“Ngibazisile Igama Lakho”
“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona ezweni. . . . Ngibazisile igama lakho futhi ngizolazisa.”—JOHANE 17:6, 26.
Lokho Okukushoyo: UJesu walenza laziwa igama likaNkulunkulu ngokukhuluma ngalo enkonzweni yakhe. Uma ayefunda imiBhalo, njengoba ayevame ukwenza, wayelibiza igama likaNkulunkulu. (Luka 4:16-21) Wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza: “Baba, malingcweliswe igama lakho.”—Luka 11:2.
Indlela AmaKristu Okuqala Ayephila Ngayo: Umphostoli uPetru watshela amadoda amadala eJerusalema ukuthi uNkulunkulu wayekhethe phakathi kwezizwe “isizwe segama lakhe.” (IzEnzo 15:14) Abaphostoli nabanye bashumayela ukuthi “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (IzEnzo 2:21; Roma 10:13) Basebenzisa negama likaNkulunkulu ezincwadini zabo abazibhala. I-Tosefta, iqoqo lemithetho yamaJuda elaqedwa cishe ngo-300 C.E., uma likhuluma ngokushiswa kwezincwadi zamaKristu zishiswa abaphikisi, lithi: “Izincwadi zabaVangeli nezincwadi zama-minim [okucatshangwa ukuthi amaKristu angamaJuda] akufanele zikhishwe emlilweni. Kodwa kufanele ziyekwe zishe, . . . zona kanye nezikhombo zeGama likaNkulunkulu elikuzo.”
Obani Abaphila Ngale Ndlela Namuhla? IBhayibheli okuthiwa i-Revised Standard Version, elagunyazwa uMkhandlu Kazwelonke Wamasonto KaKristu e-United States, esandulelweni salo lithi: “Ukusetshenziswa kwanoma yiliphi igama elifanele lowukuphela kukaNkulunkulu, njengokungathi kunabanye onkulunkulu okufanele ahlukaniswe kubo, kwayekwa enkolweni yobuJuda ngaphambi kwenkathi yobuKristu futhi akufaneleki ngokuphelele kulo lonke ukholo lweSonto LobuKristu.” Ngenxa yalokho igama likaNkulunkulu lakhishwa kwafakwa isiqu esithi “NKOSI.” Muva nje, iVatican ikhiphe lo myalo kubabhishobhi bayo: “Akufanele nisebenzise noma nibize igama likaNkulunkulu ngendlela ye-tetragrammaton ethi YHWHa emaculweni nasemithandazweni.”
Obani namuhla abasebenzisa nabatshela abanye igama likaNkulunkulu? Ngesikhathi uSergey esakhula eKyrgyzstan, wabukela ifilimu eyayibiza igama likaNkulunkulu ngokuthi Jehova. Kwadlula cishe iminyaka eyishumi engezwa lutho ngalelo gama. Ngokuhamba kwesikhathi lapho esethuthele e-United States, wavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili kwakhe bambonisa igama likaNkulunkulu eBhayibhelini. Wahlabeka umxhwele uSergey lapho ebona iqembu labantu abasebenzisa igama elithi Jehova. Kuyathakazelisa ukuthi uma uhlola igama elithi “Jehovah God,” kuyi-Webster’s Third New International Dictionary ikunikeza incazelo ethi “unkulunkulu ophakeme oqashelwa oFakazi BakaJehova futhi abamkhulekela njengokuphela kukankulunkulu.”
[Umbhalo waphansi]
a NgesiZulu, igama likaNkulunkulu livame ukuhunyushwa ngokuthi “Jehova.”