela abazali abangasiza ngayo izingane zabo ukuba zilalele imithetho yabo iwukubeka isibonelo. Ukulalela kwabo ngokuzithandela izimfuneko zikaJehova kufanele kubonise ukuthi imithetho kaNkulunkulu inengqondo. Lokhu kuyokwenza kube lula ngezingane ukuba zibheke imithetho yabazali ngendlela efanayo. (1 Joh. 5:3) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuluma ngezikhathi lapho uJehova anikeza izinceku zakhe ngisho nethuba lokuveza imizwa yazo ezindabeni ezithile. (Gen. 18:22-32; 1 AmaKh. 22:19-22) Zingaba khona yini izikhathi lapho abazali benganikeza khona izingane zabo ithuba lokuveza imibono yazo ezindabeni ezihlukahlukene?
7, 8. (a) Iyiphi inselele abanye abasha ababhekana nayo? (b) Ukuqaphela ini okungakusiza ukuba uzuze esiyalweni?
7 Intsha ingase futhi ibhekane nenselele yokusingatha lokho ekubheka njengokugxekwa ngokungafanele abazali bayo. Ngezinye izikhathi, ungase uzizwe njengensizwa okuthiwa uCraig, eyathi, “Umama wayenjengomseshi—ngaso sonke isikhathi ebheka amaphutha engiwenzile.”
8 Isiqondiso noma isiyalo sivame ukufika siwukugxeka. IBhayibheli liyavuma ukuthi kunzima ukwamukela isiyalo ngisho nalapho sifaneleka ngokuphelele. (Heb. 12:11) Yini engakusiza ukuze uzuze esiyalweni ositholayo? Iphuzu elibalulekile okumelwe ulikhumbule ukuthi cishe abazali bakho bakunika iseluleko ngenxa yokuthi bayakuthanda. (IzAga 3:12) Bafuna ukukusiza ukuze ugweme ukuwela emikhubeni emibi futhi uhlakulele imikhuba emihle. Cishe abazali bakho bayaqaphela ukuthi uma bengakuqondisi, lokho kuyefana nokuthi bayakuzonda! (Funda izAga 13:24.) Kumelwe uqonde nokuthi ukwenza amaphutha kuyingxenye yokufunda. Ngakho lapho uqondiswa, bheka ukuhlakanipha okutholakala kulokho okushiwoyo. “Ukuba [nokuhlakanipha] njengenzuzo kungcono kunokuba nesiliva njengenzuzo nokuba nakho njengomkhiqizo kungcono kunegolide uqobo.”—IzAga 3:13, 14.
9. Kunokuba ihlale icabanga ngalokho okubonakala kuwukungabi nabulungisa, yini intsha engayenza?
9 Nokho, abazali bayawenza amaphutha. (Jak. 3:2) Lapho bekuyala, ngezinye izikhathi bangase bakhulume bengacabangile. (IzAga 12:18) Yini engenza abazali bakhulume ngaleyo ndlela? Kungenzeka bacindezelekile, noma kungenzeka babheka amaphutha akho njengophawu lokuthi bayizehluleki. Kunokuba uhlale ucabanga ngalokho onomuzwa wokuthi kuwukungabi nabulungisa, kungani ungabonisi ukwazisa ngesifiso sabo esiqotho sokukusiza? Ikhono lokwamukela isiyalo liyokusiza lapho usumdala.
10. Ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nemithetho nokuqondiswa abazali bakho?
10 Ungathanda yini ukwazi indlela yokubhekana ngokuphumelela ngokwengeziwe nemithetho nokuqondiswa abazali bakho? Uma kunjalo, kudingeka uthuthukise indlela okhulumisana ngayo nabo. Ungakwenza kanjani lokho? Isinyathelo sokuqala siwukulalela. IBhayibheli lithi: ‘Shesha ukuzwa, uphuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jak. 1:19) Kunokuba usheshe uzithethelele, zama ukulawula imizwelo yakho futhi ulalele lokho abazali bakho abakushoyo. Gxila kulokho okushiwoyo, hhayi endleleni okushiwo ngayo. Ngemva kwalokho, phinda lokho abaqeda kukusho ngamazwi akho nangenhlonipho. Lokho kuyobaqinisekisa ukuthi ukuzwile abakushilo. Kufanele wenzeni uma ufuna ukuchaza okushilo noma okwenzile? Ezimweni eziningi, kuwukuhlakanipha ‘ukubamba izindebe zakho’ kuze kube yilapho usuwenze ngokuvumelana nezifiso zabazali bakho. (IzAga 10:19) Uma abazali bakho bebona ukuthi ubalalele, bayothambekela kakhudlwana ekukulaleleni. Ukwenza ngale ndlela ebonisa ukuvuthwa kubonisa ukuthi uqondiswa yiZwi likaNkulunkulu.
