Yini Engalungile Ngokusebenzelana Nemimoya?
Kusukela uThulia esemncane wayebona imibono, ezwe amazwi futhi wayeqiniseka ukuthi ukhuluma nezihlobo zakhe esezafa. Yena nomyeni wakhe uMuzi babefunda izincwadi zokulumba, bagcina sebengompetha bokufunda amakhadi enhlanhla abizwa ngokuthi ama-tarot card. La makhadi ayebatshela ukuthi bazothola imali eningi. Nangempela bayithola ebhizinisini labo. Langa limbe, la makhadi abaxwayisa ngokuthi kuzofika abantu abayingozi emzini wabo nokuthi kwakufanele bazivikele kanjani.
NAKUBA kungase kubonakale sengathi ukulumba kuyisidala, abantu abaningi bayathanda ukwazi ngezinto ezihilela ukusetshenziswa kwamandla angaphezu kwavamile. Abantu abaningi emhlabeni bafaka iziphandla, basebenzise ama-Ouija board, baye nasezangomeni ukuze bathole izinhlanhla noma bazivikele ebubini. Esihlokweni esithi “Laptop and Lucifer,” umagazini wesiJalimane i-Focus wathi: “I-Internet yenza libe likhulu isasasa ezindabeni zokuthakatha.”
Bewazi yini ukuthi iBhayibheli liyakhuluma ngokusebenzelana nemimoya? Elikushoyo ngakho kungase kukumangaze.
Okushiwo IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya
Umthetho uNkulunkulu awunika abantu bakhe kwa-Israyeli wasendulo wawuthi: “Akufanele kutholakale kuwe . . . noma ubani obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Kungani kunomthetho oqine kangaka owenqabela ukusebenzelana nemimoya?
Njengoba indaba esiqale ngayo ibonisa, abantu abaningi bakholelwa ukuthi abantu abaphilayo bangakhuluma nabafileyo nokuthi izinto ezitholakala ngemikhuba yokulumba zivela kwabafileyo. Izinkolelo ezinjalo zisekelwe kulokho okufundiswa izinkolo eziningi—ukuthi abantu abafile bayaqhubeka bephila ezweni lemimoya. Kepha ngokuphambene nale mfundiso, iBhayibheli lisho ngokucacile: ‘Abafileyo abazi lutho.’ (UmShumayeli 9:5) Lichaza abafileyo njengokungathi balele ubuthongo obujulile, abazi lutho ngokwenzeka lapho bekhona.b (Mathewu 9:18, 24; Johane 11:11-14) Uma kunjalo, ungase ubuze, Pho abantu basuke bekhuluma nobani? Ubani lo owenza lokhu kuxhumana kube yimpumelelo?
Ukuxhumana Nezwe Lemimoya
Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa ukuthi lapho uJesu esemhlabeni, wakhuluma nemimoya. UMarku 1:23, 24 ubika ukuthi “umoya ongcolile” wathi kuJesu: “Ngazi kahle ukuthi ungubani.” Ngokuqinisekile imimoya iyakwazi nawe ukuthi ungubani. Kodwa ingabe wena uyayazi ukuthi ingobani?
Ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale abantu, wadala inqwaba yamadodana omoya, noma izingelosi. (Jobe 38:4-7) Izingelosi ziyizidalwa ezingaphezu kwabantu. (Hebheru 2:6, 7) Zinamandla futhi zihlakaniphe kakhulu, zadalelwa ukwenza intando kaNkulunkulu. Umhubi wahlabelela: “Mbongeni uJehova, nina zingelosi zakhe, eninamandla amakhulu, enifeza izwi lakhe.”—IHubo 103:20.
IBhayibheli lembula ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ezinye zezingelosi zaqala ukuxhumana nabantu, okuyinto ezazingavunyelwe ukuyenza. Yayiyini injongo? Ingelosi yokuqala eyakhuluma nabantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, yabayenga ukuze ibahlukanise noNkulunkulu, uMdali wabo. Ngokwenza kanjalo, yazenza uSathane uDeveli, umnyundeli nomphikisi kaNkulunkulu.—Genesise 3:1-6.
Ngokuhamba kwesikhathi, nezinye izingelosi “zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” ezulwini, zathatha imizimba yabantu, zase ziqala ukuhlala nabesifazane abahle emhlabeni. (Jude 6; Genesise 6:1, 2) Lezo zingelosi eziyizihlubuki nenzalo yazo exubile zabahlupha abantu kangangokuthi umhlaba “wagcwala ubudlova.” Cishe uyijwayele indaba yeBhayibheli echaza indlela uNkulunkulu abaqeda ngayo labo bantu abanobudlova nababi ngoZamcolo wosuku lukaNowa.—Genesise 6:3, 4, 11-13.
Izikhukhula zamanzi zaphoqa le mimoya ikuba ihlubule imizimba yabantu futhi iphindele ezweni lemimoya. Kodwa uMdali akayivumelanga ukuba ibuyele ‘endaweni yayo yokuhlala’ yasekuqaleni. Kunalokho, yagcinwa isesimweni sokuthotshiswa esifana nokuvalelwa “emigodini yesigayegaye.” (2 Petru 2:4, 5) IBhayibheli libiza izingelosi ezahlubuka ngokuthi “amademoni.” (Jakobe 2:19) Yiwona enza ukusebenzelana nemimoya kuphumelele.
