Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe UZiqu-zintathu Uyimfundiso YeBhayibheli?
▪ Ziningi izindlela okuchazwa ngayo imfundiso kaZiqu-zintathu, nansi enye yazo: “Abantu abathathu baphezulu (uYise, iNdodana, uMoya Ongcwele), ngamunye kuthiwa owaphakade, ngamunye kuthiwa ungumninimandla onke, akekho omkhulu noma omncane kunomunye, ngamunye kuthiwa unguNkulunkulu, kodwa bebonke banguNkulunkulu oyedwa.” Ingabe le imfundiso yeBhayibheli?
Kuye kucashunwe uMathewu 28:19 ukuze kufakazelwe le mfundiso. IBhayibheli lesiZulu elivamile liwabeka kanje la mazwi kaJesu: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.” Yiqiniso, uYise, iNdodana nomoya ongcwele babaliwe bonke kuleli vesi. Kodwa akushiwo lutho ngokuba kwabo yinto eyodwa. UJesu wayethuma abalandeli bakhe abangamaJuda ukuba bafundise futhi babhapathize abantu egameni likaYise, leNdodana nelomoya ongcwele. Yini amaJuda ayeyikholelwa?
Lapho isizwe sakwa-Israyeli sithola isivumelwano soMthetho, esiyingxenye yeBhayibheli, sayalwa: “Ungalokothi ube nabanye onkulunkulu ngokumelene nobuso bami.” (Duteronomi 5:7) Kwakukhuluma abantu abangaki lapha? UDuteronomi 6:4 ucacile uma uthi: “O Israyeli, lalela: uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa”—akamthathu emunye. U-Israyeli wayesanda kukhululwa eGibhithe, lapho kwakukhulekelwa khona u-Osiris, u-Isis noHorus (ababoniswe kwesobunxele)—omunye wonkulunkulu abaningi abangoziqu-zintathu. Ngakho, u-Israyeli wayalwa ukuba akhulekele uNkulunkulu oyedwa kuphela. Kwakubaluleke kangakanani ukuba abantu bawuqonde lo myalo? UDkt. J. H. Hertz ongurabi, uthi: “Ukukuchaza ngokucace kanje ukuthi kumelwe kukhulekelwe unkulunkulu oyedwa kwakuphikisana nemfundiso yokukhulekela onkulunkulu abaningi . . . IShema ayizifaki izinkolelo zamaKristu zikaziqu-zintathu ngoba ziphikisa Ubunye BukaNkulunkulu.”a
Njengoba uJesu ayengumJuda ngokuzalwa, wafundiswa ukuba alandele wona lo myalo. Ngemva kokubhapathizwa, lapho elingwa uDeveli, wathi: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Mathewu 4:10; Duteronomi 6:13) Zimbili izinto esingazifunda kulokhu. Okokuqala, uSathane wayezama ukuyenga uJesu ukuba akhulekele omunye umuntu ngaphandle kukaJehova, umzamo owawuyoba ongenangqondo phela ukube uJesu ubeyingxenye kaNkulunkulu. Okwesibili, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa kuphela okumelwe akhulekelwe lapho ethi “nguye yedwa,” engasho ukuthi “yithina,” okuyinto ayeyoyisho ukube ubeyingxenye kaZiqu-zintathu.
Lapho abantu bethola ulwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi befuna ukumkhonza, babhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Bayaliqonda futhi balamukele igunya likaJehova nendima kaJesu Kristu ekufezekeni kwenjongo kaJehova. (IHubo 83:18; Mathewu 28:18) Bayawuqonda nomsebenzi womoya ongcwele kaNkulunkulu, ongamandla akhe asebenzayo, kanye nendlela osebenza ngayo.—Genesise 1:2; Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 1:21.
Sekungamakhulu eminyaka imfundiso kaZiqu-zintathu idida abantu. Ngakolunye uhlangothi, uJesu wakhanyisela abalandeli bakhe futhi wabaqondisa “kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,” uJehova.—Johane 17:3.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuvunywa kokuthi uNkulunkulu uyedwa okuvezwe kuyiShema, ewumthandazo osekelwe kuDuteronomi 6:4, kuwumgogodla wokukhulekela esinagogeni.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
Musée du Louvre, Paris