Ukuqondiswa YiZwi LikaNkulunkulu Endleleni Yokuphatha Imali
11, 12. (a) Ngokuphathelene nemali, yini iZwi likaNkulunkulu elisikhuthaza ukuba siyenze, futhi ngani? (b) Abazali bakho bangakusiza kanjani ukuba uyiphathe kahle imali?
11 IBhayibheli lithi: ‘Imali iyisivikelo.’ Kodwa lona leli vesi libonisa nokuthi ukuhlakanipha kubaluleke ngisho nangaphezu kwemali. (UmSh. 7:12) IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba siyihloniphe imali, kodwa singayithandi. Kungani kufanele ugweme ukuba nothando lwemali? Cabanga ngalo mfanekiso: Ummese obukhali uyithuluzi eliwusizo kumpheki onekhono. Kodwa wona lowo mmese ungamlimaza kakhulu umuntu onganaki noma obudedengu. Nemali ingaba usizo uma iphathwa ngekhono. Nokho, labo “abazimisele ngokuceba” bavame ukudela abangane, imikhaya ngisho nobuhlobo babo noNkulunkulu. Ngenxa yalokho, bazigwaza “yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—Funda eyoku-1 Thimothewu 6:9, 10.
12 Ungafunda kanjani ukuphatha imali ngekhono? Kungani ungaceli iseluleko sabazali bakho sendlela yokusebenzisa imali? USolomoni wabhala: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe, nomuntu onokuqonda nguye ozuza ukuqondisa okunekhono.” (IzAga 1:5) Intokazi okuthiwa u-Anna yacela abazali bayo ukuba bayinike lokho kuqondisa okunekhono. Ithi, “Ubaba wangifundisa ukwenza uhlelo lwendlela engizoyisebenzisa ngayo imali, futhi wangibonisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ohlelekile endleleni yokuphatha imali yomkhaya.” Ngokufanayo, unina wamfundisa izifundo eziwusizo. U-Anna uthi: “Wangibonisa inzuzo yokuqhathanisa amanani ngaphambi kokuthenga.” Kumzuzise kanjani lokhu? Uyaphendula: “Manje ngiyakwazi ukuyiphatha kahle imali yami. Ngiyilawula ngokucophelela indlela engisebenzisa ngayo imali, ngakho nginenkululeko nokuthula kwengqondo okutholakala ngokugwema izikweletu ezingadingekile.”
13. Ungazikhuza kanjani endabeni yokusebenzisa imali?
13 Ungase uzithole usungene shí ezikweletwini ngokushesha uma uthenga ngokungacabangi noma usebenzisa imali ukuze nje uhlabekise abangane bakho. Yini engase ikusize ukuba ugweme lezi zingibe? Lapho usebenzisa imali, kumelwe ufunde ukuzibamba. Yilokho akwenzayo u-Ellena, ongaphezudlwana kweminyaka engu-20. Uthi: “Lapho siyozijabulisa nabangane bami ngihlela kusengaphambili futhi nginqume imali engizoyisebenzisa. . . . Ngikuthola kuwukuhlakanipha nokuhamba ngiyothenga kuphela nabangane abaqikelelayo endleleni abasebenzisa ngayo imali futhi abayongikhuthaza ukuba ngiqhathanise amanani, ngingathengi into yokuqala engiyibonayo.”
14. Kungani kufanele uqaphe “amandla engcebo okukhohlisa”?
14 Ukuthola imali nokuyiphatha kahle kubalulekile ekuphileni. Noma kunjalo, uJesu wathi injabulo yangempela itholwa yilabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Math. 5:3) Waxwayisa ngokuthi isithakazelo somuntu ezintweni ezingokomoya singaminyaniswa izinto ezifana “namandla engcebo okukhohlisa.” (Marku 4:19) Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba uqondiswe yiZwi likaNkulunkulu futhi uhlale unombono olinganiselayo ngemali!
Ukuqondiswa YiZwi LikaNkulunkulu Lapho Uwedwa
15. Cishe, kunini lapho ubuqotho bakho kuNkulunkulu buvivinywa khona kakhulu?
15 Ucabanga ukuthi kunini lapho ubuqotho bakho kuNkulunkulu buvivinywa khona kakhulu—yilapho unabanye noma uwedwa? Phela lapho usesikoleni noma usemsebenzini, uhlale uliqaphe kakhulu ingokomoya lakho. Uphaphamele noma yini engalifaka engozini. Lapho uziphumulele futhi ungaqaphile yilapho iba nkulu khona ingozi yokuyekethisa ezindinganisweni zokuziphatha.
