“Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso Ziyoshunyayelwa”
“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—MATHEWU 24:14.
Lokho Okukushoyo: Umlobi weVangeli uLuka wabika ukuthi uJesu “wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 8:1) UJesu ngokwakhe wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Wathumela abafundi bakhe ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle emizini nasemizaneni futhi kamuva wabayala: “Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8; Luka 10:1.
Indlela AmaKristu Okuqala Ayephila Ngayo: Abafundi bakaJesu abapholisanga maseko ekwenzeni lokho uJesu ayebayale ukuba bakwenze. “Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” (IzEnzo 5:42) Kwakungashumayeli iqembu elithile elikhethekile kuphela. Isazi-mlando uNeander saphawula ukuthi “uCelcus, umbhali wokuqala omelene nobuKristu, wakloloda ngenxa yokuthi izisebenzi zoboya bezimvu, abakhandi bezicathulo, abashuki besikhumba, nabantu abangafundile nabaphansi ukwedlula bonke, babengabashumayeli abashisekayo bevangeli.” Encwadini yakhe ethi Early Centuries of the Church, uJean Bernardi wabhala: “[AmaKristu] kwakufanele ahambe akhulume kuzo zonke izindawo nanoma ubani. Emigwaqweni emikhulu nasemadolobheni, ezigcawini nasemakhaya. Kungakhathaliseki ukuthi ayemukelwa noma cha. . . . Kuze kube semaphethelweni omhlaba.”
Obani Abaphila Ngale Ndlela Namuhla? “Umfundisi waseSheshi, uDavid Watson uthi: Ukwehluleka kwesonto ukwenza ukushumayela nokufundisa kube yinto ebalulekile kungesinye sezizathu esenza abantu bangakujabuleli ukukhonza uNkulunkulu namuhla.” Encwadini yakhe ethi Why Are the Catholics Leaving? UJosé Luis Pérez Guadalupe wabhala ngomsebenzi wesonto labaVangeli, amaSabatha namanye, futhi waphawula ukuthi “awangeni endlini ngendlu.” Ekhuluma ngoFakazi BakaJehova wabhala: “Bangena endlini ngendlu ngendlela ehlelekile.”
Ukuphawula okuthakazelisayo nokuyiqiniso okwashiwo uJonathan Turley kutholakala encwadini ethi Cato Supreme Court Review, 2001-2002: “Ukubiza elithi oFakazi BakaJehova kwenza abantu abaningi bavele bacabange ngabashumayeli abasivakashela emizini yethu singabalindele. OFakazi BakaJehova lapho befundisa abantu endlini ngendlu basuke bengadluliseli nje kuphela izinkolelo zabo kwabanye kodwa basuke benza into ebalulekile okholweni lwabo.”
[Ibhokisi ekhasini 9]
Obani AbangamaKristu Eqiniso?
Ngokusekelwe ezicini ezingokomBhalo okuxoxwe ngazo kulolu chungechunge, ucabanga ukuthi obani abangamaKristu eqiniso namuhla? Nakuba kunamashumi ezinkulungwane zamaqembu azibiza ngamaKristu, kodwa khumbula lokho uJesu akutshela abalandeli bakhe: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Mathewu 7:21) Ukubona labo abenza intando kaBaba—ngaleyo ndlela bezibonakalisa bengamaKristu eqiniso—nokuzihlanganisa nabo kungaholela ezibusisweni zaphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Sicela ubuze oFakazi BakaJehova abakunikeze lo magazini ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nangezibusiso oyoziletha.—Luka 4:43.