Okufunwa Amademoni
Umgomo wokuqala wemimoya emibi ekhuluma nabantu uwukubachezukisa ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Izipho noma amandla abalumbi abaningi abanawo amane nje ahloselwe ukuphazamisa abantu bangalutholi ulwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi babe nobuhlobo naye.
Umgomo wesibili wamademoni ungabonakala kulokho uSathane, umholi wawo, akuzama kuJesu. Wathembisa uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” Wayefuna amkhokhele ngani uJesu? Wathi: ‘Yiwa phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.’ Yebo, uSathane namademoni bafuna ukukhulekelwa. Kodwa uJesu wawenqaba umqondo wokulahla uNkulunkulu nokukhulekela kweqiniso.—Mathewu 4:8-10.
Akuvamile ukuba namuhla imimoya emibi ikhulume umlomo nomlomo nabantu. Kunalokho, ifuna ukuyenga abangaqaphile ngeziphazamiso ezingabonakala zingenangozi njengokuya emhlahlweni, ukuya esibukweni, ukubhula ngamathambo nangezinkanyezi. Ungakhohliswa imikhuba enjengaleyo! Ayiyona indlela yokukwenza uxhumane nezwe elingaziwa. Imimoya emibi isizakala ngokuthandwa kwayo abantu bese ibayenga ukuze ibaphambukise ekukhulekeleni kwabo uJehova. Uma ihluleka, ivame ukubahlukumeza nokubaphatha kabi labo abasebenzelana nayo. Uma kwenzekile lokho kuwe, yini ongayenza ukuthi uziqhathulule ethonyeni layo?
Indlela Ongaphunyuka Ngayo Ekusebenzelaneni Nemimoya
Nakhu okumelwe uqiniseke ngakho, imimoya ekhuluma nabantu iyizitha zikaNkulunkulu futhi izobhujiswa. (Jude 6) Ingabakhohlisi nabaqambimanga abazenza abantu abafile. Ungazizwa kanjani uma ungathola ukuthi umngane wakho ungumkhohlisi, akufunayo nje ukukuholela ophathe? Ungenzenjani uma ungathola ukuthi umngane wakho omthole kuyi-Internet unukubeza abanye ngokocansi? Ukubanjwa amademoni kona kuyingozi ngisho nakakhulu. Kudingeka wenze konke ongakwenza ukuze ugqashule kuwo. Yini ongayenza?
Ngemva kokuba abantu base-Efesu yasendulo befunde lokho imiBhalo ekufundisayo ngokusebenzelana nemimoya, abanye babona isidingo sokushisa izincwadi zabo zemilingo, yize zazibiza kakhulu. “Bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzEnzo 19:19, 20) Namuhla izinto ezihlobene nokulumba akuzona kuphela izincwadi, iziphandla, ama-Ouija board, nokunye okunjalo, kodwa nezinto ezitholakala ezintweni zobuchwepheshe ezinjengama-computer. Hlukana nanoma yini engase ikuholele ekusebenzelaneni nemimoya.
Khumbula indoda nomkayo esikhulume ngabo ekuqaleni kwalesi sihloko. Bafunda amakhadi abo enhlanhla, base bephetha ngokuthi kuzofika abantu abayingozi emzini wabo futhi akufanele babalalele noma bathathe noma yini kubo. Nokho, lapho uConnie noGudrun, oFakazi BakaJehova ababili, befika emzini wabo bethi baphethe izindaba ezinhle ngoNkulunkulu, uMuzi noThuli banquma ukulalela. Baxoxa ngokusebenzelana nemimoya, uConnie noGudrun babafundisa amaqiniso aseBhayibhelini. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
Ngokushesha uMuzi noThuli banquma ukuhlukana namademoni. OFakazi babachazela ukuthi cishe imimoya ngeke ikuthokozele lokho. Empeleni, uMuzi noThuli bathwala kanzima futhi bahlaselwa amademoni kabuhlungu. Kwaphela isikhathi besaba ebusuku kwaze kwaba yilapho bethuthela kwenye indlu. Phakathi naso sonke lesi sikhathi esinzima, le ndoda nomkayo bathembela emazwini akweyabaseFilipi 4:13: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” UJehova wakubusisa ukuzimisela kwabo, namademoni agcina eyekile ukubahlukumeza. Namuhla uMuzi noThuli bangabakhulekeli abajabulayo bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova.
ImiBhalo inxusa bonke abafuna isibusiso sikaJehova: “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:7, 8) UJehova uNkulunkulu angakusiza ukuba ugqashuke ethonyeni lamademoni uma uthanda. Lapho uMuzi noThuli bebheka emuva ekukhululekeni kwabo emimoyeni, bavumelana ngenhliziyo yonke namazwi eHubo 121:2: “Usizo lwami luvela kuJehova.”
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Ukuze uthole incazelo eningiliziwe ngesimo sabafileyo, bheka isahluko 6, esithi “Bakuphi Abafileyo?,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
Imikhuba yokulumba ivimbela abantu ukuba babe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—JAKOBE 4:8