16. Kungani kufanele ufune ukulalela uJehova ngisho nalapho usekusithekeni?
16 Kungani kufanele ufune ukulalela uJehova ngisho nalapho uwedwa? Khumbula lokhu: Ungamzwisa ubuhlungu uJehova noma wenze inhliziyo yakhe ijabule. (Gen. 6:5, 6; IzAga 27:11) Izenzo zakho ziyamthinta uJehova ngoba ‘uyakukhathalela.’ (1 Pet. 5:7) Ufuna ukuba umlalele ukuze kuzuze wena. (Isaya 48:17, 18) Lapho ezinye zezinceku zikaJehova kwa-Israyeli wasendulo zingasinaki iseluleko sakhe, zamzwisa ubuhlungu. (IHu. 78:40, 41) Ngakolunye uhlangothi, uJehova wamthanda kakhulu umprofethi uDaniyeli, ngoba ingelosi yambiza ngokuthi ‘umuntu ofiseleka kakhulu.’ (Dan. 10:11) Kungani? Ngoba wahlala eqotho kuNkulunkulu hhayi kuphela lapho ephambi kwabantu kodwa nasekusithekeni.—Funda uDaniyeli 6:10.
17. Imiphi imibuzo ongazibuza yona lapho ukhetha ezokuzijabulisa?
17 Ukuze uhlale uqotho kuNkulunkulu lapho uwedwa, kumelwe uthuthukise ‘amandla akho okuqonda ukuze uhlukanise kokubili okulungile nokungalungile’ bese uwaqeqesha ‘ngokuwasebenzisa’ ngokwenza lokho owazi ukuthi kulungile. (Heb. 5:14) Ngokwesibonelo, lapho ukhetha umculo owulalelayo, amabhayisikobho owabukelayo, noma izingosi ze-Internet ozivakashelayo, nakhu okuzokusiza ukuba ukhethe okulungile futhi ugweme okubi. Zibuze imibuzo elandelayo: ‘Ingabe le nto engiyikhethayo izongikhuthaza ukuba ngibe nozwela noma izongithonyela ukuba ngijabule “ngenhlekelele yomunye”?’ (IzAga 17:5) ‘Ingabe izongisiza ukuba “ngithande okuhle” noma izokwenza kube nzima ngami ukuba “ngizonde okubi”?’ (Amose 5:15) Lokho okwenzayo lapho uwedwa kubonisa lokho okubaluleke ngempela kuwe.—Luka 6:45.
18. Yini okufanele uyenze uma ubulokhu uhlanganyela ekuziphatheni okubi ngasese, futhi kungani kufanele usithathe lesi sinyathelo?
18 Yini okufanele uyenze uma ubulokhu uhlanganyela ngasese ekuziphatheni owaziyo ukuthi kubi? Khumbula, “omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” (IzAga 28:13) Yeka ukuthi kungaba ubuwula kanjani ukuqhubeka naleyo nkambo embi futhi ‘uwenze lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu’! (Efe. 4:30) Empeleni, unesibopho kuNkulunkulu, kubazali bakho nakuwe ngokwakho sokuvuma noma yibuphi ububi obenzile. “Amadoda amadala ebandla” angaba usizo olukhulu kule ndaba. Umfundi uJakobe uthi: “[Mawamthandazele umenzi wobubi], amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.” (Jak. 5:14, 15) Kuyavunywa ukuthi lokhu kungase kukwenze ube namahloni futhi mhlawumbe kube nemiphumela engajabulisi. Kodwa uma uba nesibindi sokucela usizo, uyogwema ukulimala ngokwengeziwe futhi uyothola impumuzo elethwa ukuba nonembeza ohlanzekile.—IHu. 32:1-5.
Yenza Inhliziyo KaJehova Ijabule
19, 20. Yini uJehova akufunela yona, kodwa yini okumelwe uyenze?
19 UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna ukuba ujabule. (1 Thim. 1:11) Unesithakazelo esikhulu kuwe. Ngisho noma kungekho muntu oyiqaphelayo imizamo oyenzayo yokwenza okulungile, yena uyayibona. Ayikho into efihlekile emehlweni akhe. Ukubheka ngenjongo yokusekela umzamo wakho wokwenza okulungile, hhayi ngenjongo yokuthola amaphutha. “Amehlo [kaNkulunkulu] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKr. 16:9.
20 Ngakho-ke, qondiswa yiZwi likaNkulunkulu futhi usebenzise iseluleko salo. Ngaleyo ndlela, uyothola ukuhlakanipha nokuqonda okudingekayo ukuze unqobe izinkinga ezinjengameva futhi wenze ukukhetha okuhle ezimweni ezinzima ekuphileni. Ngeke ugcine ngokujabulisa abazali bakho noJehova kodwa uyoba nanokuphila okujabulisa ngempela.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini intsha engayenza ukuze yamukele futhi izuze emithethweni nasekuqondisweni abazali?
• Kungani kubalulekile ukuba nombono olinganiselayo ngemali?
• Ungahlala kanjani uqotho kuJehova ngisho nalapho uwedwa?
[Isithombe ekhasini 6]
Ingabe uyohlale uqotho kuNkulunkulu lapho uwedwa?